UDavide uxoshwa yizikhulu zamaFilisti
1AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo eAfeki; abakwaIsrayeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli.
2Amakhosi amaFilisti adlula ngamakhulu nangezinkulungwane; uDavide nabantu bakhe badlula emuva kanye noAkhishi.
3Zase zithi izikhulu zamaFilisti: Ayini lawamaHeberu na? UAkhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti: Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakwaIsrayeli okade enami kulezizinsuku nakuleminyaka na? Angifumananga-lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kubenamuhla.
4Kepha izikhulu zamaFilisti zamthukuthelela; izikhulu zamaFilisti zathi kuye: Buyisa lowomuntu ukuba abuyele endaweni yakhe ommisé kuyo, angehleli nathi empini, funa abe-yisitha sethu empini, ngokuba lona ubeyakuyigculisa ngani inkosi yakhe kungengamakhanda alawomadoda na?
5Lona akasiye uDavide ababehlabelela ngaye, besina bethi:
USawule ubulele izinkulungwane zakhe,
kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi, na?
6UAkhishi wambiza uDavide, wathi kuye: Kuphila kukaJehova, wena uqotho; ukuphuma kwakho nokungena kwakho nami empini kuhle emehlweni ami, ngokuba angifumananga-bubi kuwe kusukela osukwini lokufika kwakho kimi kuze kube-namuhla; nokho emehlweni amakhosi awumuhle.
7Ngalokho buya, uhambe ngokuthula, ungenzi okubi emehlweni amakhosi amaFilisti.
8UDavide wathi kuAkhishi: Kepha ngenzeni na? Ufumeneni encekwini yakho, kusukela osukwini engaba-phambi kwakho ngalo kuze kube-namuhla, ukuba ngingayi ukulwa nezitha zenkosi yami, inkosi, na?
9UAkhishi waphendula, wathi kuDavide: Ngiyazi ukuthi umuhle emehlweni ami njengengelosi kaNkulunkulu, nokho izikhulu zamaFilisti zishilo ukuthi: Akayikukhuphuka, aye nathi empini.
10Ngalokho vuka ekuseni kusasa kanye nezinceku zenkosi yakho ezifiké nawe; senivukile ekuseni kusasa, sekukhanya, hambani.
11UDavide wavuka ekuseni, yena nabantu bakhe, ukuba bahambe ekuseni, babuyele ezweni lamaFilisti. AmaFilisti enyukela eJizreyeli.