UElisha nembazo elahlekileyo. Impi nama-Aramu
1Amadodana abaprofethi athi kuElisha: Bheka, indawo esihlezi kuyo phambi kwakho, siminyene kuyo.
2Masihambe siye eJordani, sithathe khona, kube-yilowo nalowo umshayo ube-munye, senzele khona indawo esingahlala kuyo. Wathi: Hambani.
3Kepha omunye wathi: Vuma uhambe nezinceku zakho. Wathi: Ngiyakuhamba.
4Wayesehamba nabo. Sebefiké eJordani bagawula imithi.
5Kwathi lapho omunye esegawula umshayo, insimbi yawela emanzini; wakhala wathi: Maye, nkosi! Ibitshelekiwe!
6Wathi lowomuntu kaNkulunkulu: Iwelephi na? Wamkhombisa indawo. Wayesenquma uthi, waluphonsa khona, insimbi yantanta.
7Wayesethi: Yikhuphule. Welula isandla sakhe, wayithatha.
8Inkosi yaseAramu yayisilokhu ilwa noIsrayeli; yelulekana nezinceku zayo ngokuthi: Ukumisa kwami kuyakuba-sekuthinithini.
9Umuntu lowo kaNkulunkulu wathumela enkosini yakwaIsrayeli, wathi: Qaphela ukuba ungadluli kuleyondawo, ngokuba ama-Aramu aseyaphumula khona.
10Inkosi yakwaIsrayeli yayisithuma umuntu kaNkulunkulu kuleyondawo ayishoyo, wayixwayisa ngayo, yaqaphela kungekanye, kungekabili kuphela.
11Inhliziyo yenkosi yaseAramu yayiphethwe yitwetwe ngalendaba, yabiza izinceku zayo, yathi kuzo: Ningengitshele yini ukuthi ngobani abakithi abavuma inkosi yakwaIsrayeli na?
12Enye yezinceku zayo yathi: Hayi, nkosi yami, nkosi, kodwa uElisha umprofethi wakwaIsrayeli uyayitshela inkosi yakwaIsrayeli amazwi owakhulumayo ekamelweni lakho lokulala.
13Yayisithi: Hamba ubone ukuthi uphi ukuba ngithumele ngimlande; watshelwa ukuthi: Bheka, useDothani.
14Wathuma khona amahashi, nezinqola, nempi enkulu; bafika ebusuku, bakaka umuzi nxazonke.
15Isikhonzi somuntu kaNkulunkulu sesivukile ekuseni, saphuma, bheka, impi enamahashi nezinqola yayiwukakile umuzi. Yayisithi inceku kuye: Maye, nkosi! Sesiyakwenze-njani?
16Wathi: Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.
17UElisha wakhuleka, wathi: Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone. UJehova wavula-ke amehlo aleyonceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe uElisha.
18Sebehlela kuye, uElisha wakhuleka kuJehova, wathi: Mawushaye lesisizwe ngobumpumputhe. Wasishaya ngobumpumputhe njengezwi likaElisha.
19Wayesethi uElisha kubo: Le ayisiyo indlela, nalona awusiwo umuzi; ngilandeleni, nginiyise kumuntu enimfunayo. Wabayisa eSamariya.
20Kwathi sebefiké eSamariya, uElisha wathi: Jehova, vula amehlo alababantu ukuba babone. UJehova wavula amehlo abo, babona; bheka, base bephakathi kweSamariya.
21Inkosi yakwaIsrayeli yathi kuElisha, isibabonile: Baba, ngibabulale na? Ngibabulale na?
22Kepha wathi: Awuyikubabulala; ungababulala yini labo obathumbile ngenkemba yakho nangomnsalo wakho na? Beka isinkwa namanzi phambi kwabo ukuba badle, baphuze, baye enkosini yabo.
23Yayisibalungisela idili, badla, baphuza; yabavumela ukuba bahambe, baya enkosini yabo. Amaviyo ama-Aramu awabe esaphinda ukungena ezweni lakwaIsrayeli.
Indlala yaseSamariya
24Kwathi emva kwalokho uBeni-Hadadi inkosi yaseAramu wabutha yonke impi yakhe, wenyuka, wavimbezela iSamariya.
25Kwaba-khona indlala enkulu eSamariya; bheka, balivimbezela kwaze kwathengiswa ngekhanda lembongolo ngezinhlamvu ezingamashumi ayisishiyagalombili zesiliva nokwesine kwesigaxa somswani wejuba ngezinhlamvu eziyisihlanu zesiliva.
26Kwathi inkosi yakwaIsrayeli idlula phezu kogange, kwamemeza kuyo owesifazane, wathi: Siza, nkosi yami, nkosi.
27Kepha yathi: Uma uJehova engakusizi, mina ngingatholaphi usizo na? Esibuyeni noma esikhamweni sewayini na?
28Yayisithi inkosi kuye: Unani na? Wathi: Lowesifazane wathi kimi: Letha indodana yakho ukuba siyidle namuhla, sidle indodana yami kusasa.
29Sase siyipheka indodana yami, sayidla; ngase ngithi kuye ngosuku olulandelayo: Letha indodana yakho ukuba siyidle; wayeseyifihlile indodana yakhe.
30Kwathi inkosi isizwile amazwi alowesifazane, yaklebhula izingubo zayo isadlula phezu kogange; abantu babuka, bheka, yayinendwangu yamasaka phansi emzimbeni wayo.
31Yathi: UNkulunkulu makenze njalo, enezele futhi, uma ikhanda likaElisha indodana kaShafati liyakube lisekuye namuhla.
32Yayisithuma umuntu phambi kwayo, uElisha esahlezi endlini yakhe, namalunga ehlezi naye; kepha singakafiki kuye isithunywa, wathi emalungeni: Niyabona yini ukuthi lendodana yombulali ithumele ukunquma ikhanda lami na? Bhekani, ekufikeni kwesithunywa manivale isivalo, nisibuyisele emuva isithunywa ngesivalo; angithi izigqi zezinyawo zenkosi yaso zisemva kwaso na?
33Esakhuluma nawo, bheka, inkosi yehlela kuye; yathi: Bheka, lobububi buvela kuJehova; ngisamhlalelelani uJehova na?