Isithembiso sikaMose siyaphindwa
1UJehova wathi kuMose: Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe, nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe.
2UNkulunkulu wakhuluma kuMose, wathi kuye: NginguJehova;
3ngabonakala kuAbrahama, nakuIsaka, nakuJakobe njengoSomandla, kepha ngegama lami lokuthi uJehova ngangingaziwa kubo.
4Futhi ngamisa isivumelwano sami nabo ukuyobanika izwe laseKhanani, izwe lokugogobala kwabo, lapho bebegogobala khona.
5Yebo, futhi ngizwile ukububula kwabantwana bakwaIsrayeli abenziwe izigqila ngabaseGibithe; ngiyakhumbula isivumelwano sami.
6Ngalokho yisho kubantwana bakwaIsrayeli ukuthi: NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.
7Ngiyakunithatha nibe-yisizwe sami, mina ngibe-nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.
8Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika uAbrahama, noIsaka, noJakobe; ngiyakunipha lona libe-yifa; nginguJehova.
9UMose wakhuluma-ke kanjalo kubo abantwana bakwaIsrayeli; kepha abamlalelanga uMose ngenxa yenhliziyo encane nemisebenzi esindayo.
10UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
11Ngena ukhulume kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba ivumele abantwana bakwaIsrayeli ukuphuma ezweni lakhe.
12UMose wakhuluma ebusweni bukaJehova, wathi: Bheka, abantwana bakwaIsrayeli abangilalelanga; uFaro angangilalela kanjani, nginezindebe zomlomo ezingasokwanga, na?
13UJehova wakhuluma kuMose nakuAroni ukuba bayale abakwaIsrayeli noFaro inkosi yaseGibithe ukukhipha abantwana bakwaIsrayeli ezweni laseGibithe.
Inzalo kaMose neka-Aroni
14Laba bayizinhloko zezindlu zawoyise: amadodana kaRubeni izibulo likaIsrayeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi; yilé imindeni kaRubeni.
15Amadodana kaSimeyoni: ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule indodana yowesifazane waseKhanani; yilé imindeni kaSimeyoni.
16Lawa angamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: ngoGereshoni, noKohati, noMerari; iminyaka yokuhamba kukaLevi yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.
17Amadodana kaGereshoni: ngoLibini noShimeyi ngemindeni yawo.
18Amadodana kaKohati: ngoAmramu, noJisihari, noHebroni, noUziyeli; iminyaka yokuhamba kukaKohati yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nantathu.
19Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi; yilé imindeni yamaLevi ngezizukulwane zayo.
20UAmramu wazithathela uJokebedi udadewabo kayise, abe-ngumkakhe; wamzalela oAroni noMose; iminyaka yokuhamba kuka-Amramu yayiyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.
21Amadodana kaJisihari: ngoKora, noNefegi, noZikiri.
22Amadodana kaUziyeli: ngoMishayeli, noElisafani, noSitri.
23UAroni wazithathela uElisheba indodakazi ka-Aminadaba, udadewabo kaNaheshoni, abe-ngumkakhe; wamzalela oNadabi, noAbihu, noEleyazare, noItamari.
24Amadodana kaKora: ngoAsiri, noElkana, noAbiyasafa; yilé imindeni kaKora.
25UEleyazare indodana ka-Aroni wazithathela enye yamadodakazi kaPhuthiyeli, ibe-ngumkakhe; yamzalela uFinehasi. Yilezi izinhloko zawoyise bamaLevi ngemindeni yawo.
26Yibo labo oAroni noMose uJehova athi kubo: Khiphani ezweni laseGibithe abantwana bakwaIsrayeli ngamabandla abo.
27Yibo labo ababekhuluma kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba akhiphe abantwana bakwaIsrayeli eGibithe; yibo oMose noAroni.
28Kwathi mhla uJehova ekhuluma kuMose ezweni laseGibithe,
29uJehova washo kuMose, wathi: NginguJehova; khuluma kuFaro inkosi yaseGibithe konke engikukhuluma kuwe.
30Wayesethi uMose ebusweni bukaJehova: Bheka, ngingowezindebe zomlomo ezingasokiwe; uFaro angangilalela kanjani na?