1Wayesethi uElisha: Zwanini izwi likaJehova; usho kanje uJehova, uthi: Kusasa ngalesisikhathi iseya* lempuphu ecolekileyo liyakuthengiswa ngeshekeli*, namaseya amabili ebhali* ngeshekeli esangweni laseSamariya.
2Induna inkosi eyencika esandleni sayo yaphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: Bheka, uma uJehova enza amafasitele ezulwini, lento ingenzeka kanjani na? Wathi: Bheka, uyakukubona ngamehlo akho, ungadli kukho kodwa.
Abanochoko basemnyango waseSamariya. Ukubaleka kwama-Aramu
3Kwakukhona esikhaleni sesango abantu abane abanochoko; bathi omunye komunye: Sihlalelani lapha size sife na?
4Uma sithi: Siyakungena emzini, indlala isemzini, siyakufela khona; uma sihlezi lapha, siyakufa futhi. Ngalokho masihambe sisukele ikamu* lama-Aramu; uma esiyeka, siyakuphila; uma esibulala, siyakufa.
5Basuka kuhwelela, baya ekamu* lama-Aramu; sebefiké emaphethelweni ekamu lama-Aramu, bheka, kwakungekho-muntu lapho.
6INkosi ibiyizwisile impi yama-Aramu umsindo wezinqola, nomsindo wamahashi, nomsindo wempi enkulu aze akhuluma omunye komunye ngokuthi: Bheka, inkosi yakwaIsrayeli isiqashele amakhosi amaHeti namakhosi aseGibithe ukuba asifikele.
7Ayesesuka, abaleka kuhwelela, ashiya amatende awo, namahashi awo, nezimbongolo zawo, nekamu* linjengalokhu linjalo, abaleka ukuba asinde.
8Labo abanochoko sebefiké emaphethelweni ekamu*, bangena kwelinye itende, badla, baphuza, basusa khona isiliva, negolide, nezingubo, baya bakuthukusa; babuya, bangena kwelinye itende, basusa nakhona, baya bakuthukusa.
9Base bethi omunye komunye: Asenzi kahle. Lolusuku lwanamuhla lungusuku lwentokozo; uma sithula nje silinda kuze kube-sekuntweleni kokusa, siyakuficwa yicala; ngalokho masihambe, sitshele indlu yenkosi.
10Base behamba, babiza abalindisango bomuzi, babatshela ukuthi: Siké safika ekamu* lama-Aramu; bheka, kwakungekho-muntu lapho, nazwi lomuntu, kuphela ngamahashi aboshiweyo, nezimbongolo eziboshiweyo, namatende enjengalokhu enjalo.
11Abalindisango bamemeza, babikela indlu yenkosi ngaphakathi.
12Inkosi yavuka phakathi kobusuku, yathi ezincekwini zayo: Ake nginitshele lokhu ama-Aramu asenzela khona. Ayazi ukuthi silambile; ngalokho aphumile ekamu* ukuba acashe, ethi: Lapho bephuma emzini, siyakubabamba besezwa, singene emzini.
13Enye yezinceku zayo yaphendula yathi: Makuthathwe amahashi ayisihlanu aseleyo, asele lapha — bheka, anjengesixuku sonke sakwaIsrayeli esisele lapha, anjengesixuku sonke sakwaIsrayeli esesiphelile — sithumele, sibone.
14Bathatha izinqola ezimbili namahashi; inkosi yathumela emva kwempi yama-Aramu ngokuthi: Hambani nibone.
15Bawalandela baze bafika eJordani; bheka, yonke indlela yayigcwele izingubo nezimpahla ama-Aramu ayezilahlile ekubalekeni kwawo. Izithunywa zabuya, zayitshela inkosi.
16Abantu baphuma, baphanga ikamu* lama-Aramu. Iseya* lempuphu ecolekileyo lathengiswa ngeshekeli*, namaseya amabili ebhali* ngeshekeli njengezwi likaJehova.
17Inkosi yabeka esangweni induna eyencika esandleni sayo; abantu bayinyathela esangweni, yafa njengokusho kwalowomuntu kaNkulunkulu akukhuluma ekwehleleni kwenkosi kuye.
18Kwathi lowomuntu kaNkulunkulu esekhulumile enkosini ngokuthi: Kuyakuba-ngamaseya amabili ebhali ngeshekeli neseya lempuphu ecolekileyo ngeshekeli ngalesisikhathi kusasa esangweni laseSamariya,
19induna yaphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: Bheka, noma uJehova ewenza amafasitele ezulwini, lento ingenzeka na? Wathi: Bheka, uyakukubona ngamehlo akho, ungadli kukho kodwa.
20Kwaba-njalo kuyo: abantu bayinyathela esangweni, yafa.