UMose uphiwa amandla okwenza izimangaliso
1UMose waphendula wathi: Kepha bheka, abayikukholwa yimi, bangalaleli izwi lami, ngokuba bayakusho ukuthi: UJehova akabonakalanga kuwe.
2Wayesethi kuye uJehova: Kuyini lokhu okusesandleni sakho na? Wathi: Yinduku.
3Khona wathi: Yiphonse phansi. Wayeseyiphonsa phansi. Yaphenduka inyoka; uMose wayibalekela.
4Wayesethi uJehova kuMose: Yelula isandla sakho, uyibambe ngomsila — wayeselula isandla sakhe, wayibamba; yaphenduka induku esandleni sakhe —
5ukuba bakholwe ukuthi uJehova, uNkulunkulu wawoyise, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu kaIsaka, noNkulunkulu kaJakobe, ubonakele kuwe.
6UJehova wathi futhi kuye: Faka isandla sakho esifubeni sakho. Wayesefaka isandla sakhe esifubeni sakhe; lapho esesikhipha, bheka, isandla sakhe sasinochoko, sinjengeqhwa.
7Wayesethi kuye: Buyisela isandla sakho esifubeni sakho; wayesesibuyisela isandla sakhe esifubeni sakhe; kuthé esikhipha esifubeni sakhe, bheka, sase siphendukile, sinjengenyama yakhe.
8Kuyakuthi uma bengayikukholwa nguwe, bengalaleli izwi lesibonakaliso sokuqala, bayakukholwa yizwi lesibonakaliso sasemuva.
9Kuzakuthi-ke uma bengayikukholwa nayilezizibonakaliso ezimbili, bengalaleli izwi lakho, uyakukha amanzi omfula, uwathele emhlabathini owomileyo; amanzi owakha emfuleni ayakuphenduka igazi emhlabathini owomileyo.
10UMose wayesethi kuJehova: Nkosi, angizange ngibe-ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho, ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.
11UJehova wayesethi kuye: Ngubani owenzile umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu, nesithulu, nobonayo, nempumputhe na? Akusimina, uJehova, na?
12Ngalokho hamba; ngizakuba-nomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakukukhuluma.
13Kepha wathi: O Nkosi, ake uthume ngesandla salowo ozakumthuma.
14Intukuthelo kaJehova yamvuthela uMose; wathi: Akakho umfowenu uAroni, umLevi, na? Ngiyazi ukuthi ukhuluma kahle yena. Futhi bheka, uyaphuma ukukuhlangabeza; nalapho ekubona, uyakuthokoza enhliziyweni yakhe.
15Uyakukhuluma kuye, ufake amazwi emlonyeni wakhe; ngizakuba-nomlomo wakho nomlomo wakhe, nginifundise lokho eniyakukwenza.
16Uyakukukhulumela kubantu, abengumlomo kuwe, wena ube-njengoNkulunkulu kuye.
17Uzakuphatha lenduku ngesandla sakho, oyakwenza izibonakaliso ngayo.
UMose ubuyela eGibithe
18Wayesehamba uMose, wabuyela kuJetiro umukhwe wakhe, wathi kuye: Ake ngihambe, ngibuyele kubafowethu abaseGibithe, ngize ngibone ukuthi basekhona yini. UJetiro wathi kuMose: Hamba nokuthula.
19UJehova wathi kuMose kwaMidiyani: Hamba ubuyele eGibithe, ngokuba sebafa abantu bonke bafuna ukukubulala.
20UMose wayesethatha umkakhe namadodana akhe, wabakhwelisa embongolweni, wabuyela ezweni laseGibithe; uMose waphatha induku kaNkulunkulu ngesandla sakhe.
21UJehova wathi kuMose: Ekuhambeni kwakho usubuyela eGibithe bhekisisa ukuba wenze ebusweni bukaFaro zonke izimangaliso engizibeké esandleni sakho; kepha mina ngiyakuyenza-lukhuni inhliziyo yakhe; akayikubayeka abantu ukuba bahambe.
22Uyakuthi kuFaro: Usho kanje uJehova, uthi: UIsrayeli uyindodana yami, uyizibulo lami.
23Ngiyakutshela: Yiyeke indodana yami ukuba ihambe ingikhonze; kepha awuyiyekanga; bheka, sengiyakubulala indodana yakho, izibulo lakho.
24Kwathi endleleni endlini yezihambi uJehova wahlangana naye, wafuna ukumbulala.
25USipora wayesethatha insengetsha, wanquma ijwabu lendodana yakhe, waliphonsa ngasezinyaweni zakhe, wathi: Impela ungumyeni wegazi kimi.
26Wamdedela-ke. Khona wathi: Ngumyeni wegazi ngenxa yokusoka.
27UJehova wayesethi kuAroni: Hamba umhlangabeze uMose ehlane. Wahamba, wahlangana naye entabeni kaNkulunkulu, wamanga.
28UMose wamtshela uAroni onke amazwi kaJehova amthumé nawo, nezibonakaliso zonke amyalé ngazo.
29OMose noAroni baya, babutha onke amalunga abantwana bakwaIsrayeli;
30uAroni wakhuluma onke amazwi uJehova awakhulumé kuMose, wazenza izibonakaliso emehlweni abantu.
31Abantu bakholwa-ke; sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwaIsrayeli nokuthi ukubonile ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.