UDavide ukhulunyelwa kuSawule nguJonathani
1USawule wakhuluma kuJonathani indodana yakhe nakuzo zonke izinceku zakhe ngokubulala uDavide. Kepha uJonathani indodana kaSawule wamenamela kakhulu uDavide.
2UJonathani wamtshela uDavide, wathi: USawule ubaba ufuna ukukubulala; ngalokho ake uxwaye kusasa, uhlale esitha, ucashe;
3ngiyakuphuma ngime ngakubaba endle lapho ukhona, ngikhulume ngawe nobaba; uma ngibona okuthile, ngiyakukutshela.
4UJonathani wakhuluma okuhle ngoDavide kuSawule uyise, wathi kuye: Inkosi mayingayoni inceku yayo uDavide, ngokuba akakonanga, nemisebenzi yakhe kuwe ilungile kakhulu;
5wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wabulala umFilisti, uJehova wamenzela wonke uIsrayeli insindiso enkulu, wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engoné-lutho, na?
6USawule walilalela izwi likaJonathani; uSawule wafunga wathi: Kuphila kukaJehova, akayikubulawa.
7UJonathani wambiza uDavide; uJonathani wamtshela konke lokho. UJonathani wamyisa uDavide kuSawule, waba-khona ebusweni bakhe njengakuqala.
USawule uphinda azame ukumbulala uDavide. Ukubaleka kukaDavide. UDavide useRama
8Kwabuye kwaba-khona impi futhi; uDavide waphuma walwa namaFilisti, wawaceka ngokuceka okukhulu; ambalekela.
9Umoya omubi owavela kuJehova wamehlela uSawule ehlezi endlini yakhe, ephethe umkhonto esandleni sakhe; uDavide wayebetha ngesandla.
10USawule wafuna ukumbhujela uDavide ngomkhonto odongeni, kepha wanyelela ebusweni bukaSawule, wagwaza ngomkhonto odongeni; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobobusuku.
11USawule wathuma izithunywa endlini kaDavide ukuba zimlinde, zimbulale ekuseni; uMikhali umkaDavide wamtshela wathi: Uma ungasindisi ukuphila kwakho ngalobubusuku, uyakubulawa kusasa.
12UMikhali wamehlisa uDavide ngefasitele, wahamba, wabaleka, waphunyuka.
13UMikhali wathatha itherafi*, walibeka embhedeni, wabeka isicamelo soboya bezimbuzi ngasekhanda lalo, walembesa izingubo.
14Lapho uSawule esethuma izithunywa ukumthatha uDavide, wathi: Uyagula.
15USawule wathuma izithunywa ukumbona uDavide, ethi: Mkhuphuleni kimi ngombhede ukuba ngimbulale.
16Lapho izithunywa zingena, bheka, itherafi* lalisembhedeni, isicamelo soboya bezimbuzi singasekhanda lalo.
17USawule wathi kuMikhali: Ungikhohliseleni kanje, uvumele isitha sami ukuba sihambe, siphunyuke, na? UMikhali wamphendula uSawule ngokuthi: Wathi kimi: Ngivumele ukuba ngihambe; ngiyakukubulalelani na?
18Wayesebaleka uDavide, waphunyuka, waya kuSamuweli eRama, wamtshela konke uSawule abekwenzile kuye. Yena noSamuweli baya bahlala eNayoti.
19Kwabikwa kuSawule, kwathiwa: Bheka, uDavide useNayoti eRama.
20USawule wathuma izithunywa ukumthatha uDavide; lapho zibona iviyo labaprofethi beprofetha, uSamuweli emi engumholi wabo, uMoya kaNkulunkulu wazehlela izithunywa zikaSawule, nazo zaprofetha.
21Kwabikwa kuSawule; wathuma ezinye izithunywa; nazo zaprofetha. USawule wayesephinda wathuma izithunywa ngokwesithathu; nazo zaprofetha.
22Wayeseya naye eRama, wafika emthonjeni oseSeku, wabuza ukuthi: Baphi oSamuweli noDavide na? Kwathiwa: Bheka, baseNayoti eRama.
23Wayeseya khona eNayoti eRama; uMoya kaNkulunkulu wehlela naphezu kwakhe, wahambahamba waprofetha, waze wafika eNayoti eRama.
24Naye wakhumula izingubo zakhe, waprofetha naye phambi kukaSamuweli, walala phansi enqunu lonke lolosuku nabo bonke lobobusuku. Ngalokho kwathiwa: Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?