AmaFilisti ayahlula uIsrayeli. Umphongolo uyathathwa. Amadodana kaEli ayabulawa
1Izwi likaSamuweli lafika kuye wonke uIsrayeli. UIsrayeli waphuma ukulwa namaFilisti, wamisa ngase-Ebeni-Ezeri; amaFilisti amisa eAfeki.
2AmaFilisti azihlelela ukuhlangana noIsrayeli; impi yaqhubeka, uIsrayeli wahlulwa phambi kwamaFilisti abulala empini ngasendle kungathi abantu abayizinkulungwane ezine.
3Kwathi abantu bengena ekamu*, amalunga akwaIsrayeli athi: UJehova usibulaleleni phambi kwamaFilisti na? Masithathe umphongolo wesivumelwano sikaJehova eShilo, siwulethe kithi, ufike phakathi kwethu, usisindise esandleni sezitha zethu.
4Abantu base bethumela eShilo, bathatha khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova-Sebawoti ohlezi phezu kwamakherubi*; amadodana amabili kaEli, oHofini noFinehasi, ayelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.
5Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJehova ufika ekamu*, wonke uIsrayeli wakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, kwaze kwaduma umhlaba.
6AmaFilisti esezwa umsindo wokukhamuluka athi: Uthini umsindo walokhukukhamuluka okukhulu ekamu* lamaHeberu na? Aqonda ukuthi umphongolo kaJehova ufikile ekamu.
7AmaFilisti esaba, ngokuba athi: UNkulunkulu ufikile ekamu*. Athi-ke: Maye kithina! Ngokuba akuzange kubekhona okunje ngaphambili.
8Maye kithina! Ngubani oyakusophula esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na? Yilaba onkulunkulu abashaya abaseGibithe ngazo zonke izifo ehlane.
9Qinani nibe-ngamadoda nina-maFilisti ukuba ningabi-yizigqila zamaHeberu, njengalokho ebeyizigqila zenu. Yibani-ngamadoda, nilwe.
10AmaFilisti alwa, uIsrayeli wachithwa, babaleka, kwaba-yilowo nalowo etendeni lakhe; kwaba-khona ukuceka okukhulu, ngokuba kwawa kuIsrayeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu abayimigundatshani.
11Umphongolo kaNkulunkulu wathathwa; amadodana omabili kaEli, oHofini noFinehasi, abulawa.
12Kwaphuma umuntu wakwaBenjamini empini, wagijima waya eShilo ngalolosuku, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda.
13Ekufikeni kwakhe, bheka, uEli wayehlezi esihlalweni sakhe ngaseceleni komgwaqo, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngomphongolo kaNkulunkulu. Esengenile emzini lowomuntu, wakubika, wakhala umuzi wonke.
14Lapho uEli ezwa umsindo wokukhala, wathi: Uthini umsindo walokhukumemeza na? Lowomuntu washesha waya wamtshela uEli.
15UEli wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili; amehlo akhe ayequndekile, engenakubona.
16Lowomuntu wathi kuEli: Nginguye owaphuma empini, ngibaleké empini namuhla. Wathi: Bekunjani, ndodana yami, na?
17Owaletha umbiko waphendula wathi: UIsrayeli ubalekile phambi kwamaFilisti; kwakukhona ukubulawa okukhulu phakathi kwabantu; amadodana akho omabili oHofini noFinehasi afile, nomphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.
Ukufa kukaEli. UIkabodi
18Kwathi esaphatha umphongolo kaNkulunkulu, wawa nyovane esihlalweni sakhe ngaseceleni kwesango, kwaphuka intamo yakhe, wafa, ngokuba wayengumuntu omdala, esinda. Wayebahlulele abakwaIsrayeli iminyaka engamashumi amane.
19Umalokazana wakhe, umkaFinehasi, wayekhulelwe esezakubeletha; esezwile umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe nokuthi kufile uyisezala nomyeni wakhe, wakhonkobala, wabeletha, ngokuba wafikelwa yimihelo.
20Ngesikhathi sokufa kwakhe abesifazane ababemi kuye bathi kuye: Ungesabi, ngokuba ubelethé indodana. Kepha akaphendulanga, akakunakanga.
21Wamqamba umntwana ngokuthi uIkabodi*, ethi: Inkazimulo isukile kwaIsrayeli, ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nangenxa kayisezala wakhe nomyeni wakhe.
22Wathi: Inkazimulo isukile kwaIsrayeli, ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.