UPawulu umangalelwa kuFeliksi; ugcinwa eKesariya eyisiboshwa
1Emva kwezinsuku eziyisihlanu umpristi omkhulu uAnaniya wewuka kanye namalunga athile nommeli othile uTertulu; laba bammangalela uPawulu kumbusi.
2Yena esebiziwe, uTertulu waqala ukumbeka icala, ethi: Lokho ukuthi ngenxa yakho sitholile ukuthula okukhulu nangokubonelela kwakho lesisizwe senzelwe okuhle okuningi
3siyakwamukela ngezikhathi zonke nasezindaweni zonke ngokubonga okukhulu, Feliksi odumileyo.
4Kepha ukuba ngingakubambezeli, ngiyakuncenga ukuba ngobumnene bakho usizwe ngokufushane.
5Ngokuba lendoda siyifumene iyishinga evusa ukwambuka phakathi kwabaJuda ezweni lonke, eyinhloko yehlelo lamaNazaretha,
6yalinga nokungcolisa ithempeli; sayibamba, sathanda ukuyahlulela ngomthetho wakithi.
7Kepha kwafika uLisiya induna yenkulungwane, wamthatha ngendluzula enkulu ezandleni zethu,
8eyala abambeka icala ukuba beze kuwe, ukuze umbuzisise wena uqobo, uzwe ngakho konke esimmangalela ngakho.
9NabaJuda bakuvuma lokho, bathi kunjalo.
10Umbusi esemqhwebile ukuba akhulume, uPawulu waphendula wathi: Lokhu ngiyazi ukuthi sekuyiminyaka eminingi ungumahluleli kulesisizwe, ngiyaziphendulela ngesibindi;
11futhi ungaqonda ukuthi akungaphezu kwezinsuku ezinyishumi nambili ngikhuphukile ukuyokhuleka eJerusalema;
12abangifumananga ngiphikisana namuntu, nakuba ngivusa isiphithiphithi esixukwini, nasethempelini, nasemasinagogeni*, nasemzini,
13futhi bangekuqinise kuwe lokhu abangibeka icala ngakho manje.
14Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi;
15nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakubakhona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.
16Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe-nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.
17Kwathi emva kweminyaka eminingi ngafika ukuletha izipho esizweni sakithi neminikelo,
18okuthé ngikulokho bangifumana ethempelini ngihlanjululiwe, kungekho isixuku nomsindo,
19abaJuda abathile baseAsiya ababefanele ukuvela phambi kwakho, bangimangalele, uma benotho ngami.
20Nokuba mabasho laba ukuthi bafumanani okungalungile mhla ngimi phambi komphakathi,
21ngaphandle kwalelozwi elilodwa engalimemeza ngimi phakathi kwabo lokuthi: Ngokuvuka kwabafileyo mina ngimangalelwa yinina namuhla.
22Kepha uFeliksi ekwazi ngokucacileyo okwaleyoNdlela wabahlehlisa ethi: Lapho uLisiya induna yenkulungwane esewukile, ngizakuyinquma indaba yenu;
23wayala induna yekhulu ukuba agcinwe, kepha abe-nenkululeko, kunganqatshelwa-muntu wakubo ukumkhonza.
UPawulu ushumayela kuFeliksi ngoKristu
24Kepha emva kwezinsuku ezithile wafika uFeliksi noDrusila umkakhe owayengumJudakazi, wabiza uPawulu, wamuzwa ngokukholwa nguKristu Jesu.
25Esakhuluma ngokulunga, nangokuzithiba, nangokwahlulela okuzayo, uFeliksi washaywa luvalo, waphendula wathi: Okwamanje hamba; kepha nxa ngithola isikhathi, ngizakukubiza;
26wethemba futhi ukuthi uzakunikwa imali nguPawulu; ngalokho wayehlezé embiza, ekhuluma naye.
27Kepha sekuphelile iminyaka emibili, uFeliksi walandelwa nguPorkiyu Festu; kodwa uFeliksi efuna ukubongwa ngabaJuda washiya uPawulu eboshiwe.