UAhaziya uyinkosi kwaJuda
1Abakhileyo eJerusalema babeka uAhaziya indodana yakhe encane inkosi esikhundleni sakhe, ngokuba iviyo lababefiké ekamu* nabaseArabiya lalibulele bonke abokuqala. Wayesebusa-ke uAhaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda.
2UAhaziya wayeneminyaka engamashumi amane nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa umnyaka eJerusalema; igama likanina lalinguAthaliya indodakazi kaOmri.
3Naye wahamba ngezindlela zendlu ka-Ahabi, ngokuba unina wayengomeluleka ukwenza okubi.
4Wenza okubi emehlweni kaJehova njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba bona babengabamelulekayo emva kokufa kukayise, kwaba-ngukuchithwa kwakhe.
5Futhi wahamba ngeziluleko zabo, lapho ehamba noJehoramu indodana kaAhabi inkosi yakwaIsrayeli ukulwa noHazayeli inkosi yaseAramu eRamoti-Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu.
6Wabuyela ukwelashwa eJizreyeli ngenxa yamanxeba ayemlimazé wona eRama ekulweni kwakhe noHazayeli inkosi yaseAramu. UAzariya indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehla ukumbona uJehoramu indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.
7Ukubhubha kuka-Ahaziya kwavela kuNkulunkulu ekuyeni kwakhe kuJoramu, ngokuba lapho esefikile khona waphuma noJehoramu ukulwa noJehu indodana kaNimishi, amgcobileyo uJehova ukuba anqume indlu ka-Ahabi.
8Kwathi lapho uJehu ahlulela indlu ka-Ahabi, wafumanisa izikhulu zakwaJuda namadodana abafowabo baka-Ahaziya ababekhonza uAhaziya; wababulala.
9Wamfuna uAhaziya, bambamba — wayecashile eSamariya — bamletha kuJehu, bambulala; bammbela, ngokuba bathi: Uyindodana kaJehoshafati owamfuna uJehova ngenhliziyo yakhe yonke. Indlu ka-Ahaziya yayingasenamandla okuwugcina umbuso.
UAthaliya ungumbusi
10Kepha uAthaliya unina ka-Ahaziya esebonile ukuthi indodana yakhe ifile wasuka wachitha yonke imbewu yobukhosi yendlu kaJuda.
11Kodwa uJehoshabeyati indodakazi yenkosi wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, wambeka nomzanyana wakhe ekamelweni lokulala. UJehoshabeyati indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada umpristi — ngokuba wayengudadewabo ka-Ahaziya — wamfihla ebusweni buka-Athaliya, ukuze angambulali.
12Wayenabo ethukusiwe endlini kaNkulunkulu iminyaka eyisithupha; uAthaliya wabusa ezweni.