Inkulumo nomkhuleko kaSolomoni ekuhlanjululweni kwethempeli
1Khona wakhuluma uSolomoni, wathi: UJehova ushilo ukuthi uyakuhlala esigayegayeni.
2Kepha ngikwakhele indlu yokuhlala, indawo yokuhlala kwakho kuze kube-phakade.
3Inkosi yayisiphenduka, yalibusisa lonke ibandla lakwaIsrayeli, lonke ibandla lakwaIsrayeli lalimi.
4Yathi: Makabongwe uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi:
5Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami uIsrayeli ezweni laseGibithe angikhethanga-muzi ezizweni zonke zakwaIsrayeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe-khona lapho, futhi angikhethanga-muntu ukuba abe-ngumbusi wabantu bami uIsrayeli,
6kodwa ngikhethé iJerusalema ukuba igama lami libe-khona lapho, ngakhetha noDavide ukuba abe-phezu kwabantu bami uIsrayeli.
7Kwakusenhliziyweni kaDavide ubaba ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu kaIsrayeli indlu.
8Kepha uJehova wathi kuDavide ubaba: Njengokuba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle, ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho;
9kepha wena awuyikwakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.
10UJehova uliqinisile izwi alikhulumayo, ngokuba mina ngivelile esikhundleni sikaDavide ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwaIsrayeli njengokusho kuka Jehova, ngakhele igama likaJehova uNkulunkulu kaIsrayeli indlu.
11Ngiwumisile lapho umphongolo okukuwo isivumelwano sikaJehova asenza nabantwana bakwaIsrayeli.
12Wema phambi kwealtare likaJehova ebusweni balo lonke ibandla lakwaIsrayeli, welula izandla zakhe,
13ngokuba uSolomoni wayenzile ibhesitulu* lethusi; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu; walimisa phakathi negceke, wema kulo, wayeseguqa ngamadolo phambi kwalo lonke ibandla lakwaIsrayeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,
14ethi: Jehova Nkulunkulu kaIsrayeli, akakho unkulunkulu onjengawe ezulwini noma emhlabeni, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,
15ogciné nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo; yebo, owakukhuluma ngomlomo wakho usukugcwalisile ngesandla sakho njengokuba kunjalo namuhla.
16Ngalokho, Jehova Nkulunkulu kaIsrayeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi: Akuyikunqunywa-muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwaIsrayeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo ukuba bahambe emthethweni wami, njengalokho wena uhambé phambi kwami.
17Ngalokho, Jehova Nkulunkulu kaIsrayeli, maliqiniseke izwi lakho owalikhuluma encekwini yakho uDavide.
18Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela nabantu emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani lendlu encane engiyakhileyo na?
19Mawubheke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Jehova Nkulunkulu wami, uzwe ukukhala nokukhuleka, inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho namuhla,
20ukuba amehlo akho avulekele lendlu ubusuku nemini, indawo owasho ngayo ukuthi uyakubeka khona igama lakho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nalendawo.
21Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho uIsrayeli abayakukukhuleka bebhekene nalendawo, ukuzwe usendaweni yakho yokuhlala ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele.
22Uma umuntu ona umakhelwane wakhe, athweswe isifungo sokumfungisa, abeseza ukufunga phambi kwealtare lakho kulendlu,
23mawuzwe wena ezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho, kuphindiselwe konecala, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe, uthethelele olungileyo, umnike njengokulunga kwakhe.
24Uma abantu bakho uIsrayeli benqotshwa yisitha, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bebuya bephindela kuwe, balivume igama lakho, bakhuleke, banxuse kuwe kulendlu,
25mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sabantu bakho uIsrayeli, ubabuyisele ezweni owalinika bona nawoyise.
26Lapho izulu livaliwe, imvula ingekho, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bekhuleka bebhekene nalendawo, balivume igama lakho, baphenduke esonweni sabo, ngokuba uyabajezisa,
27mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho uIsrayeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo, uthume imvula ezweni lakho obaniké abantu bakho libe-yifa labo.
28Uma kukhona indlala ezweni, noma kukhona isifo, noma kukhona ukuhamuka, nesikhutha, nesikhonyane, nemiswenya, noma izitha zabo zibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma kuyiphi inhlupheko nasiphi isifo,
29besekuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukunxusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho uIsrayeli abayakwazi, kube-yilowo nalowo inhlupheko yakhe nosizi lwakhe, elulele izandla zakhe kulendlu,
30mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, unike, kube-yilowo nalowo njengezindlela zakhe zonke, wena owaziyo inhliziyo yakhe — ngokuba wena kuphela uyazi izinhliziyo zabantwana babantu —
31ukuba bakwesabe, bahambe ngezindlela zakho zonke izinsuku zokuhamba kwabo ezweni owalinika obaba.
32Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho uIsrayeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho elikhulu nesandla sakho esinamandla nengalo yakho eyeluliweyo, abesefika ukukhuleka kulendlu,
33mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke lowezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho, bakwesabe wena njengabantu bakho uIsrayeli, nokuze bazi ukuthi lendlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho.
34Uma abantu bakho bephuma impi ukulwa nezitha zabo ngendlela obathuma ngayo, bese bekhuleka kuJehova bebhekene nalomuzi owukhethileyo nalendlu engiyakhele igama lakho,
35mawuzwe wena ezulwini umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubavume.
36Uma bona kuwe — ngokuba akukhomuntu ongoniyo — besewubathukuthelela wena, ubanikele esitheni, ukuze ababathumbayo babamukisele ezweni lesitha, likude noma liseduze,
37kepha bese becabanga ezweni lapho bethunjelwe khona, baphenduke, banxuse kuwe ezweni lababathumbayo ngokuthi: Sonile, senzile ngokuphambeneyo, saziphatha kabi;
38uma bephendukela kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo ezweni lokuthunjwa kwabo, lapho bebathumbele khona, bakhuleke bebhekene nezwe lakubo owalinika oyise, nomuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho,
39mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubavume, uthethelele abantu bakho abonile kuwe.
40Ngalokho, Nkulunkulu wami, amehlo akho mawavulekele, nezindlebe zakho maziwulalele umkhuleko owenziwa kulendawo.
41Ngalokho:
Vuka, Jehova Nkulunkulu,
uze endaweni yakho yokuphumula,
wena nomphongolo wamandla akho;
abapristi bakho, Jehova Nkulunkulu,
mabembathiswe ukusindiswa,
nabathembekileyo bakho mabathokoze ngokuhle.
42Jehova Nkulunkulu, ungafulatheli ogcotshiweyo wakho; khumbula umusa wakho kuDavide inceku yakho.