Ukugcotshwa kukaDavide abe-yinkosi
1UJehova wathi kuSamuweli: Uyakumkhalela kuze kube-nini na? Ngokuba ngimlahlile ukuba angabe esaba-yinkosi phezu kukaIsrayeli; gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngiyakukuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.
2Wathi uSamuweli: Ngingahamba kanjani? Uma uSawule ekuzwa, uyakungibulala. UJehova wathi: Hamba nesithokazi, uthi: Ngizé ukuhlabela uJehova.
3Mbize uJese ekuhlabeni; ngiyakukwazisa ukuthi uyakwenzani: uyakungigcobela lowo engiyakumusho kuwe.
4USamuweli wenza lokho akushoyo uJehova, waya eBetlehema. Amalunga omuzi amhlangabeza ethuthumela, athi: Ukufika kwakho kunokuthula na?
5Wathi: Yebo, kunokuthula; ngizé ukuhlabela uJehova; zingcweliseni, nize nami ekuhlabeni. Wabangcwelisa uJese namadodana akhe, wababiza ukuba beze ekuhlabeni.
6Kwathi sebefikile, wabheka uEliyabe, wathi: Impela ogcotshiweyo kaJehova uphambi kwakhe.
7Kepha uJehova wathi kuSamuweli: Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.
8UJese wayesebiza uAbinadaba, wamdlulisa phambi kukaSamuweli. Wathi: Nalona uJehova akamkhethanga.
9UJese wayesedlulisa uShama. Wathi: Nalona uJehova akamkhethanga.
10UJese wadlulisa ayisikhombisa kumadodana akhe phambi kukaSamuweli. USamuweli wathi kuJese: UJehova akawakhethanga nalawa.
11USamuweli wathi kuJese: Sebephelile abafana na? Wathi: Kusasele omncane; bheka, uyalusa izimvu. USamuweli wathi kuJese: Thumela umlande, ngokuba asiyikubuya, engakafiki lapha.
12Wathumela, wamngenisa. Wayebomvana enamehlo amahle, emuhle ngokubukwa. UJehova wathi: Suka umgcobe, ngokuba lona nguye.
13USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide ngamandla, kusukela kulolosuku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.
UDavide uya endlunkulu
14UMoya kaJehova wamuka kuSawule, nomoya omubi owavela kuJehova wamzuma.
15Izinceku zikaSawule zathi kuye: Bheka-ke, umoya omubi ovela kuNkulunkulu ukuzumile.
16Mayisho inkosi yethu ukuba izinceku eziphambi kwakho zifune umuntu owazi ukubetha ihabhu*; kuyakuthi lapho ufikelwa ngumoya omubi ovela kuNkulunkulu, abethe ngesandla sakhe, kube-kuhle kuwe.
17USawule wayesethi kuzo izinceku zakhe: Ngiboneleni umuntu owazi ukubetha kahle, nimlethe kimi.
18Kwaphendula enye insizwa, yathi: Bheka, ngibonile indodana kaJese waseBetlehema eyazi ukubetha, eyiqhawe elinamandla, eyindoda yempi nehlakaniphile ekukhulumeni, ebukeka, emuhle futhi; uJehova unayo.
19Ngalokho uSawule wathuma izithunywa kuJese, wathi: Thuma kimi uDavide indodana yakho osezimvini.
20UJese wathatha imbongolo ithwele isinkwa, nemvaba yewayini, nezinyane lembuzi, wakuthuma kuSawule ngesandla sikaDavide indodana yakhe.
21UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe; wamthanda kakhulu, waba-ludibi lwezikhali zakhe.
22USawule wathumela kuJese, wathi: Akeme phambi kwami uDavide, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami.
23Kwathi nxa umoya owavela kuNkulunkulu emehlela uSawule, uDavide wathatha ihabhu*, walibetha ngesandla sakhe; wayesekhululeka uSawule, wabangcono, umoya omubi wamuka kuye.