Amazwi omprofethi uJehu
1UJehoshafati inkosi yakwaJuda wabuyela ngokuphila endlini yakhe eJerusalema.
2UJehu indodana kaHanani umboni waphuma ukumhlangabeza, wathi enkosini uJehoshafati: Usiza yini ababi, uthanda abamzondayo uJehova na? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.
3Nokho kufunyaniswa kuwe nezinto ezinhle, ngokuba ususile oAshera* ezweni, wabhekisa inhliziyo yakho ukuba ifune uNkulunkulu.
UJehoshafati umisa abahluleli
4UJehoshafati wahlala eJerusalema, kepha wabuye waphuma, wahamba phakathi kwabantu, kusukela eBeri-Sheba kuze kube-sezintabeni, wababuyisela kuJehova uNkulunkulu wawoyise.
5Wamisa abahluleli ezweni emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda, imizi ngemizi, wathi kubahluleli:
6Bhekani enikwenzayo, ngokuba anahluleleli umuntu kepha uNkulunkulu, onani ekwahluleleni.
7Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe-phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.
8Futhi uJehoshafati wamisa eJerusalema kumaLevi nakubapristi nasezinhlokweni zawoyise bakwaIsrayeli abokwahlulela kukaJehova nabombango. Sebebuyela eJerusalema,
9wabayala wathi: Niyakwenze njalo ngokumesaba uJehova, ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo.
10Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo, niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi-nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba-nacala.
11Bheka, uAmariya umpristi omkhulu uphezu kwenu kuzo zonke izindaba zikaJehova, noZebadiya indodana kaIshmayeli, umbusi wendlu yakwaJuda, kuzo zonke izindaba zenkosi; namaLevi ayakuba-yizinduna ngaphambi kwenu. Yibani namandla ekwenzeni kwenu, uJehova uyakuba-nabalungileyo.