UAhabi uhlangana noJehoshafati
1Bahlala iminyaka emithathu kungekho ukulwa phakathi kweAramu noIsrayeli.
2Kwathi ngomnyaka wesithathu uJehoshafati inkosi yakwaJuda wehlela enkosini yakwaIsrayeli.
3Inkosi yakwaIsrayeli yathi ezincekwini zayo: Niyazi ukuthi iRamoti-Gileyadi lingelethu na? Kepha siyathula, asilikhiphi esandleni senkosi yaseAramu.
4Yathi kuJehoshafati: Uyakuhamba nami ukulwa neRamoti-Gileyadi na? UJehoshafati wathi enkosini yakwaIsrayeli: Mina nginjengawe, abantu bami banjengabantu bakho, amahashi ami anjengamahashi akho.
5Kepha uJehoshafati wathi enkosini yakwaIsrayeli: Ake ubuze namuhla izwi likaJehova.
6Inkosi yakwaIsrayeli yayisibutha abaprofethi kungathi abantu abangamakhulu amane, yathi kubo: Ngihambe ngilwe neRamoti-Gileyadi, noma ngiliyeke na? Bathi: Yenyuka, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.
7Kepha uJehoshafati wathi: Akusekho-mprofethi kaJehova lapha ukuba sibuze kuye na?
8Inkosi yakwaIsrayeli yathi kuJehoshafati: Kusekhona umuntu munye, uMikhaya, indodana kaJimila, esingabuza ngaye kuJehova, kodwa ngiyamzonda, ngokuba akaprofethi okuhle ngami kepha okubi. Wathi uJehoshafati: Inkosi mayingasho njalo.
9Inkosi yakwaIsrayeli yayisibiza induna, yathi: Landa masinyane uMikhaya indodana kaJimila.
10Inkosi yakwaIsrayeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda babehlezi, kwaba-yilowo nalowo esihlalweni sakhe sobukhosi, bembethe izambatho zabo, esibuyeni ngasesikhaleni sesango laseSamariya; bonke abaprofethi baprofetha phambi kwabo.
11USedekiya indodana kaKhenahana wazenzela izimpondo zensimbi, wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Ngalezi uyakuqhubukusha ama-Aramu aze aphele.
12Bonke abaprofethi baprofetha kanje, bathi: Yenyukela eRamoti-Gileyadi, ube-nempumelelo, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.
13Isithunywa ebesihambile ukumbiza uMikhaya sakhuluma kuye, sathi: Bheka, amazwi abaprofethi mahle enkosini ngamlomo munye; ngalokho izwi lakho malibe-njengezwi lomunye wabo, ukhulume okuhle.
14Kepha uMikhaya wathi: Kuphila kukaJehova, lokhu uJehova akushoyo kimi, lokhu ngiyakukhuluma khona.
15Esefikile enkosini, inkosi yathi kuye: Mikhaya, sihambe silwe neRamoti-Gileyadi, noma siliyeke, na? Wathi kuyo: Yenyuka, ube-nempumelelo; uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.
16Yayisithi kuye inkosi: Ngiyakukufungisa izikhathi ezingaki ukuba ungakhulumi-lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaJehova na?
17Wayesethi: Ngabona wonke uIsrayeli ehlakazekile ezintabeni njengezimvu ezingenamalusi; uJehova wathi: Laba abasenankosi; mababuyele, kube-yilowo nalowo endlini yakhe ngokuthula.
18Yayisithi inkosi yakwaIsrayeli kuJehoshafati: Angishongo yini kuwe ukuthi akayikuprofetha okuhle ngami, okubi kuphela.
19UMikhaya wathi: Ngalokho yizwa izwi likaJehova lokuthi: Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.
20UJehova wathi: Ngubani oyakuyenga uAhabi ukuba enyuke afele eRamoti-Gileyadi na? Omunye washo ukuthi nomunye ukuthi.
21Kwavela umoya, wema phambi kukaJehova, wathi: Mina ngiyakumyenga. UJehova wathi kuye: Ngantoni na?
22Wathi: Ngiyakuphuma ngibe-ngumoya wamanga emilonyeni yabaprofethi bakhe bonke. Wayesethi: Uyakumyenga, futhi uyakumahlula; hamba, wenze njalo.
23Bheka, ngalokho uJehova ubekile umoya wamanga emilonyeni yalababaprofethi bakho bonke; uJehova ukhulumile okubi ngawe.
24USedekiya indodana kaKhenahana wayesesondela, wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: UMoya kaJehova wasuka kimi ngaphi ukuba akhulume kuwe na?
25Wathi uMikhaya: Bheka, uyakukubona ngalolosuku oyakungena ngalo emakamelweni ngamakamelo ukuba ucashe.
26Inkosi yakwaIsrayeli yathi: Mthathe uMikhaya, umbuyisele kuAmoni umbusi womuzi nakuJowashi indodana yenkosi,
27uthi: Isho kanje inkosi, ithi: Fakani lona etilongweni, nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.
28Wayesethi uMikhaya: Uma ubuya impela ngokuphila, uyakube engakhulumanga ngami uJehova. Wathi futhi: Yizwani nina-bantu bonke.
29Inkosi yakwaIsrayeli noJehoshafati inkosi yakwaJuda base benyukela eRamoti-Gileyadi.
30Inkosi yakwaIsrayeli yathi kuJehoshafati: Ngiyakuziguqula, ngingene ekulweni, kepha wena wembathe izambatho zakho. Yayisiziguqula inkosi yakwaIsrayeli, yangena ekulweni.
31Kepha inkosi yaseAramu ibiyalile izinduna ezingamashumi amathathu nambili zezinqola zayo ngokuthi: Ningalwi namuntu, omncane noma omkhulu, kuphela nenkosi yakwaIsrayeli yodwa.
32Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati, zathi: Impela lo uyinkosi yakwaIsrayeli; zase ziphambuka ukuba zilwe nayo, kepha uJehoshafati wamemeza.
33Kwathi sezibonile izinduna zezinqola ukuthi yena akasiyo inkosi yakwaIsrayeli, zabuya ekumlandeleni.
34Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungazeleli nje, wayihlaba inkosi yakwaIsrayeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi, yathi kumshayeli: Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe.
35Ukulwa kwaqina ngalolosuku; inkosi yasekelwa enqoleni yayo malungana nama-Aramu, yafa ngakusihlwa; igazi lenxeba laphalazeka phansi enqoleni.
36Ekushoneni kwelanga kwadlula ekamu* lonke isimemo sokuthi: Yilowo nalowo makaye emzini wakubo, yilowo nalowo ezweni lakubo.
37Yafa-ke inkosi, yayiswa eSamariya; bayimbela inkosi eSamariya.
38Sebeyihlanza inqola echibini laseSamariya, izinja zaxhapha igazi lakhe, nezifebe zageza khona njengezwi likaJehova abelikhulumile.
39Ezinye izindaba zika-Ahabi, nakho konke akwenzayo, nendlu yezimpondo zendlovu ayakhayo, nayo yonke imizi ayakhayo, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli na?
40UAhabi wayeselala koyise; uAhaziya waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
UJehoshafati uyinkosi kwaJuda; uAhaziya uyinkosi kwaIsrayeli
41UJehoshafati indodana ka-Asa waqala ukubusa kwaJuda ngomnyaka wesine ka-Ahabi inkosi yakwaIsrayeli.
42UJehoshafati wayeneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amabili nanhlanu eJerusalema. Igama likanina lalinguAzuba indodakazi kaShilehi.
43Wahamba ngezindlela zonke zika-Asa uyise, kaphambukanga kuzo, enza okulungile emehlweni kaJehova. Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesanikela, babesashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
44UJehoshafati wenza ukuthula nenkosi yakwaIsrayeli.
45Ezinye izindaba zikaJehoshafati, namandla awabonakalisayo, nokulwa kwakhe, angithi kulotshiwe ezincwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
46Insali yezifebe zethempeli ezazisasele emihleni kayise uAsa wayixosha ezweni.
47Kwakungekho-nkosi kwaEdomi; kwabusa umbambeli.
48UJehoshafati walungisa imikhumbi yaseTharishishi ukuba iye eOfiri ukulanda igolide, kepha ayihambanga, ngokuba imikhumbi yaphuka e-Esiyoni-Geberi.
49Khona uAhaziya indodana ka-Ahabi wathi kuJehoshafati: Izinceku zami mazihambe nezinceku zakho emikhunjini. Kepha uJehoshafati akavumanga.
50UJehoshafati wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide uyise; uJehoramu indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
51UAhaziya indodana ka-Ahabi waqala ukubusa kwaIsrayeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesikhombisa kaJehoshafati inkosi yakwaJuda, wabusa iminyaka emibili kwaIsrayeli.
52Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela kayise, nangendlela kanina, nangendlela kaJerobowamu indodana kaNebati ayonisile uIsrayeli.
53Wakhonza uBali, wakhuleka kuye, wacunula uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli njengakho konke akwenzileyo uyise.