UDavide usempini yamaFilisti
1Kwathi ngalezozinsuku amaFilisti abutha amabutho awo ukuba aphume impi noIsrayeli. UAkhishi wathi kuDavide: Yazi nokwazi ukuthi uyakuphuma impi nami, wena nabantu bakho.
2UDavide wathi kuAkhishi: Ngalokho uyakwazi ukuthi inceku yakho iyakwenzani. UAkhishi wathi kuDavide: Ngalokho ngiyakukubeka ube-ngumlindi wekhanda lami kuze kube-nini.
USawule uya konedlozi e-Eni-Dori
3USamuweli wayesefile; wonke uIsrayeli wamkhalela, wammbela eRama umuzi wakhe. USawule wayexoshile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi.
4AmaFilisti abuthana afika, amisa eShunemi; uSawule wabutha wonke uIsrayeli, wamisa eGilibowa.
5Lapho uSawule ebona impi yamaFilisti, wesaba, inhliziyo yakhe yathuthumela kakhulu.
6USawule wabuza kuJehova; uJehova akamphendulanga nangamaphupho, nangeUrimi*, nangabaprofethi.
7Wayesethi uSawule kuzo izinceku zakhe: Ngifuneleni owesifazane onedlozi ukuba ngiye kuye, ngibuze kuye. Izinceku zakhe zathi kuye: Bheka, kukhona owesifazane onedlozi e-Eni-Dori.
8USawule waziguqula, wembatha ezinye izingubo, wahamba yena nabantu ababili benaye, bafika kowesifazane ebusuku, wathi: Ake ungibhulele ngedlozi, ungenyusele engiyakumusho kuwe.
9Owesifazane wathi kuye: Bheka, uyazi ukuthi uSawule wenzeni, ukuba unqumile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi; ngalokho ungibekelani ugibe ukuba ungibulale na?
10USawule wafunga uJehova kuye owesifazane, wathi: Kuphila kukaJehova, awuyikwehlelwa-cala ngalokho.
11Wayesethi owesifazane: Ngiyakukwenyusela-bani na? Wathi: Ngenyusele uSamuweli.
12Lapho owesifazane embona uSamuweli, wamemeza ngezwi elikhulu; owesifazane wakhuluma noSawule, wathi: Ungikhohliseleni na? Ngokuba unguSawule.
13Inkosi yayisithi kuye: Ungesabi; ubonani na? Owesifazane wathi kuSawule: Ngibona unkulunkulu ephuma emhlabathini.
14Wathi kuye: Unesimo sini na? Wathi: Kukhuphuka ixhegu limboziwe ngengubo. USawule wabona ukuthi kunguSamuweli, wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka.
15USamuweli wathi kuSawule: Unginyakaziselani ukuba ungenyuse na? USawule waphendula wathi: Ngihluphekile kakhulu, ngokuba amaFilisti ayalwa nami; uNkulunkulu ungishiyile, akasangiphenduli nangabaprofethi nangamaphupho; ngalokho ngikubizele ukuba ungazise ukuthi ngiyakwenze-njani.
16USamuweli wathi: Pho, ubuzelani kimi, lokhu uJehova esesukile kuwe, waba-yisitha sakho, na?
17UJehova wenzile ngokwakhe, njengalokho akhuluma ngami: uJehova ukwaphucile umbuso esandleni sakho, wawunika umakhelwane wakho uDavide.
18Ngokuba awulalelanga izwi likaJehova, awenzanga ulaka lwakhe olushisayo phezu kwama-Amaleki; ngalokho uJehova wenzile lokhu kuwe namuhla.
19Futhi uJehova uyakunikela uIsrayeli kanye nawe esandleni samaFilisti; kusasa wena namadodana akho niyakubanami; uJehova uyakunikela nempi yabakwaIsrayeli esandleni samaFilisti.
20USawule wayesewela phansi ngekhanda, wesaba kakhulu ngenxa yamazwi kaSamuweli, akwabakho-mandla kuye, ngokuba akadlanga-lutho ngosuku lonke nobusuku bonke.
21Owesifazane wafika kuSawule, wabona ukuthi wesaba kakhulu, wathi kuye: Bheka, incekukazi yakho ililalele izwi lakho, ngibekile ukuphila kwami esandleni sami; ngalalela amazwi akho owawakhuluma kimi.
22Ngalokho mawulilalele izwi lencekukazi yakho, ngibeke ucezu lwesinkwa phambi kwakho; yidla ukuba uthole amandla, nxa uhamba indlela yakho.
23Kepha wala wathi: Angiyikudla. Kodwa zamcindezela izinceku zakhe kanye nowesifazane, walilalela izwi labo. Wayesevuka emhlabathini, wahlala embhedeni.
24Owesifazane wayenethole elikhuluphalisiweyo endlini; washesha walibulala; wathatha impuphu, wayixova, wenza isinkwa esingenamvubelo ngayo,
25wasiletha phambi kukaSawule naphambi kwezinceku zakhe, badla. Base besuka bahamba ngalobobusuku.