UPetru ulandisa eJerusalema indaba kaKorneliyu
1Kepha abaphostoli nabazalwane abaseJudiya bezwa ukuthi nabezizwe balamukele izwi likaNkulunkulu.
2Kwathi ukuba uPetru enyukela eJerusalema, abokusoka baphikisana naye,
3bathi: Ungené kubantu abangasokile, wadla nabo.
4Kepha uPetru wabathathela konke ngokulandelana, wathi:
5Mina bengisemzini waseJopha ngikhuleka; ngehlelwa yisiyezi, ngabona umbono, kwehla isitsha esithile sinjengendwangu enkulu, yehliswa ezulwini ngamachopho amane, yaze yafika kimi.
6Kwathi ukuba ngiyigqolozele, ngabhekisisa, ngabona izilwane zomhlaba ezinezinyawo ezine, nezilo zasendle, nezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu.
7Ngezwa izwi lithi kimi: Sukuma, Petru; hlaba, udle.
8Kepha ngathi: Qha, Nkosi, ngokuba okuyichilo nokungcolileyo akuzange kungene emlonyeni wami.
9Khona izwi elivela ezulwini laphendula ngokwesibili, lathi: Lokho akuhlambululileyo uNkulunkulu, ungasho wena ukuthi kuyichilo.
10Lokho-ke kwenzeka kathathu, konke kwabuye kwenyuselwa ezulwini.
11Bhekani, ngaso lesosikhathi kwase kumi amadoda amathathu phambi kwendlu esasikuyo; ayethunyelwe kimi, evela eKesariya.
12UMoya wayesethi kimi angihambe nabo ngingangabazi ngalutho. Bangiphelekezela labobazalwane abayisithupha, saya sangena endlini yaleyondoda.
13Yasibikela-ke ukuthi yayibonile ingelosi imi endlini yayo, ithi: Thumela eJopha, ulande uSimoni othiwa uPetru
14ozakukhuluma kuwe amazwi ozakusindiswa ngawo, wena nendlu yakho yonke.
15Ngathi ngisaqala ukukhuluma, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo njengakithi ekuqaleni.
16Ngalikhumbula-ke izwi leNkosi, njengalokho yathi: UJohane wabhapathiza ngamanzi, kodwa nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele.
17Ngakho uma uNkulunkulu ebanikile bona isipho njengathi esakholwa yiNkosi uJesu Kristu, ngingubani mina ukuba ngivimbele uNkulunkulu na?
18Bathi ukuzwa lokho, bathula, badumisa uNkulunkulu, bathi: Kanti uNkulunkulu uniké nabezizwe ukuphendukela ekuphileni.
Amakholwa aseAntiyokiya athiwa amaKristu
19Kepha labo ababehlakazekile ngokuhlupheka okwaqala ngoStefanu bahamba, baze bafika eFenike, naseKhupro, naseAntiyokiya, bengalikhulumi izwi koyedwa, kubaJuda kuphela.
20Kodwa kwakukhona abanye kubo, amadoda aseKhupro naseKhurene, abathi befika eAntiyokiya, bakhuluma nakumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.
21Isandla seNkosi sasinabo; kwakholwa abaningi kakhulu, baphendukela eNkosini.
22Kepha kwezwakala izwi ngabo ezindlebeni zebandla laseJerusalema; lase lithuma uBarnaba ukuba ahambe afike eAntiyokiya;
23wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.
24Ngokuba wayeyindoda enhle, egcwele uMoya oNgcwele nokukholwa; kwenezelwa eNkosini abantu abaningi.
25UBarnaba wayeseya eTarsu ukuba afune uSawulu;
26kwathi esemfumene, wamyisa eAntiyokiya. Kwase kwenzeka ukuba umnyaka wonke bahlangane ebandleni, befundisa abantu abaningi. Kwaqala eAntiyokiya ukuba abafundi bathiwe amaKristu.
AmaKristu athumela izipho kubazalwane baseJudiya
27Ngalezozinsuku kwehlela eAntiyokiya abaprofethi bevela eJerusalema.
28Kwasukuma omunye kubo ogama lakhe linguAgabu, wakhomba ngoMoya ukuthi kuzakuba-khona indlala enzima ezweni lonke; yaba-khona emihleni kaKlawudiyu.
29Abafundi base bezimisela ukuba yilowo nalowo kubo athumele njengamandla akhe okokusiza abazalwane abakhé eJudiya.
30Bakwenza-ke, bakuthumela emalungeni ngesandla sikaBarnaba noSawulu.