UPawulu uthi uzakubahlola ngesineke nxa esefikile kubo
1Lokhu kungokwesithathu ngiza kini.
Ngemilomo yawofakazi ababili nabathathu izindaba zonke ziyakuqiniswa.
2Besengishilo ngaphambili kulabo abakade bonile nakubo bonke abanye, nakalokhu ngisho ngaphambili — ngisho manje ngingekho, njengalokho ngasho ngikhona ngokwesibili — ukuthi nxa ngifika futhi, angiyikuyekethisa.
3Ngokuba nifuna ubufakazi bokuthi kunguKristu okhulumayo kimi, yena ongebuthakathaka ngakini, kepha unamandla phakathi kwenu.
4Ngokuba noma wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, nokho uyaphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kodwa sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu ngakini.
UPawulu ululeka ukuba nabo bazihlole, engakafiki
5Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini, nizivivinye nina. Kanti anizazeli yini ukuthi uJesu Kristu ukinina? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.
6Kepha ngiyethemba ukuthi nizakwazi ukuthi thina asisibo abokwaliwa.
7Siyakhuleka kuNkulunkulu ukuba ningenzi-lutho olubi, angisho ukuze sibonakale thina singabavunyiweyo kepha ukuba nina nikwenze okuhle, noma thina singaba-njengabaliwayo.
8Ngokuba asinamandla okwenza utho, uma simelana neqiniso, kuphela uma simela iqiniso.
9Ngokuba siyajabula, nxa sibuthakathaka thina, nina-ke ninamandla; sikukhulekela nalokhu: ukupheleliswa kwenu.
10Ngalokho ngiloba lezizinto ngingekho, ukuze, nxa ngikhona, ngingenzi kabukhali ngokwamandla eyanginika wona iNkosi, kube-ngawokwakha, kungabi-ngawokubhidliza.
Isigcino
11Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe-nhliziyonye, nibe-nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba-nani.
12Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Abangcwele bonke bayakhonza kini.
13Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube-nani nonke. Amen.