Iminyaka eyisikhombisa yendlala
1UElisha wayekhulumile nowesifazane ondodana yakhe ayivusile ngokuthi: Suka uhambe wena nabendlu yakho, uhlale lapho ungahlala khona, ngokuba uJehova umemezele indlala, futhi iyakufika ezweni iminyaka eyisikhombisa.
2Wasuka lowowesifazane, wenza njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; wahamba nabendlu yakhe, wagogobala ezweni lamaFilisti iminyaka eyisikhombisa.
3Kwathi ngasekupheleni kweminyaka eyisikhombisa lowowesifazane wabuya ezweni lamaFilisti; waphuma, wazikhalela enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe.
4Inkosi yayisilokhu ikhuluma noGehazi inceku yomuntu kaNkulunkulu ukuthi: Ake ungilandise zonke izinto ezinkulu azenzileyo uElisha.
5Kwathi esayilandisa inkosi ukuthi uvusile ofileyo, bheka, owesifazane ondodana yakhe ayivusileyo wakhala enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe. Wayesethi uGehazi: Nkosi yami, nkosi, yiló owesifazane, yilé indodana yakhe uElisha ayivusileyo.
6Inkosi yayisimbuza owesifazane, wayilandisa. Inkosi yammisela induna ethile ngokuthi: Buyisa konke okwakungokwakhe nazo zonke izithelo zensimu, kusukela osukwini owasuka ngalo ezweni kuze kube-manje.
UHazayeli uyinkosi eAramu
7Wayesefika uElisha eDamaseku; uBeni-Hadadi inkosi yaseAramu wayegula; watshelwa ukuthi: Umuntu kaNkulunkulu ufikile lapha.
8Inkosi yayisithi kuHazayeli: Zithathele ngesandla sakho izipho, uhambe umhlangabeze lowomuntu kaNkulunkulu, ubuze kuJehova ngaye ukuthi: Ngiyakusinda kulesisifo na?
9Wayesehamba uHazayeli ukumhlangabeza, wazithathela ngesandla sakhe izipho ezintweni zonke ezinhle zaseDamaseku, imithwalo yamakamela angamashumi amane, weza wema phambi kwakhe, wathi: Indodana yakho uBeni-Hadadi inkosi yaseAramu ingithumile kuwe ngokuthi: Ngiyakusinda kulesisifo na?
10UElisha wathi kuye: Hamba, uthi kuye: Awuyikusinda nakusinda; uJehova ungibonisile ukuthi uyakufa nokufa.
11Wamgqolozela waze waba-namahloni; wakhala umuntu kaNkulunkulu.
12UHazayeli wathi: Inkosi yami ikhalelani na? Yathi: Ngokuba ngiyazi okubi oyakukwenza kubantwana bakwaIsrayeli; uyakuthungela izinqaba zabo ngomlilo, ubulale izinsizwa zabo ngenkemba, uphahlaze izingane zabo, uqaqe abesifazane babo abakhulelweyo.
13Kepha uHazayeli wathi: Kodwa iyini inceku yakho eyinja nje ukuba yenze lento enkulu na? Wathi uElisha: UJehova ungibonisile ukuthi uyakuba-yinkosi eAramu.
14Wayesesuka kuElisha, weza enkosini yakhe; yathi kuye: Utheni kuwe na? Uthé kimi uyakusinda nokusinda.
15Kepha kwathi ngangomuso wathatha indwangu embozayo, wayicwilisa emanzini, wayimboza ubuso ngayo, yafa; uHazayeli waba-yinkosi esikhundleni sayo.
OJehoramu noAhaziya bangamakhosi kwaJuda
16Ngomnyaka wesihlanu kaJoramu indodana ka-Ahabi inkosi yakwaIsrayeli, uJehoshafati eyinkosi kwaJuda, uJehoramu indodana kaJehoshafati inkosi yakwaJuda waba-yinkosi.
17Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema.
18Wahamba ngendlela yamakhosi akwaIsrayeli njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova.
19Kepha uJehova akathandanga ukuchitha uJuda ngenxa kaDavide inceku yakhe njengokusho kwakhe kuye ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.
20Emihleni yakhe uEdomi wahlubuka phansi kwesandla sakwaJuda, wazibekela inkosi.
21UJoramu wayesewelela eSayiri, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wamchitha uEdomi omhaqileyo nxazonke, nezinduna zezinqola, kepha abantu babalekela ematendeni abo.
22Wahlubuka-ke uEdomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube-namuhla. Khona lahlubuka neLibina ngasona lesosikhathi.
23Ezinye izindaba zikaJoramu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
24UJoramu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; uAhaziya indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
25Ngomnyaka weshumi nambili kaJoramu indodana ka-Ahabi inkosi yakwaIsrayeli uAhaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda waba-yinkosi.
26UAhaziya waba-yinkosi eneminyaka engamashumi amabili nambili, wabusa umnyaka eJerusalema; igama likanina lalinguAthaliya indodakazi kaOmri inkosi yakwaIsrayeli.
27Wahamba ngendlela yendlu ka-Ahabi, wenza okubi emehlweni kaJehova njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba wayengumkhwenyana wendlu ka-Ahabi.
28Wahamba noJoramu indodana ka-Ahabi ukuba alwe noHazayeli inkosi yaseAramu eRamoti-Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu.
29Inkosi uJoramu yabuyela ukwelashwa eJizreyeli emanxebeni ayo ayemlimazé wona ama-Aramu eRama ekulweni kwayo noHazayeli inkosi yaseAramu. UAhaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda wehlela ukumbona uJoramu indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.