Izibhebhe ezintsha zamatshe
1Ngalesosikhathi uJehova wathi kimi: Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ukhuphukele kimi entabeni, uzenzele umphongolo womuthi.
2Ngiyakuloba ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphula, uzifake emphongolweni.
3Ngase ngenza-ke umphongolo womuthi womtholo, ngabaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngakhuphukela entabeni nginezibhebhe zombili esandleni sami.
4Waloba ezibhebheni njengokulotshwa kokuqala imiyalelo eyishumi uJehova ayikhulumayo kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana; uJehova wanginika zona.
5Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokho uJehova ebengiyala.
Ukufa kuka-Aroni
6Abantwana bakwaIsrayeli basuka eBeyeroti-Bene-Jahakani, bafika eMosera; uAroni wafela khona, wembelwa khona; uEleyazare indodana yakhe wakhonza ebupristini esikhundleni sakhe.
7Basuka lapho, baya eGudigoda; basuka eGudigoda baya eJothabata, izwe lemifudlana yamanzi.
Ukwahlukaniswa kwamaLevi
8Ngalesosikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, sime phambi kukaJehova ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kubenamuhla.
9Ngalokho uLevi akanasabelo noma ifa kanye nabafowabo; uJehova uyifa lakhe njengokukhuluma kukaJehova uNkulunkulu wakho kuye.
10Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; uJehova wangilalela nangalesosikhathi, akanibhubhisanga.
11UJehova wayesethi kimi: Vuka uhambe phambi kwabantu; bayakungena, balidle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.
Isiyalezo sokulalela imiyalo kaJehova
12Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,
13ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolosuku ukuba kube-kuhle kuwe, na?
14Bheka, izulu nezulu lamazulu lingelikaJehova uNkulunkulu wakho, nomhlaba nakho konke okukuwo.
15Nokho uJehova wanamathela koyihlo, wabathanda, wakhetha inzalo yabo emva kwabo, yebo, nina ngaphezu kwabantu bonke, njenganamuhla.
16Ngalokho sokani ijwabu lezinhliziyo zenu, ningabe nisaba-ntamo ilukhuni.
17Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi-buso bamuntu, nongamukelimvuzo.
18Uyenza ukwahlulela kwezintandane nokomfelokazi, uyathanda umfokazi ngokumnika ukudla nezingubo.
19Thandani-ke umfokazi, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.
20Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.
21Uludumo lwakho, unguNkulunkulu wakho okwenzele lezizinto ezinkulu nezesabekayo azibonileyo amehlo akho.
22Oyihlo behla, baya eGibithe bengabantu abangamashumi ayisikhombisa; manje uJehova uNkulunkulu wakho ukwenzile ube-ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.