Isivumelwano saseHorebe
1UMose wayesebiza wonke uIsrayeli, wathi kuye: Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde, uqaphele ukuzenza.
2UJehova uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebe.
3UJehova akasenzanga lesisivumelwano nawobaba, wasenza nathi, yebo, thina esikhona lapha sonke namuhla siphilile.
4UJehova wakhuluma kinina ubuso nobuso entabeni ephakathi komlilo.
5Mina ngema phakathi kukaJehova nani ngalesosikhathi ukunazisa izwi likaJehova, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anakhuphukela entabeni. Wathi:
Imiyalelo eyishumi
6NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.
7Ungabi-nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.
8Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo zomfanekiso wokusezulwini phezulu, nokusemhlabeni phansi, nokusemanzini phansi komhlaba;
9ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina-Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,
10kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.
11Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.
12Gcina usuku lwesabatha, ulungcwelise, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile.
13Izinsuku eziyisithupha uyakusebenza, uwenze wonke umsebenzi wakho,
14kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza-msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nenkabi yakho, nembongolo yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho, ukuba inceku yakho nencekukazi yakho ziphumule njengawe.
15Wokhumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukugcina usuku lwesabatha.
16Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala, ukuze izinsuku zakho zibe-zinde, kube-kuhle kuwe ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
17Ungabulali.
18Ungaphingi.
19Ungebi.
20Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho.
21Ungafisi umfazi womakhelwane wakho; ungafisi indlu yomakhelwane wakho, nensimu yakhe, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.
22Lawomazwi uJehova wawakhuluma kuyo yonke inhlangano yenu entabeni, evela phakathi komlilo, nefu, nesigayegaye, ngezwi elikhulu, akathasiselangalutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.
23Kwathi lapho nilizwa izwi elivela phakathi kobumnyama, intaba ivutha umlilo, nasondela, kimi, zonke izinhloko zenu zezizwe zenu namalunga enu,
24nathi: Bheka, uJehova uNkulunkulu wethu usibonisile inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo; sibonile namuhla ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile.
25Ngalokho siyakufelani na? Ngokuba lomlilo omkhulu uyakusiqeda; uma silizwa futhi izwi likaJehova uNkulunkulu wethu, siyakufa.
26Ngokuba ngubani enyameni yonke ozwile njengathi izwi likaNkulunkulu ophilayo livela phakathi komlilo, waphila, na?
27Sondela wena, uzwe konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma, usitshele konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma kuwe, sikuzwe, sikwenze.
28UJehova wawezwa amazwi enu ekukhulumeni kwenu kimi; uJehova wayesethi kimi: Ngiwezwile amazwi alababantu abawakhulumé kuwe; basho kahle konke abakukhulumile.
29Sengathi kungaba-khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube-kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube-phakade.
30Hamba, usho kubo ukuthi: Buyelani ematendeni enu.
31Kepha wena, yima lapha ngakimi, ngikhulume kuwe yonke imiyalo, nezimiso, nezahlulelo oyakubafundisa khona ukuba bakwenze ezweni engibanika lona ukuba balidle.
32Niyakuqaphela ukwenza njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphenduki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.
33Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyalé ngayo, ukuze niphile, kube-kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.