Ukuganwa kukaSolomoni
1USolomoni wahlangana ngobuhlobo noFaro inkosi yaseGibithe, wathatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha indlu yakhe, nendlu kaJehova, nogange lwaseJerusalema nxazonke.
2Nokho abantu babehlaba ezindaweni eziphakemeyo, ngokuba kwakungakhelwanga igama likaJehova indlu kwaze kwaba-yilezozinsuku.
3USolomoni wamthanda uJehova, wahamba ngezimiso zikaDavide uyise; kepha wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
Ukuhlaba kukaSolomoni nephupho lakhe eGibeyoni
4Inkosi yaya eGibeyoni ukuhlabela khona, ngokuba kwakuyindawo ephakemeyo enkulu; uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane ealtare lelo.
5EGibeyoni uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku; uNkulunkulu wathi: Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.
6USolomoni wathi: Wenzele inceku yakho uDavide ubaba umusa omkhulu njengokuhamba kwakhe phambi kwakho ngeqiniso, nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela futhi lowomusa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi, njengokuba kunjalo namuhla.
7Manje, Jehova Nkulunkulu wami, ubekile inceku yakho inkosi esikhundleni sikaDavide ubaba; ngingumntwana omncane nje, angikwazi nokungena nokuphuma.
8Inceku yakho iphakathi kwabantu bakho obakhethileyo, isizwe esikhulu, esingenakubalwa, esingenakuthathwa umumo waso ngobuningi.
9Ngalokho yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi, ngokuba ngubani ongahlulela lababantu bakho abakhulu kangaka na?
10Leyonkulumo yabanhle emehlweni eNkosi ukuba uSolomoni wayecelé leyonto.
11Wathi uNkulunkulu kuye: Ngokuba ucelé leyonto, ungazicelelanga izinsuku eziningi, ungazicelelanga namfuyo, ungacelanga futhi ukufa kwezitha zakho, uzicelele ukwahlukanisa lokho okuzwayo ekwahluleleni,
12bheka, ngenzile njengezwi lakho: nakhu, ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda, okungazange kubekhona okunjengakho ngaphambi kwakho nokungayikuvela futhi okunjengakho nangasemva kwakho.
13Ngikunika futhi nalokho ongakucelanga, imfuyo nodumo, ngangokuba kungayikubakho onjengawe phakathi kwamakhosi zonke izinsuku zakho.
14Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho uyihlo uDavide wahamba, ngiyakwandisa izinsuku zakho.
15USolomoni wayesephaphama; bheka, kwakuyiphupho; waya eJerusalema, wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova, wanikela ngeminikelo yokushiswa, wanikela ngeminikelo yokuthula, wazenzela izinceku zakhe zonke idili.
Ukuhlakanipha kukaSolomoni ekwahluleleni
16Khona kwafika enkosini abesifazane ababili abayizifebe, bema phambi kwayo.
17Omunye owesifazane wathi: E nkosi, mina nalowesifazane sihlala-ndlininye; ngabeletha nginaye endlini.
18Kwathi ngosuku lwesithathu sengibelethile, lowesifazane wabeletha naye; sasindawonye, kwakungekho-mfokazi nathi endlini, kuyithina sobabili kuphela.
19Umfana walowesifazane wafa ebusuku, ngokuba walala phezu kwakhe.
20Wavuka phakathi kwamabili, wathatha umfana wami eceleni kwami, incekukazi yakho ilele ubuthongo, wambeka esifubeni sakhe, wabeka umfana wakhe ofileyo esifubeni sami.
21Lapho sengivuka ekuseni ukuba ngimncelise umfana wami, bheka, wayesefile; kepha sengimbhekisisa ekuseni, bheka, kwakungesiye umfana wami engimzeleyo.
22Wayesethi omunye owesifazane: Qha, ophilayo ungumfana wami, ofileyo ngumfana wakho. Kepha yena wathi: Qhabo, ofileyo ungumfana wakho, ophilayo ngumfana wami. Bakhuluma kanjalo phambi kwenkosi.
23Yayisithi inkosi: Omunye uthi: Ngowami lomfana ophilayo, ngumfana wakho ofileyo; omunye uthi: Qha, ngumfana wakho ofileyo, ngumfana wami ophilayo.
24Yathi inkosi: Ngiletheleni inkemba. Baletha inkemba enkosini.
25Yathi-ke inkosi: Mdabuleni kabili umntwana ophilayo, ninike omunye inxenye nomunye inxenye.
26Wayesekhuluma enkosini owesifazane ongowakhe umntwana ophilayo, ngokuba izibilini zakhe zavutha ngomntanakhe, wathi: E nkosi, mnike yena umntwana ophilayo, ungambulali nakanye, kepha omunye wathi: Makangabi-ngowami nangowakho; mdabuleni.
27Yayisithatha inkosi, yathi: Mnikeni lowo umntwana ophilayo, ningamdabuli nakanye; nguye ongunina.
28UIsrayeli wonke wezwa lesosahlulelo esenziwe yinkosi; bayesaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakukuyo ekwahluleleni kwayo.