UMose ulanda ngokwenzekileyo ekuhambeni kwabakwaIsrayeli ehlane
1Lawa angamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwaIsrayeli ngaphesheya kweJordani ehlane eAraba, malungana neSufi, phakathi kwePharanu, neThofeli, neLabani, neHaseroti, neDiZahabi,
2kuyizinsuku eziyishumi nanye ukusuka eHorebe ngendlela yasentabeni yaseSeyiri ukuya eKadeshi-Barineya.
3Kwathi ngomnyaka wamashumi amane ngenyanga yeshumi nanye ngolokuqala lwenyanga uMose wakhuluma kubantwana bakwaIsrayeli njengakho konke uJehova amyalé ngakho ukuba akukhulume kubo,
4esenqobile uSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni, no-Ogi inkosi yaseBashani, owahlala eAshitaroti ngase-Edireyi.
5Ngaphesheya kweJordani ezweni lakwaMowabi uMose waqala ukuchasisela lomthetho ngokuthi:
6UJehova uNkulunkulu wethu wakhuluma kithi eHorebe, wathi: Sekuyisikhathi eside nihlalé kulentaba;
7phendukani nihambe, niye entabeni yama-Amori nasezindaweni zonke eziseduze nakhona eAraba, ezintabeni, nangenzansi, naseningizimu, nangasogwini lolwandle, ezweni lamaKhanani, naseLebanoni, kuze kube-semfuleni omkhulu, umfula uEwufrathe.
8Bhekani, ngilibekile izwe phambi kwenu; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo, oAbrahama, noIsaka, noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.
9Ngakhuluma kini ngalesosikhathi, ngathi: Anginakunithwala mina ngedwa;
10uJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.
11UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makathasisele kulokhu eniyikho kayinkulungwane, anibusise, njengalokho wakhuluma kini.
12Mina ngedwa ngingathwala kanjani izinhlupheko zenu, nemithwalo yenu, nokuxabana kwenu na?
13Nizithathele amadoda ahlakaniphileyo, aqondileyo, awaziwayo ezizweni zenu, ngiwenze abe-yizinhloko phezu kwenu.
14Nangiphendula nathi: Okukhulumileyo kuhle kithi ukukwenza.
15Ngase ngithatha izinhloko zezizwe zenu, amadoda ahlakaniphileyo nawaziwayo, ngawenza aba-yizinhloko phezu kwenu: izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi, neziphathimandla ezizweni zenu.
16Ngabayala abahluleli benu ngalesosikhathi, ngathi: Zwanini okuphakathi kwabafowenu, nahlulele ngokulungileyo phakathi komuntu nomfowabo, nomfokazi okuye.
17Maningakhethi abantu ekwahluleleni, nimuzwe omncane njengomkhulu, ningesabi ubuso bamuntu, ngokuba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; indaba elukhuni kini niyilethe kimi, ngiyizwe.
18Nganiyala ngalesosikhathi ngakho konke ebeniyakukwenza.
19Sasuka eHorebe, sadabula lelohlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo ngasendleleni yasentabeni yama-Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala, saze safika eKadeshi-Barineya.
20Ngase ngithi kini: Senifikile entabeni yama-Amori uJehova uNkulunkulu wethu asinika yona.
21Bhekani, uJehova uNkulunkulu wenu ulibekile izwe phambi kwenu: khuphukani nilidle, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo akhuluma kini; ningesabi, ningapheli amandla.
22Nasondela kimi nina nonke, nathi: Masithume amadoda phambi kwethu ukuba asihlolele izwe, asibuyisele izwi ngendlela esimelwe ukukhuphuka ngayo, nangemizi esiyakufika kuyo.
23Leyonto yabanhle emehlweni ami, ngathatha kini amadoda ayishumi nambili, kwaba-yindoda inye kuleso nalesosizwe.
24Wona ayesephenduka, akhuphukela entabeni, afika esiGodini sase-Eshikoli, asihlola.
25Athatha ngezandla zawo ezithelweni zezwe, azehlisela kithi, asibuyisela izwi, athi: Yizwe elihle uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.
26Nokho anithandanga ukukhuphuka, kepha nahlubuka esiyalezweni sikaJehova uNkulunkulu wenu;
27nakhonona ematendeni enu, nathi: Ngokuba uJehova wasizonda, wasikhipha ezweni laseGibithe ukuba asinikele esandleni sama-Amori, sichithwe.
28Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile izinhliziyo zethu ziphele amandla ngokusho ukuthi: Abantu bakhulu, bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe kuze kube-sezulwini; futhi sibonile amadodana ama-Anaki khona.
29Ngase ngithi kini: Ningashaywa luvalo, ningabesabi.
30UJehova uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyakunilwela njengakho konke anenzela khona eGibithe emehlweni enu,
31nasehlane lapho uboné khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuthwala njengendoda ithwala indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kulendawo.
32Noma kunjalo, anikholwanga nokho nguJehova uNkulunkulu wenu
33owahamba phambi kwenu endleleni ukunifunela indawo ukuba nimise kuyo amatende enu, ngomlilo ebusuku ukunibonisa indlela ebeniyakuhamba ngayo, nangefu emini.
34UJehova wezwa izwi lokukhuluma kwenu, wathukuthela, wafunga wathi:
35Impela akuyikubona noyedwa walababantu balesisizukulwane esibi izwe elihle engafunga ukubanika lona oyihlo,
36ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune; yena uyakulibona; ngiyakumnika yena nabantwana bakhe izwe alinyatheleyo, ngokuba umlandele uJehova wakhe ngokupheleleyo.
37Futhi uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wathi: Nawe awuyikungena khona;
38uJoshuwa indodana kaNuni omi phambi kwakho uyakungena khona; mqinise wena, ngokuba uyakumenza uIsrayeli adle ifa lalo.
39Abancane benu enasho ukuthi bayakuba-yimpango, nabantwana benu abangakwazi namuhla okuhle nokubi bayakungena khona, ngibanike lona, balidle.
40Kepha nina anophenduka, nihambe, niye ehlane ngendlela eya eLwandle oluBomvu.
41Nase niphendula, nithi kimi: Sonile kuJehova; siyakukhuphuka silwe njengakho konke asiyala ngakho uJehova uNkulunkulu wethu. Nabhincisa, kwaba-yilowo nalowo izikhali zakhe zokulwa; kwase kuba-lula kini ukuba nikhuphukele entabeni.
42UJehova wayesethi kimi: Yisho kubo ukuthi: Ningakhuphuki, ningalwi, ngokuba angikho phakathi kwenu, ukuze ningabulawa phambi kwezitha zenu.
43Ngakhuluma-ke kanjalo kini, analalela, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, naziqhenya, nakhuphukela entabeni.
44Ama-Amori ayehlala kuleyontaba aphuma anihlasela, anixosha njengokwenza kwezinyosi, aninqoba eSeyiri, kwaze kwaba-seHorma.
45Nabuye nakhala phambi kukaJehova, kepha uJehova akalalelanga izwi lenu, kanizwanga.
46Nase nihlala eKadeshi izinsuku eziningi njengezinsuku enazihlala khona.