UAmasiya uyinkosi kwaJuda. UJerobowamu wesibili uyinkosi kwaIsrayeli
1Ngomnyaka wesibili kaJowashi indodana kaJehowahazi inkosi yakwaIsrayeli uAmasiya indodana kaJowashi inkosi yakwaJuda waba-yinkosi.
2Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguJehohadini waseJerusalema.
3Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenjengoDavide uyise kodwa; wenza njengakho konke uJowashi uyise akwenzileyo.
4Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
5Kwathi lapho umbuso usuqinisiwe esandleni sakhe, wazibulala izinceku zakhe ezaziyibulele inkosi uyise.
6Kepha abantwana bababulali akababulalanga njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi: Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.
7Wabulala kuEdomi esiGodini sikaSawoti abayizinkulungwane eziyishumi, wathatha iSela ngokulwa, waliqamba igama lokuthi iJokiteyeli kuze kube-namuhla.
8Khona uAmasiya wathuma izithunywa kuJehowashi indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwaIsrayeli, wathi: Woza sibhekane ubuso nobuso.
9UJehowashi inkosi yakwaIsrayeli wathumela kuAmasiya inkosi yakwaJuda, wathi: Isihlahla somkhaya saseLebanoni sathumela kumsedari* waseLebanoni, sathi: Nika indodana yami indodakazi yakho ibe-ngumkayo; kwadlula isilo sasendle saseLebanoni, sanyathela phansi isihlahla somkhaya.
10Umchithile impela uEdomi; inhliziyo yakho ikuphakamisile; dumiseka ngakho, uhlale ekhaya; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?
11Kepha uAmasiya akalalelanga. Wayesenyuka uJehowashi inkosi yakwaIsrayeli; yena noAmasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nobuso eBeti-Shemeshi elingelakwaJuda.
12UJuda wahlulwa phambi kukaIsrayeli; babaleka, kwaba-yilowo nalowo etendeni lakhe.
13UJehowashi inkosi yakwaIsrayeli wambamba uAmasiya inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi ka-Ahaziya, eBeti-Shemeshi, wafika eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema, kusukela eSangweni lakwaEfrayimi kuze kube-seSangweni laseGumbini, izingalo ezingamakhulu amane.
14Wathatha lonke igolide nesiliva, nazo zonke izitsha ezafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.
15Ezinye izindaba zikaJehowashi azenzayo, namandla akhe, nempi yakhe noAmasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli na?
16UJehowashi wayeselala koyise, wembelwa eSamariya namakhosi akwaIsrayeli; uJerobowamu indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
17UAmasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, wayesekhona emva kokufa kukaJehowashi indodana kaJehowahazi, inkosi yakwaIsrayeli, iminyaka eyishumi nanhlanu.
18Ezinye izindaba zika-Amasiya angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
19Bamenzela ugobe eJerusalema; wabalekela eLakishi, kepha bathumela bamlanda eLakishi, bambulala khona.
20Bamthwala ngamahashi; wembelwa eJerusalema koyise emzini kaDavide.
21Bonke abantu bakwaJuda bathatha uAzariya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise uAmasiya.
22Wakha iElati, walibuyisela kuJuda, inkosi isilele koyise.
23Ngomnyaka weshumi nanhlanu ka-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwaIsrayeli, waba-yinkosi eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amane nanye.
24Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zonke zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo uIsrayeli.
25Wabuyisa umkhawulo wakwaIsrayeli kusukela ekuyeni eHamati kuze kubeseLwandle lwaseAraba njengezwi likaJehova uNkulunkulu kaIsrayeli alikhulumayo ngesandla senceku yakhe uJona indodana ka-Amithayi, umprofethi waseGati-Heferi.
26Ngokuba uJehova wabona ukuhlupheka kukaIsrayeli ukuthi kwakumunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla, kungekho omsizayo uIsrayeli.
27UJehova akashongo ukuthi uyakwesula igama likaIsrayeli phansi kwezulu, kepha wabasindisa ngesandla sikaJerobowamu indodana kaJowashi.
28Ezinye izindaba zikaJerobowamu, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, nokulwa kwakhe, nokubuyisela kwakhe kuIsrayeli iDamaseku neHamati elalingelakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli na?
29UJerobowamu wayeselala koyise, amakhosi abakwaIsrayeli; uZakariya waba-yinkosi esikhundleni sakhe.