1Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo, kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo.
Amadodana kaDavide
2Kwazalelwa uDavide amadodana eHebroni; izibulo lakhe laba-nguAmnoni kuAhinohama waseJizreyeli;
3eyesibili yaba-nguKileyabi kuAbigayili umkaNabali waseKarmeli; eyesithathu yayinguAbisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimayi inkosi yaseGeshuri;
4eyesine yayinguAdoniya indodana kaHagiti; eyesihlanu yayinguShefathiya indodana ka-Abithali;
5eyesithupha yayinguItereyamu kuEgila umkaDavide. Lawo azalelwa uDavide eHebroni.
Ukuvumelana kukaDavide noAbineri. UAbineri ubulawa nguJowabe
6Kwathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, uAbineri wamela indlu kaSawule ngamandla.
7Kepha uSawule wayenesancinza esigama laso lalinguRispa indodakazi ka-Aya. UIshi-Bosheti wayesethi kuAbineri: Ungeneleni kuso isancinza sikababa na?
8UAbineri wathukuthela kakhulu ngenxa yalawomazwi kaIshi-Bosheti, wathi: Ngiyikhanda lenja engeyakwaJuda na? Namuhla ngiyayenzela indlu kaSawule uyihlo umusa, abafowabo nabangane bayo, angikunikelanga esandleni sikaDavide; nokho ungibeka icala namuhla ngalowowesifazane.
9UNkulunkulu makenze njalo kuAbineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokho uJehova efungile kuye,
10kudluliswe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kukaIsrayeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri-Sheba.
11Wayengenakumphendula uAbineri ngezwi futhi, ngokuba wayemesaba.
12UAbineri wayesethuma izithunywa kuDavide esikhundleni sakhe ngokuthi: Ngelikabani izwe na? ethi futhi: Yenza isivumelwano nami; bheka, isandla sami siyakuba-nawe ukubuyisela kuwe wonke uIsrayeli.
13Wathi: Kuhle; ngiyakwenza isivumelwano nawe, kepha yinto inye engiyifuna kuwe, ngeyokuthi awuyikubona ubuso bami, uma ungalethi kuqala phambi kwami uMikhali indodakazi kaSawule, lapho uzayo ukubona ubuso bami.
14UDavide wayesethuma izithunywa kuIshi-Bosheti indodana kaSawule, ethi: Nginike umkami uMikhali engammiselwa ngamajwabu ayikhulu amaFilisti.
15Wayesethumela uIshi-Bosheti, wamthatha endodeni yakhe uPalitiyeli indodana kaLayishi.
16Indoda yakhe yahamba naye, ikhala isahamba, yamlandela kwaze kwaba-seBahurimi. UAbineri wayesethi kuyo: Buya. Yabuya-ke.
17UAbineri waba-nezwi namalunga akwaIsrayeli, ethi: Ngezikhathi ezidlulileyo nafuna uDavide abe-yinkosi phezu kwenu;
18kwenzeni lokho manje, ngokuba uJehova ukhulumile ngoDavide ukuthi: Ngesandla senceku yami uDavide ngiyakusindisa abantu bami uIsrayeli esandleni samaFilisti nasesandleni sazo zonke izitha zabo.
19UAbineri wakhuluma futhi ezindlebeni zakwaBenjamini; uAbineri waya futhi ukukhuluma ezindlebeni zikaDavide eHebroni konke okwakukuhle kuIsrayeli nakuyo yonke indlu yakwaBenjamini.
20Wayesefika uAbineri kuDavide eHebroni nabantu abangamashumi amabili bekanye naye. UDavide wamenzela uAbineri nabantu ababenaye idili.
21UAbineri wayesethi kuDavide: Ngiyakusuka ngihambe ngiqoqele wonke uIsrayeli enkosini yami, inkosi, ukuba benze isivumelwano nawe nokuba ubuse phezu kwakho konke ekufisayo inhliziyo yakho. UDavide wammukisa uAbineri, wahamba ngokuthula.
22Bheka, izinceku zikaDavide nezikaJowabe zabuya eviyweni, zaletha impango enkulu; kepha uAbineri wayengekho kuDavide eHebroni, ngokuba wayemmukisile, wahamba ngokuthula.
23Esefikile uJowabe nempi yonke eyayinaye, bamtshela uJowabe ukuthi: UAbineri indodana kaNeri wafika enkosini; immukisile, wahamba ngokuthula.
24UJowabe wayeseya enkosini, wathi: Wenzenina? Bheka, uAbineri wafika kuwe; ummukiseleni wahamba nokuhamba na?
25Uyamazi uAbineri indodana kaNeri ukuthi wafika ukukukhohlisa nokwazi ukuphuma kwakho nokungena kwakho, nokwazi konke okwenzayo.
26UJowabe esephumile kuDavide wathuma izithunywa ukulandela uAbineri, zambuyisa emthonjeni waseSira, kepha uDavide wayengakwazi lokho.
27UAbineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
28Esekuzwa lokho ngasemuva uDavide wathi: Mina nombuso wami asinacala phambi kukaJehova kuze kube-phakade ngegazi lika-Abineri indodana kaNeri;
29maliwele ekhanda likaJowabe nakuyo yonke indlu kayise. Makungaphuthi endlini kaJowabe ukuba kube-khona ocucuzayo, nonochoko, nozimelelayo ngodondolo, nowayo ngenkemba, noswele isinkwa.
30OJowabe noAbishayi umfowabo base bembulele uAbineri, ngokuba wayebulele umfowabo uAsaheli eGibeyoni empini.
31UDavide wathi kuJowabe nakubantu bonke ababenaye: Klebhulani izingubo zenu, nibhince indwangu yamasaka, nilile phambi kuka-Abineri. Inkosi uDavide yalandela uhlaka.
32Bammbela uAbineri eHebroni; inkosi yadazuluka, yakhala ngasethuneni lika-Abineri; nabantu bonke bakhala.
33Inkosi yamlilela uAbineri, yathi:
Afe uAbineri njengokufa kwesiwula na?
34Izandla zakho zazingaboshiwe,
nezinyawo zakho zazingafakwanga emaketangeni;
wawa njengomuntu owayo phambi kwabantu ababi.
Bonke abantu baphinda bemkhalela.
35Bonke abantu bafika ukuba bamdlise uDavide isinkwa kusesemini; kepha uDavide wafunga wathi: Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.
36Bonke abantu bakubona, kwabakuhle emehlweni abo, njengalokho konke eyakwenza inkosi kwaba-kuhle emehlweni abantu bonke.
37Base beqonda bonke abantu naye wonke uIsrayeli ngalolosuku ukuthi kwakungesikho okwenkosi ukubulala uAbineri indodana kaNeri.
38Inkosi yathi ezincekwini zayo: Anazi yini ukuthi kufile umbusi nomuntu omkhulu kwaIsrayeli namuhla na?
39Nami ngibuthakathaka namuhla noma ngigcotshiwe ngibe-yinkosi; lababantu, amadodana kaSeruya, balukhuni kunami; uJehova makaphindisele owenza okubi njengobubi bakhe.