1Ngalesosikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esiqhamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba-yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibekhona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube-yilesosikhathi; ngalesosikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.
2Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.
3Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube-phakade naphakade.
4Kepha wena-Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube-sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube-kuningi.
5Ngase ngibona mina-Daniyeli; bheka, kwakumi abanye ababili, omunye ogwini lomfula nganeno, omunye ogwini lomfula ngaphesheya.
6Omunye wathi kumuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula: Kuyakuba-nini ukuphela kwalezizimangaliso na?
7Ngezwa umuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube-phakade ukuthi kuyakuba-ngokwesikhathi, nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezozinto ziyakuqedwa.
8Ngakuzwa, kepha angiqondanga; besengithi: Nkosi yami, ukuphela kwalokho kuyakuba-yini na?
9Wathi: Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avalelwe, anamathelisiwe kuze kube-sesikhathini sokugcina.
10Abaningi bayakuzihlanza, bazenzemhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi, kodwa akayikuqonda noyedwa omubi; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.
11Kusukela esikhathini sokususwa komnikelo oshiswa imihla yonke nokumiswa kwesinengiso esichithayo kuyakuba-yizinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisishiyagalolunye.
12Ubusisiwe olindayo afinyelele ezinsukwini eziyinkulungwane namakhulu amathathu namashumi amathathu nanhlanu.
13Kepha hamba wena kuze kube-sekupheleni; usuphumulile uyakuma esabelweni sakho ngasekupheleni kwezinsuku.