UPawulu uxwayisa ngemisebenzi yobumnyama
1Ngakho yibani-ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo,
2nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe-ngumnikelo nomhlatshelo, abe-yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.
3Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele,
4nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho makube-ngukubonga.
5Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho-sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.
Ukuhamba ekukhanyeni
6Maningakhohliswa-muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezozinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.
7Ngakho-ke ningabi-ngabahlanganyela nabo.
8Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,
9ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni,
10nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini,
11ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule;
12ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.
13Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya.
14Ngalokho uthi:
Phaphama wena oleleyo,
uvuke kwabafileyo,
uKristu uzakukukhanyisa.
15Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi-njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo,
16nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.
17Ngakho-ke ningabi-yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.
18Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,
19niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu,
20nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu,
21nithobelane ngokumesaba uKristu.
Ukuphathana kwabaganeneyo
22Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi,
23ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
24Kepha njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda ezintweni zonke.
25Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo
26ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi,
27ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla, nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe-ngcwele lingenacala.
28Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.
29Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla;
30ngokuba singamalungu omzimba wakhe.
31Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba-nyamanye.
32Lemfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.
33Nani-ke, yilowo nalowo makathande umkakhe njengokuba ezithanda yena, kepha umfazi makahloniphe indoda yakhe.