Ukuziphendulela kukaStefanu
1Umpristi omkhulu wayesethi: Nembala lokhu kunjalo na?
2Yena wathi:
Madoda, bazalwane, nani-bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba uAbrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana,
3wathi kuye: Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engizakukukhombisa lona.
4Khona waphuma ezweni lamaKaledi, waya wakha eHarana. Kwathi esefile uyise, uNkulunkulu wamsusa lapho, wamhlalisa kulelizwe enakhé kulo nina manje.
5Kepha akamnikanga ifa kulo, ngisho nelingangonyawo, wathembisa kodwa ukuthi uzakumnika lona libe-ngelakhe nelenzalo yakhe emva kwakhe, engakabinamntwana.
6UNkulunkulu wakhuluma kanje, wathi: Inzalo yakhe izakuba-ngumfokazi ezweni lezizwe; bayakuyenza izigqila, bayiphathe kabi iminyaka engamakhulu amane.
7Kepha lesosizwe abayakuba-yizigqila kuso ngiyakusahlulela mina, washo uNkulunkulu, andukuba baphume, bangikhonze kulendawo.
8Wayesemnika isivumelwano sokusoka; kanjalo-ke wazala uIsaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili; uIsaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili.
9Okhokho baba-nomhawu ngoJosefa, bathengisa ngaye, wasiwa eGibithe; kodwa uNkulunkulu wayenaye,
10wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; yena wammisa abe-ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe.
11Kepha kwafika indlala kulo lonke iGibithe nakwaKhanani, nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumana ukudla.
12UJakobe esezwile ukuthi kukhona ukudla eGibithe, wathuma obaba ngokokuqala;
13kwathi ngokwesibili uJosefa waziwa ngabafowabo; kwabonakala kuFaro isizwe sakubo kaJosefa.
14UJosefa wayesethumela wabiza uJakobe uyise nabakubo bonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu.
15UJakobe wehlela eGibithe; wafa yena nawobaba.
16Bayiswa eSikemi, babekwa ethuneni alithenga uAbrahama ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eSikemi.
17Kepha sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asisho kuAbrahama, banda abantu, baba-baningi eGibithe,
18kwaze kwavela enye inkosi eGibithe ebingamazi uJosefa.
19Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlupha obaba ngokulahlisa izingane zabo zingaphili.
20Ngalesosikhathi kwazalwa uMose, waba-muhle kuNkulunkulu; wondliwa izinyanga ezintathu endlini kayise;
21eselahliwe, indodakazi kaFaro yamthola, yazondlela yena ukuba abe-yindodana yayo.
22UMose wafundiswa ukuhlakanipha konke kwabaseGibithe; waba-namandla ngamazwi nangemisebenzi yakhe.
23Kuthé eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba abamele abafowabo, abantwana bakwaIsrayeli.
24Wabona umuntu ephathwa kabi, wamvikela, wamphindisela ohlushwayo, wambulala owaseGibithe.
25Ubethemba ukuthi abafowabo bayakuqonda ukuthi uNkulunkulu ubanika ukusindiswa ngesandla sakhe; kepha abakuqondanga.
26Nangangomuso wafika kubo belwa, wazama ukubalamula, babuyisane, wathi: Madoda, ningabazalwane; niphathanelani kabi na?
27Kepha lowo owayemona umakhelwane wakhe wamhlohloloza wathi: Ubekwé ngubani ube-ngumbusi nomahluleli phezu kwethu na?
28Usufuna ukungibulala nami, njengalokho ubulele owaseGibithe izolo na?
29Khona uMose wabaleka ngenxa yalelozwi, waba-ngumfokazi ezweni lakwaMidiyani, lapho azala khona amadodana amabili.
30Kwathi sekuphelele iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni.
31UMose ekubona wamangala ngalowombono; esasondela ukuba abhekisise, kwafika izwi leNkosi, lathi:
32NginguNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama nokaIsaka nokaJakobe. UMose wathuthumela, akabanasibindi sokubhekisisa.
33INkosi yayisithi kuye: Khumula izicathulo ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele.
34Ngikubonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza kalokhu, ngizakukuthumela eGibithe.
35UMose lowo abamalayo bethi: Ubekwé ngubani ube-ngumbusi nomahluleli na? nguyena amthumayo uNkulunkulu ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni, abe-ngumbusi nomhlengi.
36Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle oluBomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane.
37Nguye uMose lowo owathi kubantwana bakwaIsrayeli: UNkulunkulu uyakunivusela umprofethi kubafowenu onjengami.
38Nguye lowo owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma naye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, nowamukela amazwi okuphila, ukuze aninike wona.
39Kepha obaba abavumanga ukumlalela, kodwa bamhlohloloza, babuyela emuva eGibithe ngezinhliziyo zabo,
40bathi kuAroni: Senzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu; ngokuba uMose lowo owasikhipha ezweni laseGibithe, asazi ukuba wehlelwe yini.
41Benza ithole ngaleyomihla, baletha umhlatshelo esithombeni, bajabula ngemisebenzi yezandla zabo.
42Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi:
Naningilethela iminikelo nemihlatshelo
iminyaka engamashumi amane ehlane nina-ndlu kaIsrayeli na?
43Qha, nathatha itende likaMoloki
nenkanyezi kankulunkulu uRemfani,
imifanekiso enayenza ukuba nikhuleke kuyo.
Ngiyakunimukisela ngaphambili kweBabiloni.
44Kwakukhona itende lobufakazi kobaba ehlane njengalokho akuyalayo yena owakhuluma noMose ukuba alenze ngomfanekiso abewubonile;
45obaba benoJoshuwa balamukela, balingenisa ezweni lezizwe azixoshayo uNkulunkulu ebusweni bawobaba, kwaze kwaba-semihleni kaDavide
46owathola umusa ebusweni bukaNkulunkulu, wacela ukufunela uNkulunkulu kaJakobe idokodo.
47Kepha nguSolomoni owamakhela indlu.
48Kodwa oPhezukonke akahlali ezindlini ezenziwe ngezandla njengokusho komprofethi ukuthi:
49Izulu liyisihlalo sami sobukhosi,
nomhlaba uyisenabelo sezinyawo zami;
ngenjani indlu eniyakungakhela yona, isho iNkosi,
noma yiyiphi indawo yami yokuphumula na?
50Isandla sami asikwenzanga konke lokho na?
51Nina-bantamo-zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani.
52Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,
53nina enamukela umthetho ngokuyala kwezingelosi, kepha aniwugcinanga.
Ukufa kukaStefanu
54Kwathi bekuzwa lokho, bahlabeka ezinhliziyweni, bamgugudela amazinyo.
55Kepha yena egcwele uMoya oNgcwele wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu,
56wathi: Bheka, ngibona izulu livuliwe, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
57Base bekhamuluka ngezwi elikhulu, bavala izindlebe, batheleka kuye kanyekanye,
58bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa egama layo linguSawulu.
59UStefanu bamkhanda ngamatshe ekhuleka ethi: Nkosi Jesu, yamukela umoya wami.
60Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: Nkosi, ungababaleli lesisono. Eseshilo lokho walala ubuthongo.