Isono sika-Amnoni nokubulawa kwakhe
1Kwathi emva kwalokho uAbisalomu indodana kaDavide wayenodadewabo obukekayo ogama lakhe linguTamari; uAmnoni indodana kaDavide wamthanda.
2UAmnoni wajilajileka waze wagula ngenxa kadadewabo uTamari, ngokuba wayeyintombi; kwakungenakwenzeka emehlweni ka-Amnoni ukwenza-lutho kuye.
3Kepha uAmnoni wayenomngane ogama lakhe linguJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide; uJonadaba wayengumuntu onobuqili kakhulu.
4Wathi kuye: Uzacelani kanjalo wena-ndodana yenkosi imihla ngemihla na? Ungengitshele na? Wathi uAmnoni kuye: Ngithanda uTamari udadewabo ka-Abisalomu umfowethu.
5Wayesethi uJonadaba kuye: Lala embhedeni wakho, uzishaye ogulayo; lapho eseza uyihlo ukukubona, uthi kuye: Ake kuze uTamari udadewethu, angiphe ukudla, akulungise ukudla emehlweni ami ukuba ngikubone, ngikudle esandleni sakhe.
6Wayeselala phansi uAmnoni, wazishaya ogulayo; isifikile inkosi ukumbona, uAmnoni wathi enkosini: Ake kuze uTamari udadewethu, enze amaqebelengwane amabili phambi kwami ukuba ngidle esandleni sakhe.
7UDavide wayesethumela endlini kaTamari ngokuthi: Hamba manje, uye endlini ka-Amnoni umnewenu, umlungisele ukudla.
8Wayesehamba uTamari, waya endlini ka-Amnoni umnewabo; wayelele phansi. Wathatha inhlama, wayixova, wenza amaqebelengwane phambi kwakhe, wawapheka amaqebelengwane.
9Wayesethatha ikhanzi, wawathulula phambi kwakhe; kepha wala ukudla. UAmnoni wathi: Khipha bonke abantu kimi. Baphuma bonke kuye.
10Wayesethi uAmnoni kuTamari: Letha ukudla ekamelweni lami ukuba ngidle esandleni sakho. UTamari wawathatha amaqebelengwane awenzileyo, wawangenisa ekamelweni kuAmnoni umnewabo.
11Lapho ewasondeza kuye ukuba awadle, wambamba, wathi kuye: Woza ulale nami, dadewethu.
12Yena wathi kuye: Qha, mnewethu, ungangiphoqi, ngokuba akufanele ukuba kwenziwe kanjalo kwaIsrayeli; ungenzi lobubuwula.
13Mina-ke ngingayaphi nehlazo lami na? Nawe uyakuba-njengomunye weziwula zakwaIsrayeli. Ngalokho ake ukhulume nenkosi, ngokuba ayiyikunginqabela nawe.
14Akavumanga nokho ukulalela izwi lakhe, kepha ngokuba wayenamandla kunaye, wamphoqa, walala naye.
15UAmnoni wayesemzonda ngenzondo enkulu kakhulu, ngokuba inzondo amzonda ngayo yaba-nkulu kunothando akade emthanda ngalo. UAmnoni wathi kuye: Vuka uhambe.
16Yena wayesethi kuye: Lobububi bokungixosha bukhulu kunalokho okunye okwenzé kimi. Kepha akavumanga ukumlalela.
17Wayesebiza inceku yakhe eyayisebenza kuye, wathi: Khiphela phandle lowesifazane, asuke kimi, uhluthulele emnyango emva kwakhe.
18Wayenengubo enemibala, ngokuba amadodakazi enkosi ayeyizintombi ayegqoka izingubo ezinjalo. Leyonceku yayisimkhiphela phandle, yahluthulela emnyango emva kwakhe.
19UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wamuka, ehamba ekliwula.
20UAbisalomu umnewabo wathi kuye: Umnewenu uAmnoni kade enawe na? Thula, dadewethu; ungumnewenu, ungabeki inhliziyo yakho kulento. UTamari wahlala eyisikhwebu nje endlini ka-Abisalomu umnewabo.
21Isizwile inkosi uDavide zonke lezozinto yathukuthela kakhulu.
22UAbisalomu akakhulumanga okuhle noma okubi, ngokuba uAbisalomu wamzonda uAmnoni, lokhu emphoqile udadewabo uTamari.
23Kwathi emva kweminyaka emibili epheleleyo uAbisalomu wayenabagundi bezimvu eBali-Hasori eliseduze noEfrayimi; uAbisalomu wamema onke amadodana enkosi.
24UAbisalomu waya enkosini, wathi: Bheka, inceku yakho inabagundi; mayihambe inkosi nezinceku zayo nenceku yakho.
25Inkosi yathi kuAbisalomu: Qha, ndodana yami, masingahambi sonke, funa sikusinde. Wayicindezela; nokho ayivumanga ukuhamba, kodwa yambusisa.
26UAbisalomu wayesethi: Uma kunjalo, makahambe nathi umfowethu uAmnoni. Inkosi yathi: Uyakuhambelani nawe na?
27UAbisalomu wayicindezela, yaze yavuma ukuba uAmnoni nawo onke amadodana ahambe naye.
28UAbisalomu wayala izinceku zakhe ngokuthi: Bhekani, lapho inhliziyo ka-Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini: Bulalani uAmnoni, nimbulale ningesabi; angithi mina nginiyalile na? Yimani isibindi, nibe-ngamaqhawe.
29Izinceku zika-Abisalomu zenza kuAmnoni njengokuyala kuka-Abisalomu. Amadodana onke enkosi ayesesuka, yileyo naleyo yakhwela umnyuzi* wayo, abaleka.
30Kwathi besesendleleni, kwafika izwi kuDavide, lithi: UAbisalomu ubulele onke amadodana enkosi, akusalanga neyodwa yawo.
31Inkosi yayisisuka, yaklebhula izingubo zayo, yalala emhlabathini, nazo zonke izinceku zema lapho, izingubo zazo ziklebhukile.
32UJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide waphendula wathi: Inkosi yami mayingathi babulele izinsizwa zonke, amadodana enkosi, lokhu nguAmnoni yedwa ofileyo; ngokuba lokho kwakunqunyiwe ngomlomo ka-Abisalomu kusukela kulolosuku aphoqa ngalo udadewabo uTamari.
33Ngalokho inkosi yami, inkosi, mayingabeki lento enhliziyweni yayo yokuthi onke amadodana enkosi afile, ngokuba nguAmnoni yedwa ofileyo.
Ukubaleka kuka-Abisalomu
34Kepha uAbisalomu wabaleka. Insizwa elindayo yaphakamisa amehlo ayo, yabuka; bheka, kwaqhamuka abantu abaningi ngasendleleni yentaba emva kwayo.
35UJonadaba wathi enkosini: Bheka, amadodana enkosi ayeza; kunjalo njengokusho kwenceku yakho.
36Kwathi eseqedile ukukhuluma, bheka, afika amadodana enkosi, adazuluka, akhala; nenkosi nazo zonke izinceku zayo zakhala ngokukhala okukhulu kakhulu.
37Kepha uAbisalomu wabaleka, waya kuTalimayi indodana ka-Amihudi, inkosi yaseGeshuri. UDavide walilela indodana yakhe zonke izinsuku.
38Wabaleka-ke uAbisalomu, waya eGeshuri, wahlala khona iminyaka emithathu.
39Inkosi uDavide yalangazelela ukuya kuAbisalomu, ngokuba yayisiduduzekile ngoAmnoni ibona ukuthi sewafa.