UDavide uyamyeka uSawule ngokwesibili
1AbaseZifi beza kuSawule eGibeya, bathi: UDavide akacashi yini entabeni yaseHakhila engaphambi kwehlane na?
2USawule wasuka, wehlela ehlane laseZifi enabantu abakhethiweyo bakwaIsrayeli abayizinkulungwane ezintathu ukuba amfune uDavide ehlane.
3USawule wamisa entabeni yaseHakhila engaphambi kwehlane ngasendleleni. Kepha uDavide wahlala ehlane, wabona ukuthi uSawule uyamlandela ehlane.
4UDavide wayesethuma izinhloli, wazi ukuthi uSawule ufikile impela.
5UDavide wasuka, weza endaweni uSawule amisé kuyo; uDavide wabona indawo uSawule ahlala kuyo, enoAbineri indodana kaNeri, induna yempi yakhe; uSawule wayelele ezinqoleni, abantu bemisé ngakuye nxazonke.
6UDavide wayesethatha washo kuAhimeleki umHeti nakuAbishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, ethi: Ngubani oyakwehla nami ukuya kuSawule ekamu* na? UAbishayi wathi: Ngiyakwehla nawe.
7ODavide noAbishayi bafika kubantu ebusuku; bheka, uSawule wayelele ubuthongo ezinqoleni, umkhonto wakhe ugxunyekiwe emhlabathini ngasekhanda lakhe; uAbineri nabantu bakhe babelele ngakuye nxazonke.
8UAbishayi wathi kuDavide: UNkulunkulu unikele isitha sakho esandleni sakho namuhla; ngalokho mangimgwaze kanye ngomkhonto uze udle umhlabathi, ngingamphindi.
9UDavide wathi kuAbishayi: Ungambulali, ngokuba ngubani ongelulela isandla sakhe kogcotshiweyo kaJehova, angabi-nacala, na?
10UDavide wathi: Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya, noma kufika nje usuku lwakhe lokufa, noma ehlela empini, abhubhe.
11UJehova makenqabe ukuba ngelulele isandla sami kogcotshiweyo kaJehova; ake uthathe umkhonto ongasekhanda lakhe nesigubhu samanzi, sihambe.
12UDavide wayesethatha umkhonto nesigubhu samanzi ngasekhanda likaSawule, bahamba, kungaboni-muntu, kungazi-muntu, kungavuki-muntu, ngokuba babelele bonke, lokhu bebehlelwe ngubuthongo obunzima obuvela kuJehova.
13UDavide wayesewelela phesheya, wema esiqongweni sentaba ekude, isikhala esikhulu siphakathi kwabo.
14UDavide wabiza abantu noAbineri indodana kaNeri, ethi: Awusabeli, Abineri, na? UAbineri wayesesabela ethi: Ungubani wena obiza inkosi na?
15UDavide wathi kuAbineri: Awusiye umuntu okungekho onjengawe kwaIsrayeli na? Awulindanga ngani inkosi yakho, inkosi? Ngokuba kwafika omunye wabantu ukuyobulala inkosi yakho, inkosi.
16Akukuhle okwenzileyo Kuphila kukaJehova, nimelwe ukufa, ngokuba anilindanga inkosi yenu, ogcotshiweyo kaJehova. Manje bhekani ukuthi umkhonto wenkosi uphi nesigubhu samanzi esasingasekhanda lakhe.
17USawule walazi izwi likaDavide, wathi: Yizwi lakho leli, ndodana yami Davide, na? UDavide wathi: Yizwi lami, nkosi yami, nkosi.
18Wathi: Inkosi yami iyixoshelani inceku yayo na? Ngokuba ngenzeni na? Ngububi buni obusesandleni sami na?
19Ngalokho mayizwe inkosi yami, inkosi, amazwi enceku yayo. Uma nguJehova okuncokoloza ngami, makamukele umnikelo, kepha uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaJehova, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingazihlanganisi nefa likaJehova, bethi: Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.
20Ngalokho igazi lami malingaweli emhlabathini ngikude noJehova, ngokuba inkosi yakwaIsrayeli iphumele ukufuna intwakumba eyodwa, njengalokhu kuzingelwa intendele ezintabeni.
21USawule wathi: Ngonile; buya, ndodana yami Davide, ngokuba angisayikukulimaza, lokhu ukuphila kwami bekuyigugu emehlweni akho namuhla; bheka, ngenzé okwesiwula, ngidukile kakhulu.
22UDavide waphendula wathi: Bheka umkhonto, nkosi! Makuwele enye yezinsizwa, iwulande.
23UJehova uyakuphindisela, kubeyilowo nalowo ngokulunga kwakhe nangokuthembeka kwakhe, lokhu uJehova ekunikele esandleni sami namuhla, angavuma ukwelula isandla sami kogcotshiweyo kaJehova.
24Futhi bheka, njengalokho ukuphila kwakho kwakukhulu ngalolosuku emehlweni ami, ukuphila kwami makube-kukhulu emehlweni kaJehova, yena angophule ekuhluphekeni konke.
25USawule wathi kuDavide: Mawubusiswe wena-ndodana yami Davide; uyakwenza izinto ezinkulu, uphumelele kahle. Wayesehamba uDavide ngendlela yakhe, uSawule wabuyela endaweni yakhe.