Ukukhonona kwabakwaIsrayeli ehlane laseSini
1Basuka e-Elimi; ibandla lonke labantwana bakwaIsrayeli lafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma ezweni laseGibithe.
2Lonke ibandla labantwana bakwaIsrayeli lakhonona ngoMose nangoAroni ehlane.
3Abantwana bakwaIsrayeli bathi kubo: Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kulelihlane ukuyobulala lonke lelibandla ngendlala.
Abantu basuthiswa ngezigwaca nangemana*
4UJehova wayesethi kuMose: Bheka, ngizakuninisela isinkwa sivela ezulwini; abantu bayakuphuma, babuthe isabelo sosuku imihla ngemihla, ukuze ngibavivinye ukuthi bazakuhamba yini emthethweni wami noma qha.
5Kuzakuthi ngosuku lwesithupha bakulungise abakungenisileyo; kuzakubangokuphindwé kabili kwalokhu abakubutha imihla ngemihla.
6OMose noAroni bathi kubo bonke abantwana bakwaIsrayeli: Ngakusihlwa niyakwazi ukuthi uJehova unikhiphile ezweni laseGibithe.
7Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova, lokhu ezwile izinkonono zenu ngoJehova; thina siyini ukuba nikhonone ngathi na?
8UMose wathi: Lokhu kuzakwenzeka, lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ngazo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.
9UMose wathi kuAroni: Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwaIsrayeli ukuthi: Sondelani phambi kukaJehova, ngokuba uzwile izinkonono zenu.
10Kwathi uAroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwaIsrayeli, babheka ngasehlane; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.
11UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
12Ngizwile izinkonono zabantwana bakwaIsrayeli; khuluma kubo, uthi: Ngakusihlwa niyakudla inyama, kusasa nisuthe isinkwa, nize nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.
13Kwathi kusihlwa kwenyuka izigwaca, zasibekela ikamu*; ngakusasa kwakulele amazolo ekamu nxazonke.
14Esenyukile amazolo akade elele khona, bheka, nakho okuthile okuncane okunjengenkwethu, kuncane njengongqoqwane emhlabathini.
15Bakubona abantwana bakwaIsrayeli, bathi omunye komunye: Yini le? ngokuba babengazi ukuthi kuyini. UMose wathi kubo: Kuyisinkwa uJehova aniniké sona ukuba nisidle.
16Lokhu kuyikho uJehova ayalile ngakho ukuthi: Kubutheni, kube-yilowo nalowo njengokudla kwakhe; anothatha iyomere* ngomuntu ngokwenani labantu benu, yilowo nalowo abathathele abasetendeni lakhe.
17Abantwana bakwaIsrayeli benze njalo: abanye babutha okuningi abanye okuyingcosana.
18Lapho sebelinganisa ngeyomere*, yena owayebuthé okuningi akabanganokuseleyo, nowayebuthé okuyingcosana akaswelanga. Yilowo nalowo wabutha njengokudla kwakhe.
19UMose wayesethi kubo: Makungashiywa-lutho kukho ngumuntu kuze kuse.
20Kodwa abamlalelanga uMose; abanye kubo bashiya okunye kwaze kwasa, kwazala izimpethu, kwanuka, uMose waze wabathukuthelela.
21Bakubutha ekuseni njalo imihla ngemihla, kwaba-yilowo nalowomuntu njengokudla kwakhe; kepha nxa ilanga selibalele, kwancibilika.
22Kwathi ngosuku lwesithupha babutha isinkwa esiphindwé kabili, amayomere* amabili kumuntu munye; zonke izinduna zomhlangano zafika, zamtshela uMose.
23Wathi kuzo: Lokhu kuyikho uJehova akukhulumileyo: kusasa kulusuku lokuphumula, isabatha elingcwele likaJehova; yosani lokho eniyakukosa, nipheke lokho eniyakukupheka, nizibekele konke okuseleyo, kulondolozwe kuze kuse.
24Bakubeka kwaze kwasa, njengalokho eyalile uMose; akunukanga, akwabanampethu.
25Wayesethi uMose: Yidlani lokhu namuhla, ngokuba namuhla kuyisabatha likaJehova; namuhla aniyikukuthola endle.
26Anokubutha izinsuku eziyisithupha, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha; akuyikubakho ngalo.
27Kwathi ngosuku lwesikhombisa kwaphuma abanye abantu ukuba bakubuthe, kepha kabakutholanga.
28UJehova wathi kuMose: Niyakwala kuze kube-nini ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na?
29Bhekani, njengalokho uJehova eniphile isabatha, ngalokho uyaninika ngosuku lwesithupha isinkwa sezinsuku ezimbili; hlalani, kube-yilowo nalowo endaweni yakhe, kungaphumi-muntu endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.
30Base bephumula-ke abantu ngosuku lwesikhombisa.
31Indlu yakwaIsrayeli yaqamba igama lakho ngokuthi imana*; kwakunjengembewu yekoriyanderi*, kumhlophe; kwezwakala emlonyeni kungathi ngamaqebelengwane anezinyosi.
32UMose wathi: Lokhu kuyikho uJehova ayalile ngakho ukuthi: Makulondolozwe ezizukulwaneni iyomere* eligcweleyo lalokhu ukuba babone isinkwa enganipha sona ehlane ngisanikhipha ezweni laseGibithe.
33UMose wathi kuAroni: Thatha isitsha, ufake iyomere* eligcweleyo lemana, ukubeke phambi kukaJehova, kulondolozelwe izizukulwane zenu.
34Njengalokho uJehova emyala uMose, kanjalo uAroni wakubeka phambi kobuFakazi, kulondolozwe.
35Abantwana bakwaIsrayeli badla imana iminyaka engamashumi amane, baze bafika ezweni elakhiweyo; badla imana, baze bafika emikhawulweni yezwe laseKhanani.
36Iyomere* lingokweshumi kwe-efa*.