UPawulu uyazincoma ebandleni
1Sesiqala futhi ukuzincoma na? Kumbe siyadinga yini njengabanye izincwadi zokusincoma eziza kini noma ezivela kini na?
2Nina niyincwadi yethu elotshwé ezinhliziyweni zethu, eyaziwa ifundwa ngabantu bonke,
3nibonakala ukuthi niyincwadi kaKristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, ilotshiwe kungengoyinki* kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo, kungabi-sezibhebheni zamatshe kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.
4Kepha sinethemba elinjalo ngoKristu kuNkulunkulu,
5kungesikho ukuthi singaba-namandla ngokwethu okucabanga ngotho ukuthi luvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,
6oyena futhi osenzela amandla okubayizikhonzi zesivumelwano esisha, singesiso esegama kodwa esikaMoya; ngokuba igama liyabulala, kodwa uMoya uyaphilisa.
Inkazimulo yenkonzo entsha iyayidlula eyendala
7Kepha uma inkonzo yokufa, enamagama aqoshiwe ematsheni, yafika inenkazimulo, ngangokuba abantwana bakwaIsrayeli babengenakubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe eyayingephelayo,
8pho, inkonzo kaMoya ayiyikuba-nenkazimulo kakhulu kunayo na?
9Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa ibinenkazimulo, ikakhulu inkonzo yokulunga inenkazimulo enkulu kakhulu.
10Ngokuba nalokho okwakhazimuliswayo kwakungenankazimulo, uma kulinganiswa nenkazimulo lena edluleleyo.
11Ngokuba uma lokho obekuzakuphela kwaba-nenkazimulo, ikakhulu okumiyo njalo kunenkazimulo.
12Ngakho-ke, lokhu sinethemba elinjalo, sinesibindi sonke,
13asenzi njengoMose owamboza ubuso bakhe ngendwangu, ukuze abantwana bakwaIsrayeli bangakubuki ukugcina kwalokho obekuzakuphela.
14Kodwa ingqondo yabo yaba-lukhuni. Ngokuba kuze kube-sosukwini lwanamuhla, nxa kufundwa isivumelwano esidala, leyondwangu isahlezi ingambuliwe, ngokuba iyapheliswa kuKristu;
15yebo, kuze kube-namuhla, nxa kufundwa uMose, indwangu isayimbozile inhliziyo yabo;
16kepha nxa iphendukela eNkosini, indwangu iyasuswa.
17INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.
18Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe-njengalowomfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.