Ukuphakanyiswa kukaMoridekayi
1Ngalobobusuku ubuthongo babaleka enkosini, yayala ukuba kulethwe incwadi yezikhumbuzo zezindaba zemihla ngemihla, zafundwa phambi kwenkosi.
2Kwafumaniseka kulotshiwe ukuthi uMoridekayi wayelandile ngoBigithani noThereshi izinduna ezimbili zenkosi, abalindisango, ukuthi babefunile ukubeka isandla enkosini uAhashiveroshi.
3Inkosi yathi: Ludumo luni nobukhulu buni okwenzelwe uMoridekayi ngalokho na? Zase zithi izinceku zenkosi ezaziyikhonza: Akenzelwanga-lutho.
4Yayisithi inkosi: Ngubani osegcekeni na? UHamani wayesand' ukungena nje egcekeni elingaphandle lendlu yenkosi ukuba akhulume enkosini ngokuphanyekwa kukaMoridekayi emthini abemlungisele wona.
5Zathi-ke izinceku zenkosi kuyo: Bheka, uHamani umi egcekeni. Yathi inkosi: Makangene.
6Yayisithi inkosi kuye: Umuntu inkosi ethanda ukumdumisa wenzelwani na? UHamani wathi enhliziyweni yakhe: Ngubani inkosi ebiyakuthanda ukumenzela udumo ngaphandle kwami na?
7Wayesethi enkosini: Umuntu inkosi ethanda ukumenzela udumo
8makalethelwe isambatho sobukhosi ekade isembethe inkosi, kanye nehashi inkosi ekade ikhwela kulo nelifakwé enhloko yalo umqhele wobukhosi;
9isambatho nehashi makunikezwe esandleni sesinye sezikhulu ezidumileyo ukuba zimembathise lowomuntu inkosi ethanda ukumdumisa, zimkhwelise ehashini esigcawini somuzi, zimemeze phambi kwakhe ngokuthi: Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.
10Yayisithi inkosi kuHamani: Shesha, uthathe isambatho nehashi njengokusho kwakho, wenze njalo kuMoridekayi umJuda ohlezi esangweni lenkosi; makungaphuthi-lutho lwakho konke okukhulumileyo.
11UHamani wathatha-ke isambatho nehashi, wamembathisa uMoridekayi, wamkhwelisa esigcawini somuzi, wamemeza phambi kwakhe ngokuthi: Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.
12UMoridekayi wabuyela esangweni, kepha uHamani waphuthuma ekhaya ekhala, embozile ikhanda.
13UHamani walandisa uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe konke okumehleleyo. Zase zithi kuye izihlakaniphi zakhe noZereshi umkakhe: Uma uMoridekayi oqalé ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda, awuyikumahlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe.
14Besakhuluma naye, zafika izinduna zenkosi, zashesha ukumyisa uHamani edilini uEsteri alilungisileyo.