Abafazi bakaSolomoni nokuduka kwakhe
1Inkosi uSolomoni yathanda abesifazane abaningi bezizwe kanye nendodakazi kaFaro, abangamaMowabikazi, nama-Amonikazi, namaEdomikazi, namaSidonikazi, namaHetikazi,
2abezizwe uJehova ayeshilo ngabo kwabakwaIsrayeli ukuthi: Aniyikungena kubo, nabo bangangeni kini, ngokuba impela bayakuziphambukisa izinhliziyo zenu, zize zilandele onkulunkulu babo. Kulabo uSolomoni wanamathela ngothando.
3Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa abangamadodakazi amakhosi, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe.
4Kwathi uSolomoni esemdala, omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu; inhliziyo yakhe yayingekho kuJehova uNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide uyise.
5USolomoni walandela uAshitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni noMilkomu isinengiso sabakwa-Amoni.
6USolomoni wenza okubi emehlweni kaJehova, kamlandelanga uJehova ngokupheleleyo njengoDavide uyise.
7USolomoni wakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni engaphambi kweJerusalema, noMoloki isinengiso sabantwana bakwa-Amoni.
8Wabenzela kanjalo bonke omkakhe bezizwe abashisa impepho, bahlabela onkulunkulu babo.
9UJehova wamthukuthelela uSolomoni, ngokuba inhliziyo yakhe yayiphambukile kuJehova uNkulunkulu kaIsrayeli owayebonakele kuye kabili,
10wamyala ngalento yokuthi akayikulandela abanye onkulunkulu; kepha akagcinanga lokho uJehova amyalé ngakho.
11Ngalokho uJehova wathi kuSolomoni: Njengokuba wenzile lokho wena, ungagcinanga isivumelwano sami nezimiso zami engikuyalé ngakho, ngiyakuwuhlwitha nokuhlwitha umbuso kuwe, ngiwunike inceku yakho.
12Kepha angiyikukwenza emihleni yakho ngenxa kaDavide uyihlo, kodwa ngiyakuwuhlwitha esandleni sendodana yakho.
13Nokho wonke umbuso angiyikuwuhlwitha, kepha ngiyakunika indodana yakho isizwe sibe-sinye ngenxa kaDavide inceku yami nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo.
UNkulunkulu umvusela uSolomoni izitha
14UJehova wamvusela uSolomoni omelana naye, uHadadi wakwaEdomi; wayengowozalo lwenkosi yakwaEdomi.
15Kwathi uDavide ekwaEdomi, noJowabe induna yempi enyukele ukumbela ababuleweyo, ebacekile bonke abesilisa kwaEdomi —
16ngokuba uJowabe naye wonke uIsrayeli bahlala khona izinyanga eziyisithupha, waze waqeda bonke abesilisa kwaEdomi —
17uHadadi wabaleka, yena nabakwaEdomi abathile bezinceku zikayise benaye, ukuya eGibithe, uHadadi esengumntwana omncane.
18Basuka kwaMidiyani, beza ePharanu; bathatha amadoda ePharanu, baya nawo eGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe; yena wamnika indlu, wamnqumela ukudla, wamnika nezwe.
19UHadadi wafumana umusa omkhulu emehlweni kaFaro, waze wamnika umlamu wakhe abe-ngumkakhe, udadewabo wenkosikazi uThahipenesi.
20Udadewabo kaThahipenesi wamzalela uGenubati indodana yakhe, uThahipenesi amlumula endlini kaFaro; uGenubati wayesendlini kaFaro phakathi kwamadodana kaFaro.
21UHadadi esezwile eGibithe ukuthi uDavide ulele koyise nokuthi uJowabe induna yempi ufile, uHadadi wathi kuFaro: Ngivumele ukuba ngihambe ngiye ezweni lakithi.
22UFaro wathi kuye: Uswele-ntoni lapha kimi ukuba ufune ukuya ezweni lakini na? Wathi: Lutho, kepha mangivunyelwe impela ukuba ngihambe.
23UNkulunkulu wamvusela omunye omelana naye, uRezoni indodana kaEliyada owayebalekele inkosi yakhe uHadadezeri inkosi yaseSoba.
24Lapho uDavide ebabulala, wazibuthela abantu, waba-yinduna yeviyo; baya eDamaseku, bahlala khona, babusa eDamaseku.
25Wamelana noIsrayeli zonke izinsuku zikaSolomoni phezu kokubi akwenzayo uHadadi, wanengwa nguIsrayeli, wabusa eAramu.
Isiprofetho sika-Ahiya
26UJerobowamu indodana kaNebati wakwaEfrayimi waseSereda, inceku kaSolomoni, ogama likanina lalinguSeruya, umfelokazi, naye waphakamisela enkosini isandla sakhe.
27Isizathu sokuba aphakamisele isandla sakhe enkosini sasiyilesi: USolomoni wayelakha iMilo, wavala isikhala emzini kaDavide uyise.
28Leyondoda uJerobowamu yayiyiqhawe elinamandla; uSolomoni wayibona leyonsizwa ukuthi ikhuthele emsebenzini wayo, wayibeka phezu kwawo wonke umsebenzi wendlu kaJosefa.
29Kwathi ngalesosikhathi, lapho uJerobowamu ephumile eJerusalema, umprofethi uAhiya waseShilo wamfumana endleleni, embethe ingubo entsha; labo bobabili babebodwa endle.
30UAhiya wayibamba leyongubo entsha eyayikuye, wayiklebhula imidweshu eyishumi nambili.
31Wayesethi kuJerobowamu: Zithathele imidweshu eyishumi, ngokuba uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli usho kanje, uthi: Bheka, ngiyakuhlwitha umbuso esandleni sikaSolomoni, nginike wena izizwe eziyishumi —
32kodwa yena uyakuba-nesizwe sibesinye ngenxa yenceku yami uDavide nangenxa yeJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ezizweni zonke zakwaIsrayeli —
33ngokuba bangishiyile, bakhuleka kuAshitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi, nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami, nezimiso zami, nezahlulelo zami njengoDavide uyise.
34Nokho angiyikususa wonke umbuso esandleni sakhe, kepha ngiyakumenza abe-yisikhulu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ngenxa kaDavide inceku yami engamkhethayo, owagcina imiyalo yami nezimiso zami;
35kodwa ngiyakuwukhipha umbuso esandleni sendodana yakhe, ngiwunike wena, izizwe eziyishumi.
36Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe-sinye, ukuze uDavide inceku yami abe-nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ukuba ngibeke khona igama lami.
37Ngiyakukuthatha wena, ubuse phezu kwakho konke okuthandwa yinhliziyo yakho, ube-yinkosi phezu kukaIsrayeli.
38Kuyakuthi uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami njengalokho akwenza uDavide inceku yami, ngiyakuba-nawe, ngikwakhele indlu eyiyo njengalokho ngamakhela uDavide, ngikunike uIsrayeli.
39Ngenxa yalokho ngiyakuyithobisa inzalo kaDavide, kodwa akuyikuba-njalonjalo.
40USolomoni wayesefuna ukumbulala uJerobowamu, kepha uJerobowamu wasuka, wabalekela eGibithe kuShishaki inkosi yaseGibithe, wahlala eGibithe waze wafa uSolomoni.
Ukufa kukaSolomoni
41Ezinye izindaba zikaSolomoni, nakho konke akwenzayo, nokuhlakanipha kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zikaSolomoni.
42Isikhathi uSolomoni abusa ngaso eJerusalema phezu kukaIsrayeli wonke sasiyiminyaka engamashumi amane.
43USolomoni wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide uyise; uRehobowamu indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.