Uhambo lwesithathu lukaPawulu: useMakedoniya
1Sesiphelile isiyaluyalu, uPawulu wababiza abafundi, wabavuselela, wavalelisa, wamuka waya eMakedoniya.
2Esedabulile lezozindawo, ebavuselela ngamazwi amaningi, wafika ezweni lamaGreki,
3wahlala khona izinyanga ezintathu; abaJuda sebenzile icebo ngaye esezakumuka ngomkhumbi ukuya eSiriya, wazimisela ukubuyela emuva edabula iMakedoniya.
4Waphelekezelwa nguSophatru kaPhiru waseBereya, nabaseThesalonika oAristarku noSekhundu, noGayu waseDerbe, noThimothewu, nabaseAsiya oThikhiku noTrofimu.
5Laba basandulela, basilindela eTrowa.
6Kepha thina samuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zezinkwa ezingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa.
UPawulu uvusa uEvitiku ekufeni
7Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, sesibuthene ukuba sihlephule isinkwa, uPawulu washumayela kubo ebezakumuka ngangomuso, welula amazwi akhe kwaze kwaba-phakathi kobusuku.
8Kwakukhona izibani eziningi ekamelweni eliphezulu esasibuthene kulo.
9Kwakuhlezi efasiteleni insizwa ethile igama layo linguEvitiku, eyazunywa ngubuthongo obunzima, uPawulu eshumayela isikhathi eside; isiyahlulwé ngubuthongo, yawa phansi isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile.
10Kepha uPawulu wehla, wawa phezu kwayo, wayisingatha, wathi: Ningaxokozeli, ngokuba umphefumulo wayo usekhona kuyo;
11esenyukile wahlephula isinkwa, wadla, wakhuluma nabo isikhathi eside kwaze kwasa; wayesemuka-ke.
12Base bemletha umfana ephilile, baduduzeka kakhulu.
13Kepha thina sandulela ukuya emkhunjini, samuka saya eAsu, lapho sasizakumkhwelisa khona uPawulu; ngokuba wayenqumile kanjalo, yena ebezakuhamba ngezinyawo.
14Kwathi esehlangene nathi eAsu, samkhwelisa, safika eMithilene;
15sesimukile lapho ngomkhumbi, ngangomuso safika maqondana neKiyu; ngangomhlomunye sasondela eSamu; ngolulandelayo safika eMilethu.
16Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angalibali isikhathi eAsiya; ngokuba wayekhawulezela ukuba, uma kungenzeka, abe-khona eJerusalema ngosuku lwePhentekoste.
UPawulu uvalelisa kwabaseEfesu eMilethu
17EseMilethu wathumela e-Efesu, wabiza amalunga ebandla.
18Kwathi esefikile kuye, wathi kuwo: Niyazi nina ukuthi kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo eAsiya nganginjani isikhathi sonke nginani,
19ngikhonza iNkosi ngakho konke ukuthobeka, nangezinyembezi, nangokulingwa okwangehlela ngamacebo abaJuda,
20nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu,
21ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.
22Kepha manje, bhekani, mina sengiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuzakungehlela khona,
23kuphela ukuba uMoya oNgcwele uyafakaza kimi imizi ngemizi ethi izibopho nezinhlupheko zingihlalela.
24Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube-yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.
25Kalokhu bhekani, ngiyazi ukuthi anisayikubona ubuso bami nina nonke engahamba phakathi kwenu, ngishumayela umbuso.
26Ngakho-ke ngiyafakaza kini ngalolusuku lwanamuhla ngithi anginacala egazini labo bonke.
27Ngokuba angigwemanga ukunitshela lonke icebo likaNkulunkulu.
28Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeké kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe-ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe.
29Mina ngiyazi ukuthi emva kokumuka kwami kuzakungena kini izimpisi ezihahayo zingawuhawukeli umhlambi,
30naphakathi kwenu kuzakuvuka amadoda akhuluma okudukisayo, ahunge abafundi ukubalandela.
31Ngakho lindani, nikhumbule ukuthi ngeminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngabanye ngezinyembezi.
32Kalokhu sengiyanibeka eNkosini nasezwini lomusa wayo, yona enamandla okwakha nokwabela ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiweyo.
33Angifisanga-siliva lamuntu, nagolide, nangubo;
34nina niyazi ukuthi lezizandla zasebenzela izinswelo zami nezababenami.
35Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: Kubusisekile ukupha kunokwamukela.
36Eseshilo lokho waguqa phansi kanye nabo bonke, wakhuleka.
37Bakhala kakhulu bonke, bamgona uPawulu ngentamo, bamanga,
38belusizi kakhulu ngezwi alishilo lokuthi abasayikubona ubuso bakhe. Base bemphelekezela, baya emkhunjini.