Ukwahlukana kweziphiwo zikaMoya nobunye bokukholwa
1Ngakho mina-siboshwa eNkosini ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,
2ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubhekakade nokubekezelelana ngothando,
3nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula;
4munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu;
5yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo;
6munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, ophakathi kwabo bonke.
7Kepha yilowo nalowo kithina uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKristu.
8Ngalokho uthi:
Esenyukele phezulu
wathumba abathunjiweyo,
wapha abantu izipho.
9Kepha lokhu ukuthi wenyuka, kuthini, uma kungesikho ukuthi wake wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na?
10Owehlayo nguyena owenyukela futhi ngaphezu kwamazulu onke, ukuze agcwalise konke.
11Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe-ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi,
12ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu,
13size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu sokugcwala kukaKristu,
14ukuze singabe sisaba-yizingane, sishukunyiswa okwamaza, sipheshulwa yimimoya yonke yezifundiso ngenkohliso yabantu, ngobuqili obunamacebo okudukisa;
15kodwa sithi sikhuluma iqiniso ngothando, sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu,
16okungaye umzimba wonke uhlanganisiwe, ubambene ngokwelekelelana kwamalungu onke awo njengokusebenza okulinganiselwe yilelo nalelolungu, kukhuliswe kumzimba, ube-yisakhiwo othandweni.
Izono zabangakholwayo
17Ngakho ngisho, ngifakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo,
18behlelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,
19abathi bebuthuntu, bazinikela emanyaleni, ukuze basebenze ukungcola konke ngokuhuheka.
20Kepha nina animfundanga uKristu kanjalo,
21uma-ke nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu,
22ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yokuqala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso,
23nenziwe-basha emoyeni wengqondo yenu,
24nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.
25Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye.
26Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.
27Ningamniki uSathane indawo.
28Owebayo angabe eseba, kepha kunalokho akhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe-nokokwabela osweleyo.
29Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kubengelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.
30Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube-lusuku lokuhlengwa.
31Konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi.
32Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.