UPawulu ushumayela ivangeli ngesibindi
1Ngakho lokhu sinalenkonzo, njengokuba sahawukelwa, asidangali,
2kodwa sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo, asihambi ngobuqili, asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kepha ngokuveza obala iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.
3Kepha uma ivangeli lethu lifihlakele, lifihlakele kwabalahlwayo,
4okukubona abangakholwa unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.
5Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu eyiNkosi nokuthi siyizikhonzi zenu ngenxa kaJesu.
6Ngokuba uNkulunkulu owathi: Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye, nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.
Amandla avela evangelini ayaqinisa ezinhluphekweni nasezingozini
7Kepha lengcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube-ngobukaNkulunkulu, bungabi-ngobuvela kithi.
8Siyacindezelwa nxazonke, kodwa asinyinyekile; siyaxakeka, kodwa asidikibali;
9siyazingelwa, kodwa asidelwa; siwiswa phansi, kodwa asibhujiswa;
10sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kukaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu.
11Ngokuba sisaphila sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo.
12Kanjalo kusebenza ukufa kithina, kepha kinina ukuphila.
13Lokhu sinawo lomoya wokukholwa, njengokulotshiweyo ukuthi:
Ngakholwa, ngakho ngakhuluma, nathi siyakholwa, ngakho-ke siyakhuluma,
14sazi ukuthi yena owavusa iNKosi uJesu uyakusivusa nathi kanye noJesu, asethule kanye nani.
15Ngokuba konke kwenziwa ngenxa yenu, ukuze umusa ngokwandiswa kubo abaningi uvamise ukubonga, kube-ludumo kuNkulunkulu.
16Ngakho asidangali, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa-musha imihla ngemihla.
17Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade,
18thina esingabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.