Umphongolo uyiswa eJerusalema
1UDavide wabuye wabutha bonke abakhethiweyo bakwaIsrayeli, izinkulungwane ezingamashumi amathathu.
2UDavide wahamba nabo bonke abantu ababenaye, besuka eBali-Juda ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama, lona igama likaJehova-Sebawoti ohlala phezu kwamakherubi*.
3Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha, bewukhipha endlini ka-Abinadaba eyayisegqumeni; oUza noAhiyo amadodana ka-Abinadaba bashayela leyongqukumbane entsha.
4Bayikhipha-ke endlini ka-Abinadaba eyayisegqumeni kanye nomphongolo; uAhiyo wahamba phambi komphongolo.
5UDavide kanye nendlu yonke kaIsrayeli bathokoza ebusweni bukaJehova benezinto zonke zokubetha zomsayipuresi*, namahabhu*, nezingubhu, nezingubhu, nobuxhaka, namasimbali*.
6Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaNakoni u-Uza welulela isandla emphongolweni kaNkulunkulu, wawubamba, ngokuba izinkabi zashelela.
7Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu.
8UDavide wadabuka ngokuba uJehova emhlasele u-Uza, wayibiza leyondawo ngokuthi iPheresi-Uza* kuze kubenamuhla.
9UDavide wamesaba uJehova ngalolosuku; wathi: Umphongolo kaJehova uyakuza kanjani kimi na?
10Ngalokho uDavide akavumanga ukuwuletha umphongolo kaJehova kuye emzini kaDavide, kepha uDavide wawubuyisela eceleni endlini kaObede-Edomi umGiti.
11Umphongolo kaJehova wahlala endlini kaObede-Edomi umGiti izinyanga ezintathu; uJehova wambusisa uObede-Edomi nendlu yakhe yonke.
12Kwatshelwa inkosi uDavide ukuthi uJehova ubusisile indlu kaObede-Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wenyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini kaObede-Edomi, wawuyisa emzini kaDavide ngokujabula.
13Kwakuthi ababethwele umphongolo kaJehova sebehambile izinyathelo eziyisithupha, wahlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo.
14UDavide wasina phambi kukaJehova ngamandla akhe onke; uDavide wayebhincé ingubo yamahlombe yelineni.
15Kanjalo uDavide nayo yonke indlu kaIsrayeli benyusa umphongolo kaJehova ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.
16Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.
17Bawungenisa umphongolo kaJehova, bawubeka endaweni yawo phakathi kwetende uDavide alimisele wona; uDavide wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.
18UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wabusisa abantu egameni likaJehova-Sebawoti.
19Wababela bonke abantu esixukwini sonke sakwaIsrayeli, abesilisa nabesifazane, kwaba-yilowo nalowo ucezu lwesinkwa, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo. Base behamba abantu bonke, baya, kwaba-yilowo nalowo ekhaya lakubo.
20UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: Yeka udumo lwenkosi kaIsrayeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.
21Wayesethi uDavide kuMikhali: Ngaphambi kukaJehova owangikhetha phezu kukayihlo naphezu kwayo yonke indlu yakhe ukungimisa ukuba ngibe-ngumbusi wabantu bakaJehova kwaIsrayeli, yebo, ngaphambi kukaJehova ngathokoza.
22Ngiyakudeleleka kakhulu kunalokho, ngithotshiswe nasemehlweni ami, kodwa izincekukazi okhulumé ngazo ngiyakudunyiswa yizo.
23UMikhali indodakazi kaSawule akazalanga-mntwana kwaze kwaba-lusuku lokufa kwakhe.