Ukuzalwa kukaSamuweli
1Kwakukhona umuntu waseRamatayimi-Sofimu lasezintabeni zakwaEfrayimi ogama lakhe lalinguElkana indodana kaJerohamu kaElihu kaThohu kaSufi wakwaEfrayimi;
2wayenabafazi ababili, igama lomunye lalinguHana, igama lomunye lalinguPhenina; uPhenina wayenabantwana, kepha uHana wayengenabantwana.
3Lowomuntu wenyuka emzini wakhe iminyaka ngeminyaka ukukhonza nokuhlabela uJehova-Sebawoti eShilo. Kwakukhona lapho amadodana amabili kaEli, oHofini noFinehasi, bengabapristi bakaJehova.
4Kwathi ngosuku uElkana ahlaba ngalo, wanika uPhenina umkakhe nawo onke amadodana akhe namadodakazi akhe izabelo;
5kepha wanika uHana isabelo siphindwa kabili, ngokuba wayemthanda uHana, kepha uJehova wayesivalile isizalo sakhe.
6Isitha sakhe samncokoloza kakhulu ukuba amthukuthelise, ngokuba uJehova wayesivalile isizalo sakhe.
7Kwathi ukuba uElkana enze njalo iminyaka ngeminyaka, lapho enyukela endlini kaJehova, wamncokoloza kanjalo; ngalokho wakhala, akadlanga-lutho.
8Wayesethi uElkana umyeni wakhe kuye: Hana, ukhalelani na? Awudli ngani? Inhliziyo yakho idabukeleni na? Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na?
9UHana wasukuma, nxa sebedlile eShilo, bephuzile. UEli umpristi wayehlezi esihlalweni sakhe ngasensikeni yomnyango wethempeli likaJehova.
10Umphefumulo wakhe wawunomunyu, wakhuleka kuJehova, wakhala kakhulu.
11Wenza isithembiso, wathi: JehovaSebawoti, ubheke nokubheka ukuhlupheka kwencekukazi yakho, ungikhumbule, ungakhohlwa incekukazi yakho, unike incekukazi yakho umntwana wesilisa, besengimnika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kungathinti-mpuco ekhanda lakhe.
12Kwathi esaqhubeka ukukhuleka phambi kukaJehova, uEli waqaphela umlomo wakhe.
13UHana wayekhuluma enhliziyweni yakhe, kwabikizela izindebe zakhe zomlomo kuphela, kepha izwi lakhe lalingezwakali; ngalokho uEli wacabanga ukuthi udakiwe.
14UEli wathi kuye: Uyakudakwa kuze kube-nini na? Susa iwayini lakho kuwe.
15UHana waphendula wathi: Hayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova.
16Ungasho ukuthi incekukazi yakho ingowesifazane omubi, ngokuba kungobuningi bosizi lwami nangokuncokolozwa kwami ngikhulumile kuze kube-manje.
17Wayesephendula uEli ethi: Hamba ngokuthula; uNkulunkulu wakwaIsrayeli makakunike okucelileyo kuye.
18Wathi: Incekukazi yakho mayifumane umusa emehlweni akho. Owesifazane wayesehamba, wadla, ubuso bakhe ababe busanyukumala.
19Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika endlini yabo eRama; uElkana wamazi uHana umkakhe, uJehova wamkhumbula.
20Kwathi sesiphelele isikhathi, uHana wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamuweli, ethi: Ngimcelile kuJehova.
21Lowomuntu uElkana wenyuka kanye nendlu yakhe ukuyonikela kuJehova umhlatshelo weminyaka nesithembiso sakhe.
22Kepha uHana akenyukanga, ngokuba wathi kumyeni wakhe: Hayi aze alunyulwe umntwana; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona njalo.
23Wayesethi uElkana umyeni wakhe kuye: Yenza okuhle emehlweni akho; hlala uze umlumule; uJehova makaqinise izwi lakhe kuphela. Owesifazane wayesehlala, wancelisa indodana yakhe waze wayilumula.
24Eseyilumulile wenyuka nayo enezinkunzi ezintathu, ne-efa* lempuphu, nemvaba yewayini, wakuyisa endlini kaJehova eShilo; umntwana wayesemncane.
25Bahlaba inkunzi, bamyisa umntwana kuEli.
26Wathi: E nkosi, kuphila komphefumulo wakho, nkosi yami, ngingowesifazane owayemi kuwe lapha, ekhuleka kuJehova.
27Ngamkhulekela lomntwana; uJehova unginikile lokho engakucela kuye;
28ngalokho nami ngimnikele kuJehova; zonke izinsuku zokuphila kwakhe unikelwe kuJehova. Bakhuleka kuJehova khona.