UJonathani uphinda amkhulumele uDavide
1UDavide wabaleka eNayoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: Ngenzeni na? Liyini icala lami na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?
2Wathi kuye: Makube-kude lokho; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi-lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela lento kimi na? Akuyikuba-njalo.
3UDavide wabuye wafunga, wathi: Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: Makangazi lokhu uJonathani, funa abe-nosizi; kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.
4UJonathani wayesethi kuDavide: Noma kuyini inhliziyo yakho ekushoyo, ngiyakukwenzela khona.
5UDavide wathi kuJonathani: Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga; angifanele ukuphutha ukuhlala nenkosi ekudleni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube-sosukwini lwesithathu ngakusihlwa.
6Uma uyihlo engifica ngingekho, wothi: UDavide wacela nokucela ukuba agijimele eBetlehema umuzi wakhe, ngokuba kukhona lapho umhlatshelo weminyaka ngeminyaka owenzelwa wonke umndeni wakubo.
7Uma esho ukuthi: Kulungile, inceku yakho iyakuba-nokuthula; kepha uma ethukuthela, yazi-ke ukuthi unqumé okubi.
8Ngalokho yenzela inceku yakho isihawu, ngokuba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova nawe; kepha uma kukhona ububi kimi, ngibulale wena, ngokuba ubuyakungiyiselani kuyihlo na?
9UJonathani wathi: Makube-kude nawe, ngokuba uma bengazi nakanci ukuthi kunqunywé okubi ngubaba ukuba wehlelwe yikho, bengingayikukutshela na?
10UDavide wayesethi kuJonathani: Ngubani oyakungitshela, uma mhlawumbe uyihlo ekuphendula kabi, na?
11UJonathani wathi kuDavide: Woza siye endle. Baphuma bobabili, baya endle.
12UJonathani wathi kuDavide: Jehova Nkulunkulu kaIsrayeli, nxa ngimphenya ubaba ngalesisikhathi kusasa noma ngomhlomunye, bheka, uma kukuhle kuDavide, ngiyakuthumela kuwe, ngikwambulele kuwe.
13UJehova makenze njalo kuJonathani, enezele futhi, uma kukuhle kubaba ukukwenzela okubi, ngingakwambuleli kuwe, ngikuvumele ukuba uhambe kahle; uJehova makabe-nawe, njengalokho ayenobaba.
14Awuyikungenzela umusa kaJehova ukuba ngingafi ngisekhona kuphela,
15kepha futhi mawunganqumi isihawu sakho endlini yami kuze kube-phakade, hayi nalapho uJehova esenqumile zonke izitha zikaDavide ebusweni bomhlaba.
16UJonathani wayesenza isivumelwano nendlu kaDavide; futhi uJehova wakubiza esandleni sezitha zikaDavide.
17UJonathani waphinda wamfungisa ukumthanda kwakhe, ngokuba wamthanda njengokuba ethanda umphefumulo wakhe.
18UJonathani wayesethi kuye: Kusasa iyakwethwasa inyanga; uyakuficwa ungekho, ngokuba isihlalo sakho siyakubaze.
19Usuhlalile izinsuku ezintathu; yehla masinyane, uye kuleyondawo owacasha kuyo ngosuku lwesenzo leso, uhlale ngasetsheni lase-Ezeli.
20Ngiyakucibishela imicibisholo emithathu ngaseceleni kwalo, kungathi ngicibishela isigcibisholo.
21Bheka, ngiyakuthuma umfana ngokuthi: Hamba ufune imicibisholo. Uma ngithi kumfana: Bheka, imicibisholo inganeno kwakho, yithathe, woza wena, ngokuba ungaba-nokuthula, akukho-lutho, kuphila kukaJehova.
22Kepha uma ngithi kanje kumfana: Bheka, imicibisholo ingalaphaya kwakho, hamba, ngokuba uJehova ukumukisile.
23Namaqondana nendaba esikhulumé ngayo mina nawe, bheka, uJehova uphakathi kwakho nami kuze kube-phakade.
24UDavide wacasha masinyane endle; isethwasile inyanga, inkosi yahlala ekudleni ukuba idle.
25Inkosi yahlala esihlalweni sayo njengakwezinye izikhathi, isihlalo esingasodongeni; uJonathani wema, uAbineri wahlala ngaseceleni kukaSawule; kepha indawo kaDavide yayiyize.
26Kodwa uSawule akakhulumangalutho ngalolosuku, ngokuba wacabanga ukuthi: Okuthile kumehlele; akahlambulukile, impela akahlambulukile.
27Kwathi ngangomuso emva kokwethwasa kwenyanga ngolwesibili indawo kaDavide yayiyize; uSawule wathi kuJonathani indodana yakhe: Indodana kaJese ayifikanga ngani ekudleni nayizolo nanamuhla na?
28UJonathani wamphendula uSawule, wathi: UDavide wangicela nokungicela ukuba aye eBetlehema,
29wathi: Ake ungivumele ukuba ngihambe, ngokuba umndeni wakithi unomhlatshelo emzini; umfowethu ungiyalile; manje-ke, uma ngifumene umusa emehlweni akho, mangihambe ngibone abafowethu. Ngalokho akafikanga etafuleni lenkosi.
30Intukuthelo kaSawule yayisimvuthela uJonathani, wathi kuye: Wenandodana yowesifazane owonakeleyo nohlubukileyo, angazi yini ukuthi ukhethile indodana kaJese kube-yihlazo lakho nehlazo lobunqunu bukanyoko, na?
31Ngokuba izinsuku zonke indodana kaJese isekhona emhlabeni awuyikuzinza nombuso wakho. Ngalokho thumela umlethe kimi, ngokuba ungowokufa yena.
32UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: Uyakubulalelwani? Wenzeni na?
33USawule wamgema ngomkhonto ukuba amgwaze; wayesekwazi uJonathani ukuthi uyise unqumé ukumbulala uDavide.
34UJonathani wasuka etafuleni evutha ulaka, akadlanga-kudla ngosuku lwesibili lwenyanga, ngokuba wayenosizi ngenxa kaDavide, lokhu uyise emhlazisile.
35Kwathi ekuseni uJonathani waphuma, waya endle ngesikhathi abasimisile noDavide, umfana omncane enaye.
36Wathi kumfana wakhe: Gijima, ufune imicibisholo engiyicibishelayo; esagijima umfana, wacibishela umcibisholo ngaphambi kwakhe.
37Umfana esefikile endaweni yomcibisholo uJonathani ayicibisheleyo, uJonathani wamemeza emva komfana, wathi: Umcibisholo awungaphambi kwakho na?
38UJonathani wamemeza emva komfana, wathi: Shesha, ukhawuleze, ungemi. Umfana kaJonathani waqoqa imicibisholo, wafika enkosini yakhe.
39Kepha umfana wayengazi-lutho; oJonathani noDavide kuphela babeyazi lendaba.
40UJonathani wanika umfana wakhe izikhali zakhe, wathi kuye: Hamba, uziyise emzini.
41Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.
42UJonathani wathi kuDavide: Hamba kahle, lokhu sifungile sobabili igama likaJehova ngokuthi: UJehova uyakubaphakathi kwami nawe naphakathi kwenzalo yami nenzalo yakho kuze kube-phakade. Wavuka, wahamba; uJonathani wangena emzini.