Inkulumo kaMose isaqhubeka
1Sase siphenduka sakhuphuka ngendlela eya eBashani; uOgi inkosi yaseBashani waphuma wasihlasela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzokulwa ngase-Edireyi.
2UJehova wayesethi kimi: Ungamesabi, ngokuba ngimnikele yena nabo bonke abantu bakhe nezwe lakhe esandleni sakho, wena wenze kuye, njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni.
3UJehova uNkulunkulu wethu wayesenikela esandleni sethu naye uOgi inkosi yaseBashani nabantu bakhe bonke; samnqoba, akwaze kwasala-muntu kuye.
4Sathatha yonke imizi yakhe ngalesosikhathi; akubangakho-muzi esingawuthathanga kubo: imizi engamashumi ayisithupha, sonke isifunda saseArigobi, umbuso kaOgi eBashani.
5Yonke lena yayiyimizi ebiyelwe ngezingange eziphakemeyo, namasango, nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu.
6Sayichitha sayiqeda, njengalokho senza kuSihoni inkosi yaseHeshiboni, sichitha siqeda yonke imizi enamadoda nabesifazane nezingane.
7Kepha izinkomo nempango yemizi sakuthatha kwaba-yimpango yethu.
8Salithatha ngalesosikhathi izwe esandleni samakhosi ama-Amori aphesheya kweJordani, kusukela esigodini saseArinoni kuze kube-sentabeni yaseHermoni —
9eliyiHermoni elibizwa ngamaSidoni ngokuthi iSiriyoni nama-Amori alibiza ngokuthi iSeniri —
10yonke imizi yasethafeni, nalo lonke elakwaGileyadi, nalo lonke iBashani kuze kube-seSaleka nase-Edireyi, imizi yasembusweni kaOgi eBashani.
11Ngokuba uOgi kuphela, inkosi yaseBashani, wasala ensalini yamaRefa; bheka, ibhokisi lakhe laliyibhokisi lensimbi; angithi liseRaba kubantwana bakwa-Amoni; ubude balo babuyizingalo eziyisishiyagalolunye, nobubanzi balo buyizingalo ezine, ngokwengalo yomuntu.
12Lelozwe salidla ngalesosikhathi; izwe elisukela eAroweri elisesigodini saseArinoni, nenxenye yezintaba zakwaGileyadi, nemizi yalo, sabanika khona abakwaRubeni nabakwaGadi;
13insali yakwaGileyadi, nalo lonke iBashani, umbuso kaOgi, nganika lokho inxenye yesizwe sakwaManase, sonke isifunda saseArigobi neBashani lonke elibizwa ngokuthi izwe lamaRefa.
14UJayire indodana kaManase wathatha sonke isifunda saseArigobi kuze kube-semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhati, wasibiza — lona iBashani — ngegama lakhe ngokuthi iHawoti-Jayire kuze kube-namuhla.
15Ngamnika uMakiri elakwaGileyadi.
16AbakwaRubeni nabakwaGadi ngabanika okusukela kwaGileyadi kuze kubesesigodini saseArinoni phakathi nesigodi — kwaba-ngumkhawulo — nasemfuleni iJaboki elingumkhawulo wabantwana bakwa-Amoni,
17neAraba futhi, neJordani elingumkhawulo, kusukela eKinereti kuze kubeseLwandle lwaseAraba, uLwandle lukaSawoti, phansi kwemithambeka yasePisiga ngasempumalanga.
18Ngalesosikhathi nganiyala ngathi: UJehova uNkulunkulu wenu uninikile lelizwe ukuba nilidle; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, abantwana bakwaIsrayeli, nonke eningamadoda anesibindi.
19Kepha omkenu, nabancane benu, nezinkomo zenu — ngiyazi ukuthi ninezinkomo eziningi — bayakuhlala emizini yenu engininiké yona,
20uJehova aze aphe abafowenu ukuphumula njengani, nabo balidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu ayakubanika lona ngaphesheya kweJordani, andukuba nibuyele, kube-yilowo nalowo ezweni lakhe engininiké lona.
21Ngamyala uJoshuwa ngalesosikhathi, ngathi: Amehlo akho abonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzile kulawomakhosi amabili: kanjalo uJehova uyakwenza kuyo yonke imibuso eniyidabulayo.
22Aniyikubesaba, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguyena onilwelayo.
23Ngalesosikhathi ngacela kuJehova, ngathi:
24Nkosi Jehova, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza njengemisebenzi yakho nanjengezenzo zakho zamandla na?
25Ake ngiwele, ngilibone izwe elihle elingaphesheya kweJordani, leyontaba enhle, neLebanoni.
26Kepha uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, akangizwanga; uJehova wayesethi kimi: Mawudele; ungabe usakhuluma nami ngalendaba.
27Khuphukela esiqongweni sasePisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu, nangasempumalanga, ulibheke ngamehlo akho, ngokuba awuyikuliwela leliJordani.
28Kepha yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela phambi kwalababantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.
29Sahlala-ke esigodini esimalungana neBeti-Peyori.