Ukuziphendulela kukaPawulu ngomsebenzi wakhe nangezinhlupheko ezamvelela ekushumayeleni kwakhe
1Sengathi ningangibekezelela ebuwuleni obuyingcosana, yebo, ngibekezeleleni.
2Ngokuba ngiyanishisekela ngokushisekela kukaNkulunkulu, ngokuba nganendisela endodeni eyodwa ukuba nginiyise kuKristu niyintombi emhlophe.
3Kepha nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa uEva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.
4Ngokuba uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingamshumayelanga, noma namukela omunye umoya eningawamukelanga, noma elinye ivangeli eningalamukelanga, nikubekezelela kakhulu.
5Ngokuba ngithi angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu.
6Noma ngiyibhimbi lokukhuluma, nokho angisilo ngokwazi; lokhu sikubonakalisile kinina ngezindlela zonke ezintweni zonke.
7Kumbe ngonile yini ngokuzithoba ukuba niphakanyiswe nina, lokhu nganishumayeza ngesihle ivangeli likaNkulunkulu na?
8Ngaphanga amanye amabandla, ngithatha iholo kuwo, ukuba ngikhonze nina;
9nalapho ngikhona kini ngiswele, angibanga-mthwalo kumuntu, ngokuba abazalwane abavela eMakedoniya bakuqeda ukuswela kwami; ezintweni zonke ngazilinda ukuba nginganisindi, futhi ngisezakuzilinda.
10Njengalokhu iqiniso likaKristu likimi, angiyikwaphucwa lolodumo ezigodini zaseAkhaya.
11Ngani na? Ngokuba nginganithandi na? UNkulunkulu uyazi.
12Kepha engikwenzayo ngizakukwenza futhi, ukuze ngibaphuce ithuba abafuna ithuba lokuba bafunyanwe benjengathi kulokho abazibonga ngakho.
13Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezikhohlisayo, beziguqula abaphostoli bakaKristu.
14Akumangalisi, ngokuba uSathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya.
15Ngakho akuyinto enkulu, uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga ezikuphela kwazo kuyakuba-njengokwemisebenzi yazo.
16Ngiyaphinda ngithi: Makungasho-muntu ngami ukuthi ngiyisiwula; kepha noma kungaba-njalo, nokho ngamukeleni njengesiwula, ukuze nami ngizibonge kancane.
17Lokho engikushoyo ngalesisibindi sokuzibonga, angikusho ngokweNkosi, kodwa ngikusho kungathi ngobuwula.
18Lokhu abaningi bezibonga ngokwenyama, nami ngiyakuzibonga.
19Ngokuba abayiziwula nibabekezelela ngenjabulo, lokhu ningabahlakaniphileyo,
20ngokuba niyabekezela, uma umuntu enenza izigqila, uma enidla, uma enibamba, uma ezikhukhumeza, uma enishaya ebusweni.
21Ngisho ngamahloni ukuthi kade sibuthakathaka. Kepha kulokho umuntu anesibindi ngakho — ngikhuluma ngobuwula — nami nginesibindi ngakho.
22BangamaHeberu na? Nami. BangabaIsrayeli na? Nami. Bayinzalo kaAbrahama na? Nami.
23Bayizikhonzi zikaKristu na? Ngikhulumisa okohlanya — ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo, nasekuboshweni kaningi kunabo, nasekushayweni okukhulu impela, nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi.
24KubaJuda ngathola kahlanu imivimbo, kushiywa munye emashumini amane;
25ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba-semanzini olwandle ubusuku bunye nemini;
26ngangisekuhambeni kaningi, nasezingozini zemifula, nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi, nasezingozini kwabezizwe, nasezingozini emzini, nasezingozini ehlane, nasezingozini elwandle, nasezingozini kubazalwane bamanga,
27ngokukhandleka nangokukhathazeka, kaningi ngokuqwasha ebusuku, ngokulamba nangokoma, kaningi ngokuzila ukudla, nasemakhazeni nangokuhambaze;
28ngaphandle kwezinye izinto kukhona okungicindezelayo imihla yonke: ukukhathalela onke amabandla.
29Ngubani obuthakathaka ngingebuthakathaka nami na? Ngubani okhubekiswayo kungavuthi kimi na?
30Uma ngimelwe ukuzibonga, ngiyakuzibonga ngobuthakathaka bami.
31UNkulunkulu noYise weNkosi uJesu, obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga.
32EDamaseku induna yenkosi uAretha yalinda umuzi wamaDamaseku ukuba ingibambe;
33ngehliswa efasiteleni ngesilulu ogangeni, ngaphepha ezandleni zayo.