1Thuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi,
ngokuba uyakusifumana emva kwezinsuku eziningi.
2Yabela abayisikhombisa nabayisishiyagalombili,
ngokuba awukwazi okubi okuyakuba-semhlabeni.
3Uma amafu egcwele imvula,
ayayithulula emhlabeni;
futhi uma kuwa umuthi ngaseningizimu noma ngasenyakatho,
endaweni lapho uwa khona umuthi, uyakuba-lapho.
4Oqaphela umoya akayikuhlwanyela;
obheka amafu kayikuvuna.
5Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi,
nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo,
kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.
6Hlwanyela imbewu yakho kusasa,
ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa,
ngokuba awazi ukuthi yiyiphi eyakuphumelela, yilena noma yileyo,
noma ziyakuba-zinhle zombili ngokufanayo.
7Ukukhanya kumnandi,
yebo, kuhle emehlweni ukubona ilanga.
8Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi,
makathokoze ngayo yonke,
akhumbule nokho nezinsuku zobumnyama
ukuthi njengokuba ziziningi, konke okufikayo kuyize.
Iziluleko kwabasha
9Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho,
inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho,
uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho
njengokubona kwamehlo akho,
kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.
10Khipha usizi enhliziyweni yakho,
udlulise okubi emzimbeni wakho,
ngokuba ubusha nobunsizwa buyize.