Amazwi okugcina kaDavide. Ukufa nokumbelwa kwakhe
1Izinsuku zikaDavide zasondela ekufeni; wayesemyala uSolomoni indodana yakhe, ethi:
2Mina sengihamba indlela yawo wonke umhlaba; ngalokho qina, ube-yindoda,
3ugcine isiyalezo sikaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nobufakazi bakhe njengokulotshiweyo emthethweni kaMose, ukuze uphumelele kukho konke okwenzayo nakukho konke okubhekayo,
4ukuze uJehova aqinise izwi lakhe alikhuluma ngami ngokuthi: Uma abantwana bakho begcina indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami eqinisweni ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo, awuyikuntula-muntu — washo njalo — esihlalweni sobukhosi sakwaIsrayeli.
5Futhi wena uyazi okwenziwayo kimi nguJowabe indodana kaSeruya, nalokho akwenzayo kuzo izinduna ezimbili zezimpi zakwaIsrayeli, oAbineri indodana kaNeri noAmasa indodana kaJetheri, owababulala, wachitha igazi lokulwa ngesikhathi sokuthula, wabeka igazi lokulwa kulo ibhande* lakhe elalisokhalweni lwakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.
6Yenza njengokuhlakanipha kwakho, ungayehlisi impunga ngokuthula endaweni yabafileyo.
7Kepha yiba-nomusa kumadodana kaBarizilayi wakwaGileyadi, abe-khona phakathi kwabadla ngasetafuleni lakho, ngokuba eza kanjalo kimi mhla ngabalekela uAbisalomu umfowenu.
8Bheka, ukhona nawe uShimeyi indodana kaGera wakwaBenjamini waseBahurimi, owangithuka ngokuthuka okwesabekayo mhla ngiya eMahanayimi; kepha wehla ukungihlangabeza ngaseJordani, ngafunga kuye uJehova ngokuthi: Angiyikukubulala ngenkemba.
9Ngalokho ungamyeki abe-ngongenacala, ngokuba wena ungumuntu ohlakaniphileyo, uyakwazi okufanele ukuba ukwenze kuye, wehlise impunga endaweni yabafileyo inegazi.
10UDavide wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide.
11Izinsuku uDavide abusa ngazo phezu kukaIsrayeli zaziyiminyaka engamashumi amane; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni, iminyaka engamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema.
Izijeziso zika-Adoniya, noAbiyathara, noJowabe, noShimeyi
12USolomoni wayesehlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide uyise; umbuso wakhe waqiniswa kakhulu.
13Wayesefika uAdoniya indodana kaHagiti kuBati-Sheba unina kaSolomoni. Wathi: Uzé nokuthula na? Wathi yena: Yebo, ngizé nokuthula.
14Wayesethi: Nginendaba kuwe. Wathi: Khuluma.
15Wathi-ke: Uyazi wena ukuthi umbuso wawungowami nokuthi wonke uIsrayeli wabhekisa kimi ubuso bakhe ukuba ngibuse; kepha umbuso usuguquliwe, sewaba-ngowomfowethu, ngokuba wawuthola kuJehova.
16Sengicela into inye kuwe, ungangifulatheli. Wathi kuye: Khuluma.
17Wayesethi: Ake ukhulume kuSolomoni inkosi, ngokuba akayikukufulathela wena, ukuba anginike uAbishagi waseShunemi abe-ngumkami.
18UBati-Sheba wathi: Kulungile; ngizakukukhulumela enkosini.
19Wayesehamba uBati-Sheba, waya enkosini uSolomoni ukuba amkhulumele uAdoniya kuyo. Inkosi yasukuma ukumhlangabeza, yamkhothamela, yahlala esihlalweni sayo sobukhosi, yambekela unina wenkosi isihlalo, wahlala ngakwesokunene sayo.
20Wayesethi kuyo: Nginesicelo sinye nje esincane kuwe; ungangifulatheli. Inkosi yathi kuye: Cela-ke, mame, ngokuba angiyikukufulathela.
21Wathi-ke: UAbishagi waseShunemi makanikwe kuAdoniya umfowenu, abe-ngumkakhe.
22Inkosi uSolomoni yaphendula, yathi kunina: Umcelelelani uAdoniya uAbishagi waseShunemi na? Mcelele nombuso futhi, ngokuba ungumnewethu; yebo, mcelele yena noAbiyathara umpristi, noJowabe indodana kaSeruya.
23Inkosi uSolomoni yayisifunga uJehova ngokuthi: UNkulunkulu makenze njalo kimi, enezele futhi, uma uAdoniya engakhulumanga lelizwi libe-ngelokufa kwakhe.
24Ngalokho, kuphila kukaJehova ongiqinisileyo, wangibeka esihlalweni sobukhosi sikaDavide ubaba, wangenza indlu njengokukhuluma kwakhe; namhla nje uyakubulawa uAdoniya.
25Inkosi uSolomoni yayisithumela ngesandla sikaBenaya indodana kaJehoyada: wamsukela; wafa.
26Inkosi yathi kuAbiyathara umpristi: Hamba uye eAnathoti emasimini akho, lokhu ungowokufa, kepha angiyikukubulala namuhla, ngokuba wawuwuthwala umphongolo weNkosi uJehova phambi kukaDavide ubaba, wahlupheka ngakho konke ubaba ahlupheka ngakho.
27USolomoni wayesemxosha uAbiyathara, angabe esaba-ngumpristi kuJehova, ukuba agcwalise izwi likaJehova alikhuluma ngendlu kaEli eShilo.
28Lapho kufika umbiko kuJowabe — ngokuba uJowabe wayemlandele uAdoniya noma engamlandelanga uAbisalomu — uJowabe wabaleka, waya etendeni likaJehova, wabamba izimpondo zealtare.
29Inkosi uSolomoni yatshelwa ukuthi: UJowabe ubalekele etendeni likaJehova; bheka, ungasealtare. USolomoni wayesethuma uBenaya indodana kaJehoyada ngokuthi: Hamba, umsukele.
30UBenaya wafika etendeni likaJehova, wathi kuye: Isho kanje inkosi, ithi: Phuma. Wathi: Qha; ngiyakufela lapha. UBenaya wabuyisela enkosini izwi lokuthi: Washo njalo uJowabe, wangiphendula kanjalo.
31Inkosi yathi kuye: Yenza njengokusho kwakhe, umsukele, ummbele, ukuba ususe kimi nakuyo indlu kababa igazi elachithwa ngeze nguJowabe.
32UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye, wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: uAbineri indodana kaNeri, induna yempi yakwaIsrayeli, noAmasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.
33Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekhanda lenzalo yakhe kuze kube-phakade; kepha kuDavide, nakuyo inzalo yakhe, nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba-ngukuthula kuze kube-phakade, kuvela kuJehova.
34Wayesenyuka uBenaya indodana kaJehoyada, wamsukela, wambulala; wembelwa endlini yakhe ehlane.
35Inkosi yayisimbeka uBenaya indodana kaJehoyada phezu kwempi esikhundleni sakhe; uSadoki umpristi inkosi yambeka esikhundleni sika-Abiyathara.
36Inkosi yathuma yambiza uShimeyi, yathi kuye: Zakhele indlu eJerusalema, uhlale khona, ungaphumi lapho ukuyandawo.
37Ngokuba mhla uphuma, uwele umfudlana iKidroni, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba-sekhanda lakho.
38Wayesethi uShimeyi enkosini: Lelozwi lilungile; inceku yakho iyakwenza njengokusho kwenkosi yami, inkosi. UShimeyi wahlala eJerusalema izinsuku eziningi.
39Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emithathu izinceku ezimbili zikaShimeyi zabaleka, zaya kuAkhishi indodana kaMahakha inkosi yaseGati. UShimeyi watshelwa ukuthi: Bheka, izinceku zakho ziseGati.
40Wayesesuka uShimeyi, wabophela imbongolo yakhe, waya eGati kuAkhishi ukuba afune izinceku zakhe; wahamba uShimeyi, wazibuyisa izinceku zakhe eGati.
41Kwabikelwa uSolomoni ukuthi uShimeyi wayesukile eJerusalema ukuya eGati nokuthi ubuyile.
42Inkosi yayisithuma yambiza uShimeyi, yathi kuye: Angithi ngikufungisile uJehova, ngaqinisa kuwe ukuthi: Mhla uphuma uye nomaphi, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa, na? Wathi kimi: Izwi engilizwileyo lihle.
43Pho, awugcinanga ngani isifungo sikaJehova nomyalo engakuyala ngakho na?
44Inkosi yathi futhi kuShimeyi: Wena uyazi konke okubi okwaziwa yinhliziyo yakho, owakwenza kuDavide ubaba; ngalokho uJehova uyakubuyisela ububi bakho ekhanda lakho.
45Kepha inkosi uSolomoni iyakubusiswa, nesihlalo sobukhosi sikaDavide siyakuqiniswa phambi kukaJehova kuze kube-phakade.
46Ngokuyala kwenkosi uBenaya indodana kaJehoyada waphuma wamsukela; wafa. Umbuso wawusulokhu uqiniswa njalo esandleni sikaSolomoni.