UEliya uyamukelwa ezulwini
1Kwathi lapho uJehova ebeyakumkhuphula uEliya aye ezulwini ngesivunguvungu, uEliya wasuka eGiligali noElisha.
2UEliya wathi kuElisha: Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eBethele. Kepha uElisha wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, angiyikukushiya. Behlela-ke eBethele.
3Amadodana abaprofethi ayeseBethele aphuma, aya kuElisha, athi kuye: Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na? Wathi: Yebo, ngiyakwazi; thulani.
4UEliya wathi kuye: Elisha, ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJeriko. Kepha wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya. Bafika-ke eJeriko.
5Amadodana abaprofethi ayeseJeriko asondela kuElisha, athi kuye: Uyazi yini ukuthi uJehova uyakususa inkosi yakho kuwe namuhla na? Wathi: Yebo, ngiyakwazi; thulani.
6UEliya wathi kuye: Ake uhlale lapha, ngokuba uJehova ungithumile eJordani. Kepha wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya. Bahamba-ke bobabili.
7Abantu abangamashumi ayisihlanu bamadodana abaprofethi baya bema khashana maqondana nabo; bona bobabili bema ngaseJordani.
8UEliya wathatha ingubo yakhe, wayisonga, washaya amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha, bawela bobabili emhlabathini owomileyo.
9Kwathi sebewelile, uEliya wathi kuElisha: Cela engiyakukwenzela khona ngingakasuswa kuwe. Wathi uElisha: Makuphindwe kabili umoya wakho phezu kwami.
10Kepha wathi: Ucelé into elukhuni; nokho, uma ungibona lapha ngisuswa kuwe, kuyakuba-njalo kuwe; kodwa uma ungangiboni, akuyikuba-njalo.
11Kwathi beselokhu behamba bekhuluma, bheka, nanso inqola yomlilo namahashi omlilo, kwabahlukanisa bobabili; uEliya wakhuphukela ezulwini ngesivunguvungu.
12UElisha wakubona, wamemeza wathi: Baba, baba, nqola kaIsrayeli nabamahashi bakhe! Akabe esambona futhi; wabamba izingubo zakhe, waziklebhula kabili.
UElisha ungumprofethi; izimangaliso zakhe
13Wacosha ingubo kaEliya ebiwile kuye, wabuya, wema ngasogwini lwaseJordani.
14Wayithatha ingubo kaEliya ebiwile kuye, washaya amanzi, wathi: Uphi uJehova uNkulunkulu kaEliya na? Esewashayile amanzi, ahlukana ngalapha nangalapha; uElisha wawela.
15Esembonile amadodana abaprofethi aseJeriko ayemalungana naye, athi: Umoya kaEliya uhlezi phezu kukaElisha. Afika ukumhlangabeza, akhothamela phansi phambi kwakhe.
16Athi kuye: Bheka, kukhona phakathi kwezinceku zakho amadoda angamashumi ayisihlanu anamandla; mawahambe, afune inkosi yakho; kumbe uMoya kaJehova umkhuphulile, wamlahla entabeni ethile noma esigodini esithile. Kepha wathi: Ningawathumi.
17Amncengisisa waze waba-namahloni; wayesethi: Thumani. Ayesethuma abantu abangamashumi ayisihlanu; bamfuna izinsuku ezintathu, kepha abamtholanga.
18Babuyela kuye esahlezi eJeriko; wathi kubo: Angishongo yini kini ukuthi: Ningahambi, na?
19Kepha abantu bomuzi bathi kuElisha: Bheka, isiza somuzi sihle, njengokuba inkosi ibona, kepha amanzi mabi, izwe liyabhulubisa.
20Wathi: Ngiletheleni isitsha esisha, nibeke usawoti kuso. Basiletha kuye.
21Waphuma, waya emthonjeni wamanzi, waphonsa kuwo usawoti, wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Ngelaphile lawamanzi; akusayikuvela ukufa kuwo nokubhuluba.
22Elashwa-ke amanzi kuze kube-namuhla njengezwi likaElisha alikhulumayo.
23Wenyuka lapho, waya eBethele; esenyuka endleleni, kwaphuma abafana emzini, bamklolodela, bathi kuye: Yenyuka wena-mpandlandini! Yenyuka wenampandlandini!
24Wabheka emva kwakhe, wababona, wabaqalekisa egameni likaJehova. Kwase kuphuma ehlathini amabhere* amabili ezinsikazi, adwengula abafana abangamashumi amane nambili kubo.
25Wasuka khona, waya entabeni yaseKarmeli; esuka lapho wabuyela eSamariya.