Imithetho yempahla eyebiweyo neyenikezwé ukulondolozwa
1Uma umuntu eba inkabi noma imvu, ayihlabe, noma athengise ngayo, uyakukhokha inkabi ngezinkabi eziyisihlanu, nemvu ngezimvu ezine.
2Uma isela lificwa lisafohla, lishaywe lize life, akuyikuba-yicala legazi maqondana nalo.
3Uma ilanga lase liphumile phezu kwalo, kuyakuba-yicala legazi phezu kwalo. Isela liyakukhokha nokukhokha; uma lingenalutho, kuyakuthengiswa ngalo ngenxa yokweba kwalo.
4Uma okwebiweyo kufunyaniswa esandleni salo kuphilile, noma kuyinkabi, noma kuyimbongolo, noma kuyimvu, liyakukhokha kuphindwe kabili.
5Uma umuntu eklabisa ensimini noma esivinini, aziyeke nje izinkomo zakhe zize zidle ensimini yomunye, uyakukhokha nokukhokha ngokuhle kwensimu yakhe nangokuhle kwesivini sakhe.
6Uma kuvela umlilo, uvuthe emeveni kuze kushe izinhlanga zamabele, noma amabele angakavunwa, noma insimu, othungele umlilo uyakukhokha impela.
7Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imali noma impahla ukuba ayilondoloze, beseyebiwa endlini yalowomuntu, isela, uma lifunyanwa, liyakukhokha kuphindwe kabili.
8Uma isela lingafunyanwa, umninindlu uyakusondela kuNkulunkulu, kubonwe ukuba akafakanga yini isandla sakhe empahleni yomakhelwane wakhe.
9Ngezindaba zonke zamacala, eyenkabi, neyembongolo, neyemvu, neyengubo, neyento elahlekileyo, umuntu asho ngayo ukuthi ngeyakhe, indaba yabo bobabili iyakuza phambi kukaNkulunkulu; olahlwa nguNkulunkulu uyakumkhokhela umakhelwane wakhe kuphindwe kabili.
10Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imbongolo, noma inkabi, noma imvu, noma kungaba-yisilwane sini, ukuba akulondoloze, besekufa, noma kulimala, noma kuphangwa, kungabonwa-muntu,
11kuyakunquma isifungo sikaJehova phakathi kwabo bobabili sokuthi akasifakanga yini isandla sakhe empahleni yomakhelwane wakhe; umniniyo uyakusamukela isifungo, angayikhokhi.
12Kepha uma yebiwe kuye impela, uyakumkhokhela umniniyo.
13Uma idweshuliwe, makayilethe ibe-ngufakazi, angakhokhi okudweshuliweyo.
14Uma umuntu etsheleka impahla yomunye, beseyilimala noma ifa, umniniyo engekho, nayo uyakuyikhokha nokuyikhokha.
15Uma umniniyo enayo, akayikuyikhokha; uma yayiqashiwe, imali yokuqasha makayikhokhe.
Imithetho yokuphatha izintandane, nabafokazi, nabampofu nokunye
16Uma umuntu eyenga intombi engesiyo ingoduso, alale nayo, uyakuyilobola ibe-ngumkakhe.
17Uma uyise ala impela ukumnika yona, uyakukhokha imali elingene nokulotsholwa kwezintombi.
18Ungavumi ukuba umlumbikazi aphile.
19Olala nesilwane wobulawa nokubulawa.
20Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova yedwa uyakubhujiswa nokubhujiswa.
21Awuyikukhathaza umfokazi, ungamcindezeli, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.
22Aniyikuhlupha-mfelokazi nentandane.
23Uma ubahlupha nakanjani, bakhale kimi nakancane, ngiyakuzwa nokuzwa ukukhala kwabo;
24ulaka lwami luyakuvutha, ngikubulale ngenkemba, omkenu babe-ngabafelokazi, abantwana benu babe-yizintandane.
25Uma utsheleka ompofu wabantu bami okuwe imali, awuyikumphatha njengabatshelekisi; ningabizi-nzalo kuye.
26Uma uthatha ingubo yomakhelwane wakho, ibe-yisibambiso, uyakuyibuyisela kuye lingakashoni ilanga;
27ngokuba iyisimbozo sakhe esisodwa, iyisambatho somzimba wakhe; uyakulala ngani na? Kuzakuthi nxa ekhala kimi, ngizakumuzwa, ngokuba nginomusa.
28Awuyikuthuka uNkulunkulu, ungaqalekisi induna yabantu bakini.
29Awuyikulibala neminikelo yamabele neyewayini. Wonginika izibulo emadodaneni akho.
30Uyakwenze njalo nangezinkomo zakho nangezimvu zakho: liyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili wonginika lona.
31Niyakuba-ngabantu abangcwele kimi; ngalokho aniyikudla-nyama yesilwane esidweshulwé endle, kepha anoyiphonsa ezinjeni.