Ubuqhawe bukaJonathani
1Kwathi ngosuku oluthile uJonathani indodana kaSawule wathi odibini oluphethe izikhali zakhe: Woza siwele, siye ekhandeni lamaFilisti elingaphesheya. Kepha akamtshelanga uyise.
2USawule wahlala emaphethelweni aseGibeya phansi kompomegranati* oseMigroni; abantu ababenaye babengamakhulu ayisithupha;
3uAhiya indodana ka-Ahithubi, umfowabo kaIkabodi indodana kaFinehasi kaEli, umpristi kaJehova eShilo, wayembethe ingubo yamahlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile.
4Phakathi kwezintuba uJonathani afuna ukuwela ngazo ukuya ekhandeni lamaFilisti kwakukhona ugedla lwesiwa ngalapha nogedla lwesiwa ngalapha; igama lolunye laliyiBosesi, negama lolunye laliyiSene.
5Olunye ugedla lwaluphakeme ngasenyakatho phambi kweMikimashi, nolunye ngaseningizimu phambi kweGeba.
6UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe: Woza siwele, siye ekhandeni lalabo abangasokile; ingabe uJehova uyakusisebenzela, ngokuba akukho okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.
7Ophethe izikhali zakhe wathi kuye: Yenza konke okusenhliziyweni yakho: hamba; bheka, nginawe njengenhliziyo yakho.
8Wayesethi uJonathani kuye: Bheka, siyakuwela, siye kulabobantu, sizibonakalise kubo.
9Uma bethi kanje kithi: Hlalani size sifike kini, khona siyakuma endaweni yethu, singenyukeli kubo.
10Kepha uma bethi kanje: Yenyukelani kithi, siyakwenyuka, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sethu; lokhu kuyakuba-yisibonakaliso kithi.
11Bobabili bazibonakalisa kulo ikhanda lamaFilisti; amaFilisti ayesethi: Bhekani, amaHeberu aphuma emigodini acashé kuyo.
12Abantu basekhandeni bamphendula uJonathani nodibi lwakhe, bathi: Khuphukelani kithi, siyakunifundisa indaba. UJonathani wayesethi odibini oluphethe izikhali zakhe: Khuphuka emva kwami, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sakwaIsrayeli.
13UJonathani wakhuphuka ngezandla zakhe nangezinyawo zakhe, nodibi lwakhe emva kwakhe; bawa phambi kukaJonathani, nodibi lwezikhali zakhe lwababulala emva kwakhe.
14Lokhokuceka kokuqala abakwenzayo uJonathani nodibi lwezikhali zakhe kwakungabantu kungathi amashumi amabili ebangeni elingathi inxenye ye-eka* lensimu.
15Kwaba-khona ukuthuthumela ekamu*, nasendle, naphakathi kwabantu bonke; ikhanda nabaphangi bathuthumela nabo, nomhlaba wazamazama, kwaze kwaba-ngukuthuthumela okukhulu.
16Abalindi bakaSawule eGibeya lakwaBenjamini babona, bheka, isixuku sahlakazeka, saya ngalapha nangalapha.
17USawule wayesethi kubantu ababenaye: Balani manje, nibone ukuthi ngubani omukile kithi. Babala, bheka, uJonathani nodibi lwezikhali zakhe babengekho.
18USawule wathi kuAhiya: Letha umphongolo kaNkulunkulu. Ngokuba umphongolo kaNkulunkulu wawukhona ngalesosikhathi kwabakwaIsrayeli.
19Kwathi uSawule esakhuluma kumpristi, umsindo owawusekamu* lamaFilisti waqhubeka, wanda; uSawule wathi kumpristi: Susa isandla sakho.
20USawule nabo bonke abantu ababenaye babuthana, baya ekulweni; bheka, yilowo nalowo washaya omunye ngenkemba, kwaba-khona ukungquzuka okukhulu kakhulu.
21AmaHeberu ayenamaFilisti kuqala nawo akhuphukela ekamu* nxazonke, aphendukela kwabakwaIsrayeli ababenoSawule noJonathani.
22Abantu bonke bakwaIsrayeli ababecashile ezintabeni zakwaEfrayimi sebezwile ukuthi amaFilisti abaleka, nabo bawaxosha ekulweni.
23UJehova wasindisa uIsrayeli ngalolosuku; ukulwa kwadlulela eBeti-Aveni.
Isiyalezo sikaSawule
24Abantu bakwaIsrayeli babecindezelwa ngalolosuku, kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami. Akwabakho-muntu owezwa ukudla.
25Abantu bonke beza ehlathini; kwakukhona izinyosi phansi.
26Abantu sebengenile ehlathini, bheka, izinyosi zaconsa, kepha akwabakhomuntu obeka isandla emlonyeni, ngokuba abantu besaba isifungo.
27Kepha uJonathani akezwanga lapho uyise efungisa abantu; ngalokho welula isihloko senduku esesandleni sakhe, wasicwilisa ezinyosini, wabeka isandla emlonyeni; ayeseqabuka amehlo akhe.
28Kwase kuthatha omunye wabantu, wathi: Uyihlo wabafungisa nokubafungisa abantu, ethi: Makaqalekiswe umuntu odla ukudla namuhla. Abantu babephelile amandla.
29Wayesethi uJonathani: Ubaba uhluphile izwe; ake nibone ukuthi amehlo ami aseqabukile, ngokuba ngizwé ingcosana yalezizinyosi.
30Kakhulu kangakanani, uma abantu bebedlile impela impango yezitha zabo abayifumanayo, ngokuba nga engabulawanga kakhulu amaFilisti na?
31Babulala amaFilisti ngalolosuku kusukela eMikimashi kuze kube-seAjaloni; abantu baphela amandla kakhulu.
32Abantu batheleka empangweni, bathatha izimvu, nezinkabi, namankonyane, bakubulalela phansi; abantu bakudla kanye negazi.
33Base bemtshela uSawule, bethi: Bheka, abantu bayona kuJehova ngokudla okunegazi. Wathi: Nenzé kabi; gingqelani kimi itshe elikhulu namuhla.
34Wathi uSawule: Hlakazekelani phakathi kwabantu, nithi kubo: Lethani kimi, kube-yilowo nalowo inkabi yakhe, nalowo imvu yakhe, nizihlabe lapha, nidle, ningoni kuJehova ngokudla okunegazi. Bonke abantu baletha, kwaba-yilowo nalowo inkabi yakhe ngalobobusuku ngesandla sakhe, bazihlaba khona.
35USawule wamakhela uJehova ialtare; kwakuyialtare lokuqala amakhela lona uJehova.
36USawule wathi: Masehle, silandele amaFilisti ebusuku, siwaphange kuze kuse, singashiyi noyedwa kuwo. Bathi: Yenza konke okuhle emehlweni akho. Umpristi wayesethi: Masisondele lapha kuNkulunkulu.
37USawule wabuza kuNkulunkulu wathi: Ngehle ngilandele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sakwaIsrayeli na? Kepha akamphendulanga ngalolosuku.
38USawule wathi: Sondelani lapha nina nonke-zinhloko zabantu, nazi, nibone ukuthi bekuyisiphi lesisono sanamuhla.
39Ngokuba, kuphila kukaJehova osindisa uIsrayeli, nokuba sikuJonathani indodana yami, uyakufa nokufa. Kepha akwabakho noyedwa owamphendulayo.
40Wayesethi kuIsrayeli wonke: Buyelani nganhlanye nina, mina noJonathani indodana yami siyakubuyela nganhlanye. Abantu bathi kuSawule: Yenza okuhle emehlweni akho.
41Ngalokho uSawule wathi kuJehova uNkulunkulu kaIsrayeli: Malivele iqiniso. OJonathani noSawule badliwa yinkatho, kepha abantu baphunyuka.
42USawule wathi: Yenzani inkatho phakathi kwami noJonathani indodana yami. Wadliwa uJonathani.
43USawule wayesethi kuJonathani: Ngitshele okwenzileyo. UJonathani wamtshela wathi: Impela ngezwa ingcosana yezinyosi ngesihloko senduku eyayisesandleni sami; bheka, sengizakufa.
44USawule wathi: Makenze njalo uNkulunkulu, enezele futhi, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani.
45Abantu bathi kuSawule: Uyakufa yini uJonathani okwenzile lokhokusindisa okukhulu kwaIsrayeli na? Makube-kude; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenzile noNkulunkulu namuhla. Abantu bamhlenga ukuba angafi.
USawule uyalwa nezizwe eziningi
46USawule wayesenyuka ebuya ekulandeleni amaFilisti; amaFilisti aya endaweni yawo.
47USawule esethathile umbuso wakwaIsrayeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, noEdomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula.
48Wenza okobuqhawe, wanqoba amaAmaleki, wamophula uIsrayeli esandleni sabaphangi.
Abomuzi kaSawule
49Amadodana kaSawule ayengoJonathani, noIshivi, noMaliki-Shuwa; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa: igama lenkulu lalinguMerabi, igama lencane lalinguMikhali.
50Igama lomkaSawule lalinguAhinohama indodakazi ka-Ahimahazi; igama lenduna yempi yakhe lalinguAbineri indodana kaNeri uyisekazi kaSawule.
51UKishi uyise kaSawule noNeri uyise ka-Abineri babengamadodana kaAbiyeli.
52Kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule; lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla wazithathela bona.