UJetiro uyahambela uMose
1UJetiro umpristi wakwaMidiyani, umukhwe kaMose, wezwa konke uNkulunkulu abenzele khona oMose noIsrayeli abantu bakhe, ukuthi uJehova wayemkhiphile uIsrayeli eGibithe.
2UJetiro umukhwe kaMose wathatha uSipora umkaMose, yena esekade embuyisile,
3namadodana akhe omabili, igama lenye linguGereshomu, ngokuba wayethé: Ngangingumfokazi kwelinye izwe;
4igama lenye lalinguEliyezeri, ngokuba wathi: UNkulunkulu kababa ubelusizo lwami, wangophula enkembeni kaFaro.
5UJetiro umukhwe kaMose wafika namadodana akhe nomkakhe kuMose ehlane, lapho wayemisé khona ngasentabeni kaNkulunkulu.
6Wathi kuMose: Mina-mukhwe wakho uJetiro ngizé kuwe, kanye nomkakho, namadodana akhe omabili enaye.
7UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wamkhothamela, wamanga; babuzana impilo, bangena etendeni.
8UMose wayesemlandisa umukhwe wakhe konke uJehova abekwenzile kuFaro nakubo abaseGibithe ngenxa kaIsrayeli, konke ukushikashikeka okwabehlela endleleni, nokuthi uJehova wabophula.
9UJetiro wathokoza ngakho konke okuhle uJehova akwenzile kuIsrayeli, ebophulile esandleni sabaseGibithe.
10Wathi uJetiro: Makabongwe uJehova onophulile esandleni sabaseGibithe nasesandleni sikaFaro, ebophulile abantu phansi kwesandla sabaseGibithe.
11Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.
12UJetiro umukhwe kaMose wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza uAroni kanye nawo onke amalunga akwaIsrayeli ukuyokudla nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu.
Abahluleli bamiswa kwaIsrayeli
13Kwathi ngangomuso uMose wayehlala ukwahlulela abantu; abantu babemi ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.
14Umukhwe kaMose esebona konke abenzela khona abantu, wathi: Kuyini lokhu obenzela khona abantu na? Uhlalelani wedwa, abantu bonke bemi ngakuwe kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?
15UMose wathi kumukhwe wakhe: Kungokuba abantu beza kimi ukuyombuza uNkulunkulu.
16Uma benendaba, beza kimi; ngiyahlulela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.
17Umukhwe kaMose wathi kuye: Lokhu okwenzayo akukuhle.
18Uyakudinwa nokudinwa, wena nalababantu abanawe, ngokuba lokhu kuyakusinda; awunakukwenza uwedwa.
19Kalokhu lalela izwi lami, ngikululeke, uNkulunkulu abe-nawe; ngithi: Yiba-ngumkhulumeli wabantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba kuNkulunkulu,
20ubafundise izimiso nemithetho, ubatshengise indlela abayakuhamba ngayo, nomsebenzi abayakuwenza.
21Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe-yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.
22Akube-yizona ezahlulela abantu ngezikhathi zonke, kulethwe kuwe zonke izindaba ezinkulu; kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwe yizo uqobo, kuze kube-lula kuwe, zithwalisane nawe.
23Uma wenza lokhu, noNkulunkulu ekuyala kanje, uzakuba-namandla okuma, nabo bonke lababantu bayakubuyela ezindaweni zabo benokuthula.
24UMose walalela izwi lomukhwe wakhe, wakwenza konke akushilo.
25UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kukaIsrayeli wonke, wawabeka aba-yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.
26Zahlulela abantu ngezikhathi zonke; izindaba ezilukhuni zazidlulisela kuMose, kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwa yizo uqobo.
27UMose wamvalelisa umukhwe wakhe; wasuka wabuyela ezweni lakubo.