Iziprofetho ngokwahlulelwa kwezizwe
1Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, awabonayo ngoIsrayeli emihleni kaUziya inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwaIsrayeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.
2Wathi:
UJehova uyaduma eseSiyoni,
ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema;
amadlelo abelusi ayakulila,
nesiqongo saseKarmeli siyakubuna.
3Usho kanje uJehova, uthi:
Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseDamaseku,
yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,
ngokuba babhula iGileyadi ngezibhulo ezibukhali zensimbi.
4Kepha ngiyakuthuma umlilo endlini kaHazayeli,
uqede izindlu zobukhosi zikaBeni-Hadadi.
5Ngiyakwaphula imigoqo yaseDamaseku,
nginqume abakhileyo eBikati-Aveni,
nophethe intonga eBeti-Edene,
abantu baseAramu bathunjelwe eKhiri, usho uJehova.
6Usho kanje uJehova, uthi:
Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseGaza,
yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,
ngokuba bathumba abantu ngokuthumba okupheleleyo
ukuba babakhaphele kuEdomi.
7Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza,
uqede izindlu zalo zamakhosi.
8Ngiyakunquma abakhileyo eAshidodi,
nophethe intonga eAshikeloni,
ngiphendulele isandla sami e-Ekroni;
nensali yamaFilisti iyakuphela, isho iNkosi uJehova.
9Usho kanje uJehova, uthi:
Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire,
yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,
ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo kuEdomi,
bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane.
10Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseTire,
uqede izindlu zalo zamakhosi.
11Usho kanje uJehova, uthi:
Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaEdomi,
yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,
ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba,
walahla isihe sakhe,
wagcina ulaka lwakhe,
wayilondoloza intukuthelo yakhe.
12Kepha ngiyakuthuma umlilo eThemani,
uqede izindlu zamakhosi zaseBosira.
13Usho kanje uJehova, uthi:
Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni,
yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,
ngokuba baqaqile abakhulelweyo kwaGileyadi
ukuba bayenze-banzi imikhawulo yabo.
14Kepha ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseRaba,
uqede izindlu zalo zamakhosi
ngokumemeza ngosuku lokulwa,
nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.
15Inkosi yabo iyakuya ekuthunjweni,
yona nezikhulu zayo kanyekanye, usho uJehova.