Isibingelelo
1UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane
2kubo abaseKolose, abangcwele nabazalwane abakholwayo kuKristu; makube-kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu.
UPawulu ubonga ukukholwa nothando lwabaseKolose
3Simbonga njalonjalo uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, nxa sinikhulekela,
4lokhu sizwile ngokukholwa kwenu kuKristu Jesu nangothando eninalo kubo bonke abangcwele,
5ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli
6elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke lithela izithelo, landa, njengokuba kunjalo naphakathi kwenu, kusukela osukwini enezwa ngalo, nazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso,
7njengalokho nafunda kuEphafra othandekayo oyinceku kanye nathi, oyisikhonzi esithembekayo sikaKristu ngenxa yenu;
8okunguyena futhi wasitshela ngothando lwenu ngoMoya.
UPawulu ubakhulekela kuJesu
9Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya,
10nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,
11niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube-ngukubekezela konke nokubhekakade ngokujabula;
12nibonga uYise owanenza nifanele isabelo sefa labangcwele ekukhanyeni,
13owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe;
14okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono,
15yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke,
16ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi, nokuba kuyimibuso, nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona;
17yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo;
18yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe-ngowokuqala ezintweni zonke,
19ngokuba kwaba-kuhle kuye ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo
20nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, nokuba kuyizinto ezisemhlabeni nokuba ngezisezulwini.
21Nani ekade ningabafokazi nezitha engqondweni ngemisebenzi emibi,
22nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe,
23uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe nigxilile, ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo minaPawulu.
UPawulu uthokozela ukubasebenzela nokubalwela
24Kalokhu ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu ngokugcwalisa okusileleyo osizini lukaKristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;
25engenziwa isikhonzi salo ngokwesimiso sikaNkulunkulu enganikwa sona maqondana nani ukuba ligcwaliswe izwi likaNkulunkulu,
26ngisho imfihlakalo ebifihlakele selokhu kwaqala izikhathi nezizukulwane, kepha kalokhu yambuliwe kwabangcwele bakhe;
27okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyomfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;
28okunguye esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha konke, ukuze simise wonke umuntu ephelele kuKristu,
29engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.