Isivumelwano sika-Asa noBeni-Hadadi
1Ngomnyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kuka-Asa, uBahasha inkosi yakwaIsrayeli wakhuphuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli-muntu ukuphuma nokungena kuAsa inkosi yakwaJuda.
2UAsa wakhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaJehova nasendlini yenkosi, wathumela kuBeni-Hadadi inkosi yaseAramu owahlala eDamaseku, wathi:
3Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe, njengalokho sasikhona phakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isiliva negolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwaIsrayeli ukuba asuke kimi.
4UBeni-Hadadi wayilalela inkosi uAsa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwaIsrayeli; zanqoba i-Ijoni, neDani, neAbela-Mayimi, nayo yonke imizi yokubekelela yakwaNafetali.
5Kwathi lapho uBahasha esekuzwile lokho, wayeka ukwakha iRama, wamisa umsebenzi wakhe.
6Kepha uAsa inkosi wahamba naye wonke uJuda; basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayelakhé ngakho; wakha ngakho iGeba neMispa.
Isiprofetho sikaHanani
7Ngalesosikhathi kweza uHanani umboni ka-Asa inkosi yakwaJuda, wathi kuye: Ngokuba wenciké enkosini yaseAramu, ungencikanga kuJehova uNkulunkulu wakho, ngalokho impi yenkosi yaseAramu iphunyukile esandleni sakho.
8AmaKushe namaLubi ayengesiyo impi enkulu yini, inezinqola nabamahashi abaningi kakhulu na? Kepha ngenxa yokwencika kwakho kuJehova wawanikela esandleni sakho.
9Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe-namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenzé ngobuwula kulento, ngokuba kusukela manje uyakuba-nokulwa njalo.
10UAsa wacunuka ngomboni, wamfaka endlini yezitokisi*, ngokuba wamfutha ngenxa yalento. UAsa wabadlova nabathile babantu ngalesosikhathi.
Ukugula nokufa kuka-Asa
11Bheka, izindaba zika-Asa, ezokuqala nezokugcina, bheka-ke, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwaIsrayeli.
12Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye wokubusa kwakhe uAsa waba-nesifo ezinyaweni zakhe; isifo sakhe sasinzima kakhulu; kepha akafunanga uJehova esifweni sakhe, izinyanga zodwa.
13UAsa wayeselala koyise, wafa ngomnyaka wamashumi amane nanye wokubusa kwakhe.
14Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide, bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.