UAsa uyinkosi kwaJuda. Unqoba amaKushe
1UAbiya wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; uAsa indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe; emihleni yakhe izwe lazola iminyaka eyishumi.
2UAsa wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.
3Wawasusa ama-altare abezizwe nezindawo eziphakemeyo, wazibhidliza izinsika, wabagawula oAshera*,
4wamtshela uJuda ukuba amfune uJehova uNkulunkulu wawoyise, awenze umthetho nemiyalo.
5Wasusa kuyo imizi yakwaJuda izindawo eziphakemeyo, nama-altare empepho; umbuso wazola phambi kwakhe.
6Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda, ngokuba izwe lazola, engenampi kuleyominyaka, ngokuba uJehova wayemphumuzile.
7Wathi kuJuda: Masakhe lemizi, siyihaqe ngogange, nangemibhoshongo, nangezivalo, nangemigoqo; izwe lisephambi kwethu, ngokuba simfunile uJehova uNkulunkulu wethu; simfunile, wasiphumuza nxazonke. Base bakha-ke, baphumelela.
8UAsa wayenempi ephethe izihlangu nemikhonto, evela kwaJuda, iyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, nevela kwaBenjamini, ephethe amahawu nensala iminsalo, iyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili; bonke labo babengamaqhawe anamandla.
9Kwaphuma ukulwa nabo uZera umKushe enempi eyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinqola ezingamakhulu amathathu, wafika eMaresha.
10UAsa wayesephuma ukuhlangabezana naye, bahlela impi esigodini saseSefata ngaseMaresha.
11UAsa wakhala kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: Jehova, akakho ngaphandle kwakho ongasiza phakathi konamandla amakhulu nongenawo; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu, ngokuba sencika kuwe, sifiké ngegama lakho kulesisixuku. Jehova, wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa-muntu.
12UJehova wawashaya amaKushe phambi kuka-Asa naphambi kukaJuda; amaKushe abaleka.
13UAsa nabantu ababenaye bawaxosha kwaze kwaba-seGerari, kwawa amaKushe kwaze kwangasala-muntu ophilayo, ngokuba achithwa phambi kukaJehova naphambi kwempi yakhe, bamuka nempango enkulu kakhulu.
14Bachitha yonke imizi ezungeza iGerari, ngokuba ingebhe ngoJehova yayiphezu kwabo; baphanga yonke imizi, ngokuba kwakukhona impango eningi kuyo.
15Bachitha namatende ezinkomo, bamuka nezimvu eziningi namakamela, babuyela eJerusalema.